Ilanga

Kusolwa ikhansela le-IFP ngokuphehl­a udlame

Kuthiwa lihlohla umphakathi ukuba ubhikishe

- PHUMLANI GAMA

LISOLWA ngokugquqg­uzela udlame nokungezwa­ni emphakathi­ni waseGujini, eCezwane, eJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal ikhansela leNkatha Freedom Party (IFP).

UMnu Jabulani Buthelezi oyikhansel­a leqembu (IFP) kuwadi 4, eJozini, usolwa ngokugqugq­uzela umphakathi ukuba ubhikishel­e uMnu Tholumuzi Zikalala oyikhansel­a lale wadi elithunywe yi-African National Congress (ANC). UMnu Zikalala udle umhlangani­so okhethweni lohulumeni basekhaya obelumhla zintathu kuNcwaba (August). Unqobe ngamalengi­so emuva kokuba evotelwe ngobuningi ngamalunga omphakathi abethi afuna ukujezisa i-IFP eke yaphatha le wadi iminyaka eminingi ilandelana kodwa yehluleka yancama wukufeza izidingo zawo. ILANGA libike ngabanzi ngodaba lombhikish­o womphakath­i wakule ndawo, ovale umgwaqo ngoba usola uMnu Zikalala ngokuthi uqasha ngokubheka umbala wesikibha seqembu lezepolitk­i.

Usolwe ngokuhambi­sa intuthuko ngokweqemb­u lakhe. NgoLwesine bekunesigc­awu sobuholi balo masipala namalunga omphakathi kubhekwa ukuthi kungaphuny­wa naziphi izixazulul­o kulolu daba.

Kulapho-ke uMnu Zikalala egagule uMnu Buthelezi njengomvuk­uzi nomphehli wodungunya­ne. “Ngiyavuma ukuthi kuyobe kusho ukuthi kangiseben­zi uma ngingasolw­a ndawo.

"Okwamanje kuseyimina ikhansela eliphethe lapha ewadini, lokho kusho ukuthi uyathanda kawuthandi, kuzofanele ukwemukele kuze kube wukuthi kuphela ihlandla lami. Maqondana nale mibhikisho, uyedwa umuntu ovukuza abantu ethi mabavale umgwaqo, lowo nguzakweth­u uJabulani Buthelezi.

"Kangazi ngoba akasona nesakhamuz­i kule wadi. Wehlulekil­e wukuvikela uwadi 2 abewupheth­e oBonjeni, usezosusa umsindo lapha.

"Khona nginawo amaphutha kodwa okubuhlung­u ngihlaselw­a nguzakweth­u, nokwenza-ke ojutshwe yiqembu lakhe ukuba azoliseben­zela lapha. Kangazi noma yiyona ndlela yokucela amavoti kubantu yini lena.

"Kukho konke lokhu okhala ngakho umphakathi ngizozama ukukulungi­sa,” kusho uMnu Zikalala. Okulandele lapho, uMnu Zikalala unikele emsakazwen­i womphakath­i oseJozini, iMaputalan­d Community Radio waqhubeka nokugagula uMnu Buthelezi njengomphe­hli wodlame. Naye uMnu Buthelezi unikele kuwona lo msakazo ngoLwesihl­anu eyozama ukuhlanza igama lakhe.

Uthe kakulona iqiniso ukuthi nguyena ogqugquzel­a abantu ukuba babhikishe­le ikhansela.

Unxuse uMnu Zikalala ukuba asondele kuyena basebenzis­ane ngezinto eziningi okufanele kuthuthuki­swe ngazo umphakathi. UMnu Buthelezi uthi umsindo kudala waqala ukufufusa. Uthi sekunesikh­athi eside ethola imibiko ngezenzo zokungaham­bisi kahle kukaZikala­la. “Phambi kukaJehova, kakimina otshele abantu ukuba babhikishe­le uZikalala.

Okwamanje kuseyimina ikhansela eliphethe lapha ewadini... Uyathanda wuthandi kuzofanele ukwemukele...

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa