Usefisa nokufa ohlinziswe okwenkomo
Usele nenkebenkebe abayithunge bangayivala
USEFISA nokuzibulala owesilisa waseJolivet, eningizimu yeKwaZuluNatal, ohlinzwe inkebenkebe yesilonda yisibhedlela iKing Edward VIII, esiseMbilo, eningizimu yeTheku maqede sangamthunga.
UMnu Sphamandla Ngcobo (26), uthi njalo uma esibona lesi silonda esisemlenzeni wakhe, siyamethusa angabe esayibona nento ayiphilelayo. Utshele ILANGA, ukuthi usikwe wuthayela ngenhla kwenkomishi yedolo wabe eseya esibhedlela iChrist the King, eHighflats, wathungwa lapho abelimele khona kwazise bekuvele inyama emhlophe.
Uthi kulesi sibhedlela akazange alaliswe njengoba ekhishwe ngehora lama-20:00 ebusuku. Ephuma esibhedlela kabamnikanga imithi yokugeza izitishi kodwa bamnike amaphilisi abathe makawadle uma ezwa izinhlungu.
“Ngalobo busuku engiphume ngabo esibhedlela, ngizwe izinhlungu ezinzima lapho ebengilimele khona. Ngize ngavuka ngayothoba ngamanzi anosawoti. Bangikhama ekhaya kwaphuma ubovu kwaba ngconywana.
"Kuthe uma ngibheka ngakusasa, umlenze ubusuqala ukudumba. Bebulokhu buphuma nje ubovu uma ngicindezela ezitishini. Ngiye eThekwini ngoba benginethemba lokuthi izibhedlela zakhona kazifani nezasemakhaya. Ngakusasa ngiye eKing Edward VIII ngafika khona bangihlinza, bangikhama baphinda bangitisha. Kudlule izinsukwana ba- phinda bangihlinzisa okwenkomo bangabe besangivala.
"Ngethuke ngoma ngakusasa unesi esethi uzongigeza isilonda esesivula kuvela into enjena. Namanje kangikakholwa wukuthi yimina lona osenjena,” kusho yena.
Uthi ngesikhathi isibhedlela simhlinza, kasizange simtshele ukuthi usehlinzelwani kulokhu kwesibili. Uthi akazi nokuthi kungani bemhlinze bamshiya kanjalo bangabe besamvala.
“Indlela lesi silonda esiyisona, kangiboni ukuthi ngisayophinde ngikwazi ukuzihambela njengoba bethi inyama izozibuyela. Kangiyiboni ngempela into engisayiphilela uma nginjena,” kuzikhalela uMnu Ngcobo.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uMnu Sam Mkhwanazi, akafunanga ukudalula ukuthi uze ahlinzwe angathungwa uMnu Ngcobo nje, bekwenzenjani.
Into ayishilo uthe ngokomthetho kabavumelekile ukuchaza ngokwelashwa kwesiguli ngaphandle uma begunyazwe wumthetho.
Uthe kuyenzeka kwesinye isikhathi isilonda somuntu singapholi ngoba kunezinye izinkinga asuke enazo ezenza lokho kodwa akasho ukuthi nakuMnu Ngcobo bekunjalo.
Kangiyiboni ngempela into engisayiphilela njengoba senginjena.