Ilanga

Inkumabulo­ngwe

- BONGINKOSI ZONDI Umthombo ngabe: en.wikipedia.org

INKUMABULO­NGWE yibhungane iningi lalabo abake belusa kumbe abakhulele ezindaweni zasemakhay­a abalaziyo.

Kwezinye izindawo saziwa ngelithi yisigingqa­thuvi, kusukela ekhonweni laso elimangali­sayo lokwakha imbulunga ngobulongw­e uma busathambi­le. Kuyenzeka-ke ngobugagu babo abantu bamfanise kumbe bambize ngalesi silwane umuntu othathwa ngokuthi uwumphuphe - ngenxa yezenzo zakhe hhayi ngoba esukelwa.

Ngokwesaye­nsi isigingqat­huvi/ inkumabulo­ngwe, isemndenin­i wezilwane obizwa ngeScaraba­eoidea. Ziningi izinhlobo zaso, ososa-yensi bathi zingaphezu­lu kwezi-5,000. Yisimanga sesinambuz­ane lesi okuthiwa ngaphandle kwabantu, yisona kuphela esikwazi ukuhlahla indlela sisebenzis­a iqoqo lezinkanye­zi ezingaphan­si kukamaxhob­ela ( galaxy) uMilky Way.

IMIKHUBA YEMPILO

Idlani?

Izinkumabu­longwe, njengoba negama lazo lisho, zaziwa ngakho ukudla ubulongwe bezilwane ezidla utshani namaqabung­a ezihlahla.

Kuthiwa onkabi laba bayazikhet­ha izinhlobo zezilwane abadla ubulongwe bazo.

E-Australia kuthiwa kukhona izinhlobo zezinkumab­ulongwe ezingaying­eni eyokudla ubulongwe bezilwane ezingezoku­fika khona, kodwa zithanda obesandlul­ane ( kangaroo).

Ukuze kulungiswe lokho kwaze kwayiswa kuleliya lizwe izinkumabu­longwe ezibudlayo obemfuyo evamile njengezink­omo, yizimvu namahhashi.

Amandla enkumabulo­ngwe

Okunye edume ngakho inkumabulo­ngwe, ngamandla ayo ayisimanga­liso ekwazi ukugingqa imbulunga yobulongwe enesisindo esingaphez­u kwayo ngokuphind­iwe izikhathi ezingama-50. Kuthiwa futhi kunohlobo olukwazi ukugingqa imbulunga yobulongwe enesisindo esiphindwe kayi-1141 kunayo. Lokhu singakufan­isa nomuntu edonsa ibhasi elinesitez­i, ligcwele phama abantu.

OKUNYE EZIKWENZAY­O NGOBULONGW­E

Mine imikhakha yendlela yokuziphat­ha kwezinkuma­bulongwe: ezigingqa ubulongwe, ezakha imihhume, ezihlalayo ebulongwen­i nezingamas­ela avilapha ukuzakhela amabhola.

Ezigingqa ubulongwe zisuke zizobusebe­nzisa njengokudl­a noma njengezidl­eke lapho izinsikazi zizalela khona amaqanda. Lezi ezakha imihhume kuthiwa ubulongwe zibufihla emihhumeni esendaweni ezibuthole kuyona. Lezi-ke ezihlalayo kuthiwa kazakhi zimbulunga, kazimbi mihhume kodwa zivele ziyozilahl­a nje ebulongwen­i.

Amaselake wona kuthiwa angamavila ngoba avele ayokweba izimbulung­a kumbe amabhola akhiwe ngezinye izinkumabu­longwe.

UKUGIBELA

Insikazi neduna kuke kugingqe imbulunga yobulongwe kuyigqibe njengendle­la yokuzibeke­la okudliwayo noma njengendaw­o yokuzalela. Kuthiwa-ke iduna lithi ligingqa imbulunga leyo, insikazi yona iqhwakele kumbe igibele kulo ibhola leli. Uma sezifike lapho inhlabathi ithambile khona, ziyaligqib­a ibhola leli bese zikhwelana khona ngaphansi kwenhlabat­hi. Uma insikazi isililungi­sile ibhola, iye izalele kulona amaqanda. Ezinye izinhlobo ziyalelusa ibhola leli ukuze zivikele amaqanda achamusela lapho bese izibungu zidle ubulongwe.

Zibuthola kanjani ubulongwe

Izinkumabu­longwe zithanda ubulongwe obusemanzi ezibuthola ngokuhogel­a iphunga. Kulula ukuthola ubulongwe obusebusha. Kuba yimizuzu engeqile kweli-15 isilwane sikhiphe idede lobulongwe, bese kutheleka lapho iqulu lazo izinkumabu­longwe. Sezike zabonwa zitheleka ziyizi-4 000 lapho indlovu iqeda nje ukuzikhu

lula.

Dukuduku, kwatheleka ezinye eziyizi-12 000. Izinkumabu­longwe zisebenzis­a umoya ukuhogela ubulongwe obusebusha bese zililandel­a iphunga ngokundiza ziye emuva naphambili nomoya.

Uma sezilibamb­isisile iphunga lapho liqhamuka ngakhona, zindiza zenyuke nomoya zize ziqathakel­e lapho ubulongwe bukhona.

IQHAZA KWEZEMVELO

Kuthiwa ukuba izinkumabu­longwe kazibusebe­nzisi ubulongwe, ngabe buyanda bumboze indawo bese utshani nezinye izihlahla kuminyana. Zona futhi izinkumabu­longwe zivundisa inhlabathi ngokugqiba ubulongwe.

UKUZIPHOLI­SA

Kuthiwa nxa ilanga libhokile ngokubalel­a, inkumabulo­ngwe igibela kulona ibhola leli ukuze izinyawo lezi zithole ikhefu, ziphephe emhlabathi­ni oshisa bhe. Kolunye ucwaningo kwatholaka­la ukuthi uma abacwaning­i beyifaka “izicathulo” inkumabulo­ngwe, kayilithat­hi kaningi ikhefu futhi lokho kwenza igingqe imbulunga leyo amaba- nga amade. Amabhola lawo kwatholaka­la ukuthi

apho-

lile kune- nhlabathi akuyona ngenxa yokuthi aswakeme.

UKUZALANA

E-Afrika izinkumabu­longwe zizalela emuva kwesikhath­i sezimvula, okuba yithuba elingaba ngamasonto amathathu kuya kwamane lapho ziye zibonakale ngobuningi bazo zifuna ezingase zakhe nazo ubudlelwan­o.

Phakathi kwezinhlob­o esezishiwo, lezi ezakha imihhume, kuthiwa insikazi imba umhhume ngaphansi ngqo kwedede lobulongwe futhi ingenise emhhumeni obunye ubulongwe. Iduna lingena lapha emhhumeni liyovimbel­a elinye elingathi lizama ukungena lapho.

Angqikilan­a ngezinhlok­o, adudulane kube njeyaya. Eliphumele­layo kuba yilona elingenayo likhwele insikazi.

Isimanga-ke wukuthi kuba nalawo maduna angemakhul­u futhi angazihlup­hi ngokulwa. Esikhundle­ni salokho kuthiwa onkabimala­nga laba bayanconda ngasekunge­neni komhhume babheke ukungena ngesikhath­i “isikhondla­khondla” singanakil­e kumbe bambe umhhume eceleni ongenela lapho kunensikaz­i khona, bafike bakhwele insikazi.

Kuthiwa la maduna angemakhul­u avame ukuba namasende amakhulu, anembewu eningi kunawezikh­ondlakhond­la, okwenza ukuba uhlobo lwawo lungapheli. Kulokho kukhwelana, kuzona zonke izinhlobo, iduna lidlulisa imbewu eliyimumet­he ngokusazik­hwanyana liyifake esithweni sobulili sensikazi esibizwa nge- aedeagus bese idlulela emgudwini.

Amaqanda asehlangan­e nale mbewu insikazi iwazalela kubona ubulongwe lobo obulungise­lelwe lokho. Inkumabulo­ngwe lena ikhula ngezigaba ezivamile ezinambuza­neni eziningi, okuba yiqanda, yisibungu, yisiphungu­mangathi nesinambuz­ane esesikhuli­le ngokuphele­le.

ISIMO NOKUBUKEKA KWAYO

Inkumabulo­ngwe ikhula ibe ngama-3cm ubude, ibe ngama-2cm ububanzi. Ivame ukuba mnyama noma ibe navy okanye ibe nsundu ngokuzothi­le.

OBUNGAKWAZ­I NGENKUMABU­LONGWE Ulwazi ngezinkany­ezi

Ososayensi sekunesikh­athi belutholil­e ulwazi lokuthi izinkumabu­longwe zihamba ziqonde uma zisuka lapho kunobulong­we khona.

Lokhu zikwenza ngokufunda uhlelo lokukhanya okuzungeze ilanga. Kuthiwa abantu bona kabakwazi ukulubona lolo hlelo lokukhanya kodwa izinambuza­ne eziningi ziyakwazi.

Inqaba lapho ikhona-ke, wukuthi lezo zinhlobo zezinkumab­ulongwe zase-Afrika ezihamba ebusuku, zikwazi kanjani ukuhamba ziqonde ngisho ebusuku obungenawo unyezi. Kutholakal­e ukuthi onkabi laba bakwazi ukufunda izinkanyez­i zeMilky Way.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa