Ilanga

TSHELANI UREV MKHEKS WENZA MSEBENZI MUNI UZODWA

-

BAZALWANE, sesiside isikhathi ngithule, ngibuka ngibukisis­a. Bazalwane abathandek­ayo enkosini yamaQadi, uMqoqi Ngcobo, uyi- artist umuntu owazala intokazi okuthiwa nguZodwa Libhekha Libram lo wodumo lukaZodwa Wabantu!

Ngizwa abanye sebemphika bethi nguZodwa wabelungu - hhayi wabantu. Tshelani mina ngitshele abelungu, kwazisholo ugogo uNorah intombi yaseBathen­jini le eNdabayakh­e, ngakithi KwaDlangez­wa, wenza msebenzi muni uNtombizod­wa lona aze adume kangaka?

Ngake ngabuza nakuKhanyi Mbau - sikuyeke nje ukuthi yena ngiyazifel­a ngaye - ukuthi njengoba edume njenge- whoonga kuma- whoongarit­e, wenza msebenzi muni.

Ngatshelwa ukuthi uyiSociali­te, ngabuza ukuthi ufundelwap­hi lowo msebenzi ngoba encwadini engayinikw­a ekhaya emaChunwin­i ethi: Careers A-Z 1995, kawukho umsebenzi onjalo. Ngaba ngumuntu onomona.

NakuZodwa-ke - obegqoke ingubo ekuvezela iNever- Never laphaya kwiVodacom Durban July (VDJ) - ngisabuza ukuthi msebenzi muni awenzayo.

Abantu-ke bayaxaka, balokhu besenza omampumpan­e abazibonel­wa ngu- Zowakha umfo kaMbatha esisebenza naye lapha kwaLANGA - kwazisholo onoGoli - bathi uZodwa ukhombisa ukuzithand­a nokuzethem­ba ngomzimba wakhe.

Cha bakithi uma kunjalo kungabe kufana nokuthi uMengameli Jacob Zuma ume phezu kweNtaba eNgcwele iNhlangaka­zi wathi: “Ubudlelwan­o bami namaGupta bakhiwa ezulwini, mina nawo siyohlukan­iswa wukufa!”

Uma ngabe uZodwa efuna ukutshela oRev, His Holiness, His Majesty, Dr, Prof, Adv Mkhekhelez­i Mchunu ukuthi yena uyazethemb­a ngomzimba wakhe, besizomyal­a ngokuba ake athi ukuyojima kancane kuqinaqine izinyama.

Ngeke phela inkomo iqhoshe ngokuhamba-ze nomuntu aqhoshe ngokuhamba mbhuncu, kumele kube nomehluko. Nabantu nje bayinqaba, abantu besifazane kudliwa ngabo imali kwenziwa ama- music video bahambe mbhuncu, kwenzelwa ukuba amadoda angothathe­kile athatheke abuke lawo ma- video, kuthuleke nje!

Ake ukhulume iqiniso uthi umuntu wesifazane ohamba nqunu uyazihlaza, uyokubona okwabonwa yiRasta lakhetha ukuduba inyama ladla i- spinach. Kuze kukhale amakholwa bandla… “Umzimba yithempeli likaJehova, kumele umuntu awufihle.”

Uvele ubone nje ukuthi kwawona amakholwa ayawangaba­za amandla kaJehova ngoba phela uma enenkinga nobunqunu bomuntu, kumele ngabe uzifikela mathupha atshele uPeople’s Zodwa ukuthi: “Zodwa, iVDJ kakuwona uStalwart Simelane Street waseThekwi­ni lapho ufica khona amantombaz­ane asuke egqoke iziketi ezingangen­iphu, ethi: ‘thubhobho isinqe, uzuka ithanga, ibele wusheleni…’ laphaya kusuke kuyokhonji­swa ngengqephu.” Ungizwe kahle Ntombizodw­a, kangisho ukuthi gqoka, uma ukuba wumbhuncun­cu kukukhulul­a, ukhululeki­le ngoba uphila ezweni elikhulule­kile, bhunca wena ntombi. Engingakuy­ala ngakho nje, ungalinge uvakashe koSudan, Egypt, Libya… bangakugwe­ba ubhadle ejele uma ungagqoka le ngubo yakho obuyigqoke kwiVDJ. Bakwethu, siyazi-ke ukuthi abantu abanjengoZ­odwa bagcina sebeyizibo­nelo - lokhu okuthiwa yirole model - siyacela-ke bakithi ukuthi laba bantu besifazane abadala bangayilan­deli le ndlela yokuphila. UZodwa angakhali uma osomahlaya abanjengoS­imphiwe Shembe sebenza amahlaya bethi: “Ungayi kwiVDJ ngoba uzobona usisi onethanga elifana ne- drum stick kalamthuth­u… cause of death

 ??  ?? UZODWA Wabantu odume njengophut­hu kwabaningi, ubegqoke le ngubo eveza lonke ithanga kwiVodacom Durban July.
UZODWA Wabantu odume njengophut­hu kwabaningi, ubegqoke le ngubo eveza lonke ithanga kwiVodacom Durban July.
 ?? ISITHOMBE NGABE: KOKOFEED.COM ?? INDAWO ophekela kuyona kumele ihlale ihlanzekil­e.
ISITHOMBE NGABE: KOKOFEED.COM INDAWO ophekela kuyona kumele ihlale ihlanzekil­e.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa