TSHELANI UREV MKHEKS WENZA MSEBENZI MUNI UZODWA
BAZALWANE, sesiside isikhathi ngithule, ngibuka ngibukisisa. Bazalwane abathandekayo enkosini yamaQadi, uMqoqi Ngcobo, uyi- artist umuntu owazala intokazi okuthiwa nguZodwa Libhekha Libram lo wodumo lukaZodwa Wabantu!
Ngizwa abanye sebemphika bethi nguZodwa wabelungu - hhayi wabantu. Tshelani mina ngitshele abelungu, kwazisholo ugogo uNorah intombi yaseBathenjini le eNdabayakhe, ngakithi KwaDlangezwa, wenza msebenzi muni uNtombizodwa lona aze adume kangaka?
Ngake ngabuza nakuKhanyi Mbau - sikuyeke nje ukuthi yena ngiyazifela ngaye - ukuthi njengoba edume njenge- whoonga kuma- whoongarite, wenza msebenzi muni.
Ngatshelwa ukuthi uyiSocialite, ngabuza ukuthi ufundelwaphi lowo msebenzi ngoba encwadini engayinikwa ekhaya emaChunwini ethi: Careers A-Z 1995, kawukho umsebenzi onjalo. Ngaba ngumuntu onomona.
NakuZodwa-ke - obegqoke ingubo ekuvezela iNever- Never laphaya kwiVodacom Durban July (VDJ) - ngisabuza ukuthi msebenzi muni awenzayo.
Abantu-ke bayaxaka, balokhu besenza omampumpane abazibonelwa ngu- Zowakha umfo kaMbatha esisebenza naye lapha kwaLANGA - kwazisholo onoGoli - bathi uZodwa ukhombisa ukuzithanda nokuzethemba ngomzimba wakhe.
Cha bakithi uma kunjalo kungabe kufana nokuthi uMengameli Jacob Zuma ume phezu kweNtaba eNgcwele iNhlangakazi wathi: “Ubudlelwano bami namaGupta bakhiwa ezulwini, mina nawo siyohlukaniswa wukufa!”
Uma ngabe uZodwa efuna ukutshela oRev, His Holiness, His Majesty, Dr, Prof, Adv Mkhekhelezi Mchunu ukuthi yena uyazethemba ngomzimba wakhe, besizomyala ngokuba ake athi ukuyojima kancane kuqinaqine izinyama.
Ngeke phela inkomo iqhoshe ngokuhamba-ze nomuntu aqhoshe ngokuhamba mbhuncu, kumele kube nomehluko. Nabantu nje bayinqaba, abantu besifazane kudliwa ngabo imali kwenziwa ama- music video bahambe mbhuncu, kwenzelwa ukuba amadoda angothathekile athatheke abuke lawo ma- video, kuthuleke nje!
Ake ukhulume iqiniso uthi umuntu wesifazane ohamba nqunu uyazihlaza, uyokubona okwabonwa yiRasta lakhetha ukuduba inyama ladla i- spinach. Kuze kukhale amakholwa bandla… “Umzimba yithempeli likaJehova, kumele umuntu awufihle.”
Uvele ubone nje ukuthi kwawona amakholwa ayawangabaza amandla kaJehova ngoba phela uma enenkinga nobunqunu bomuntu, kumele ngabe uzifikela mathupha atshele uPeople’s Zodwa ukuthi: “Zodwa, iVDJ kakuwona uStalwart Simelane Street waseThekwini lapho ufica khona amantombazane asuke egqoke iziketi ezingangeniphu, ethi: ‘thubhobho isinqe, uzuka ithanga, ibele wusheleni…’ laphaya kusuke kuyokhonjiswa ngengqephu.” Ungizwe kahle Ntombizodwa, kangisho ukuthi gqoka, uma ukuba wumbhuncuncu kukukhulula, ukhululekile ngoba uphila ezweni elikhululekile, bhunca wena ntombi. Engingakuyala ngakho nje, ungalinge uvakashe koSudan, Egypt, Libya… bangakugweba ubhadle ejele uma ungagqoka le ngubo yakho obuyigqoke kwiVDJ. Bakwethu, siyazi-ke ukuthi abantu abanjengoZodwa bagcina sebeyizibonelo - lokhu okuthiwa yirole model - siyacela-ke bakithi ukuthi laba bantu besifazane abadala bangayilandeli le ndlela yokuphila. UZodwa angakhali uma osomahlaya abanjengoSimphiwe Shembe sebenza amahlaya bethi: “Ungayi kwiVDJ ngoba uzobona usisi onethanga elifana ne- drum stick kalamthuthu… cause of death