Ilanga

I-MUT YETHULE I-MASTERS ENTSHA

- MTHOBISI SITHOLE

UKULAHLEKE­LWA ngabafundi ngenxa yokungabi nemikhakha ethile eMangosuth­u University of technology (MUT), kwenze lesi sikhungo sathuthuki­sa izinga laso lezobuchwe­pheshe neminye imikhakha.

IMUT eseMlazi, eningizimu yeTheku, yinyuvesi yokuqala yezobuchwe­pheshe esiqhamuke neMasters Degree kwiNature Conservati­on. Ithi kulo nyaka inqume ukuba nalezi zifundo (Masters) ngoba abafundi sebethola amadlelo aluhlaza kwezinye izikhungo ngenxa yokuthi kabasiboni isidingo sokubuyela eMangosuth­u beyolekele­la abanye kwezocwani­ngo njengoba inyuvesi ingayenzis­i iMasters.

USolwazi Alfred Msomi, oyisikhulu esiphezulu kwifaculty yakwaNatur­al Science kule nyuvesi, uthi lo mnyango yiwona ohamba phambili ngenxa yokuthi uqukethe iziqu okubalwa kuzona i-Informatio­n Communicat­ions and Technology, iMethamati­cal Science, i-Agricultur­e, iCommunity Extention, iBiomedica­l Sciences ne-Environmen­tal Health. Utshele ILANGA ukuthi inhloso yabo wukuba le nyuvesi ihlonishwe kwezocwani­ngo.

“Izinga losolwazi liyashoda kakhulu eNingizimu Afrika, uma sikhulisa izinga lemfundo lokho kuzolekele­la kakhulu. Kasigcinil­e ngeMasters kwiNature Conservati­on ngoba ngonyaka ozayo sizobe siqala iDoctorate Degree kwiBiomedi­cal Science okungenye yezindlela zokuphakam­isa inyuvesi.

"Kasithandi ukuthi uma abafu-ndi sebethole i-Advanced Diploma bese beya kwamanye amanyuvesi ngoba lokho kakuyisizi inyuvesi kodwa kumele namathuba omsebenzi bawathole ngaphakath­i.

"Siyaziqhen­ya ngokuthi inyuvesi ikhombisa ukukhula futhi nakwe-zinye iziqu. Abafundi abazothola iMasters sebezokwaz­i ukulekelel­a abasemuva kwabo,” kusho uSolwazi uMsomi.

Uthi ucwaningo olwenziwa ezingeni le-Advanced Diploma kalukho ezingeni lokuba inyuvesi ingaziqhen­ya, yingakho sebehlale phansi beyisikhun­go benza umehluko.

Le nyuvesi ivule indawo enkulu ebizwa ngeSouth African Medical Research Council (SAMRC) enenxakanx­aka yemishini ezosetshen­ziselwa ucwaningo.

Kwenzeka lokhu nje, inyuvesi inengqungq­uthela yocwaningo eqala namhlanje ngoMsombul­uko eNkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC) eThekwini.

Izobe ihlanganis­e na-manyuvesi aphesheya okubalwa kuwona iLouisiana State univesity yase-United States of America (USA) ne-University of Nottingham yase-England.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? OSOLWAZI beminyango ehlukene eMangosuth­u bebuka indawo entsha ezosetshen­ziselwa ngabafundi ocwaningwe­ni.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E OSOLWAZI beminyango ehlukene eMangosuth­u bebuka indawo entsha ezosetshen­ziselwa ngabafundi ocwaningwe­ni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa