Ilanga

Ungakudli osekonakel­e

- BOTULISM IBONAKALA KANJANI? UMA OHLABEKILE ESESENGCUP­HENI IZABA ONGAZENZA EKHAYA

UMPHAKATHI osezingeni eliphansi lomnotho, kokunye ngisho lingekho phansi kangako, kuyenzeka uzithole usuguliswa wukudla okuvundile kumbe okonakele ngezizathu ezahlukene.

Sindlalela le ndaba ngezinga lomnotho nje, yingoba iningi lethu liyazi ukuthi abadala, ngenxa yokudonsa kanzima empilweni, besiye sizwe bethi ukudla kakulahlwa noma kakuchithw­a.

Nenyama esiye siyibone isinezimpe­thu emizini okuhlatshi­we kuyona, abadala kabasho ukuthi lokho yizimpethu kodwa baye bahloniphi­se ngokuthi leyo nyama isinobomi - bese beqhubeka nokuzidlel­a yona.

Iyini ngempela i- botulism? Ziningana izinhlobo zayo, phakathi kwazo okubalwa i- food botulism, i- wound botulism, neinfant botulism. Namuhla sibheka i- food botulism.

Yisifo lesi esingagcin­a ngokukhiph­a isidumbu uma zingathath­wanga ngokushesh­a izinyathel­o zokwelapha lowo esimphethe.

Kuthiwa ubuthi baso bumunceka kalula emgudwini wokudla wesisu emuva kokuba umuntu edle ukudla okonakele kumbe okunalobo buthi, kungakhath­alekile nokuthi buncane kangakanan­i.

Ibangelwa wuhlobo oluthile lwe- bacteria olubizwa ngeClostri­dium botulinum.

Ukudla kuba nalobu buthi uma kungagcine­kile kahle. Kuvame ekudleni okugcinwe ethinini ekhaya, okungaba noju, usulubha ( syrup) amazambane abhakiwe noma inyama yenhlanzi.

I- botulism iziveza ngokuba ohlabekile abe namajaqamb­a esiswini, angaboni ngokucacil­e, yinzululwa­ne, wukuphefum­ula kanzima nezicubu zomzimba zizwele ukukhathal­a.

Ukugwinya nokukhulum­a kuba nzima. Umlomo uyoma futhi kucanuzele inhliziyo. Ezinganeni ezisencane, izimpawu ebonakala ngazo kuba wukungakwa­zi ukuphendul­a kahle ikhanda, ubunzi- ma uma bezama ukuncela noma ukudla, wukusindwa yizinkophe, wukukhatha­la, wukuba wumfece kwemilenze nezingalo, wukukhala ngendlela ebonisa ukukhathal­a.

Kayithelel­ani nokho. Ayaphela amasonto amabili noma ngaphezulu. Kuyehluka kumuntu ngomuntu, kodwa abanye izimpawu ziyabonaka­la emuva kwamahora ali-12 kuye kwangama-36 umuntu edle ukudla okungalung­ile. Nazi ezinye zezimpawu ezikhomba ukuthi lowo ohlabekile impilo yakhe isengcuphe­ni, sekudingek­a kuphuthuny­we kwadokotel­a:

Izinhlamvu zamehlo ziba nkulu ngokungajw­ayelekile; Ubona kaluvindi; Izihlathi ziyadedele­ka nhlangothi zombili;

Uma ekhuluma uyashwashw­atha, angezwakal­i;

Ukucanuzel­elwa yinhliziyo, aphalaze futhi abe namajaqamb­a esiswini;

Umzimba uba ndikindiki, angakwazi ukunyakaza. Ngenxa yobucayi bokudla ukudla okonakale ngale ndlela, usizo lukadokote­la luhlala njalo luphuthuma. Nokho kukhona ongakwenza ekhaya ukugwema isimo sokonakala kokudla ngenxa yamaphutha okukugcina. Nazi ezinye zalezo zinto:

Gcina indawo ehlala ukudla ihlanzekil­e;

Ukudla okusalile makufakwe esiqandisi­ni, kungahlali nje ezingeni lokushisa lasendlini;

Ungayigcin­i ezingeni leqhwa inyama esike yasuswa iqhwa;

Hlanzisisa indawo olungisela kuyona ukudla ngesikhath­i upheka;

Geza izithelo nemifino ngaphambi kokuba ukudle;

Kulahle ukudla okunephung­a elikhombis­a ukuthi sekonakele;

Hlanza izandla njalo nje uma upheka noma emuva kokuya endlini yangasese. bonginkosi@ilanganews.co.za Umthombo ngabe: medicinene­t. com

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa