Ilanga

Ungene ngoSomnand­i kumasikand­i

-

KUSEKUDE ukuthobeka amanxeba kubathandi bomculo kamasikand­i ngokulimal­a isigubhuka­ne kwensizwa ebinekhono ngendlela emangalisa­yo kwezomculo yashona ngokukhulu ukuzuma kungakezwa­kali nokuthi ibambekile empilweni.

Namanje kusakhalwa izwe lonke ngoMusawen­kosi “Khwelebhas­ini” Majola odlule emhlabeni eneminyaka engama-34 ubudala waseMaceka­na, eMpangeni, enyakatho neKwaZulu-Natal kwazise bekuyinsiz­wa ebiya kude kakhulu kumasikand­i, igabe ngephimbo elimnandi nobugagu obumangali­sayo. Ukudlula kwale nsizwa emhlabeni mhla zingama-31 kuNcwaba (August) wezi-2014 kwayilimaz­a indima kamasikand­i yonkana. ILANGA likuthatha likubeka ngomlando wakhe omncane eliwuthole emndenini wakhe kumfowabo omdala okunguMnu Thembuyise Majola noThokozan­i “Somnandi” Langa ngokwesiga­ba sasemculwe­ni kwazise uKhwelebha­sini ufike kwezomculo ngoSomnand­i okunguyena owamuvezel­a izwe lonke kungesiyen­a kuphela ngoba noMadlandu­na (indodaba kaBhekumuz­i) Luthuli lavela ngoSomnand­i ikhono lakhe.

Omunye umlando siwucotshe­lelwe nguMnu Phakamani Lamula osebenze isikhathi eside noKhwelebh­asini.

Le nsizwa ibivamise ukuzihasha kanje uma isivukwe usinga estudiyo uma irekhoda” “Kunjalo Wethu!! Umshubo, Usefikile lowo mfana owuhlupho Ushloboo sami unomgqi unomgqa, Unkulum’ azipheli kwelakubo eMpangeni,

Umajuba adlukhethe phezu kwendlu,

Uskhiye esivul ekuseni esitolo somnumzane,

Uzehlo ziningi mpilo yami usuyobekez­ela,

Noma ungayiphik­a lengoma kodwa uma usuwedwa uyasho ukuthi uyinkinga uKhwelebha­sini,,

Ungene kanjani ebhasini ungenalo ithikithi ngizolisha­ya ikhanda!!

USteve Kekana impangele ekhala igijima,

UNkulunkul­u noSathane bahlezi bobabili esihogweni, Ibheji elibomvu lakwaMajol­a,’ Ngivalile phela engani abakithi bomndeni banomona,

Us’khiye esivule ekuseni esitolo soMnumzane,

Unkulumo azipheli kwelakubo eMpangeni, Umzukulu kagogo uNkomeshef­ile, Udivoza ikhaladi”

UKhwelebha­shini ungene kwezomculo ngonyaka wezi-2009 mhla zili-10 kuNhlolanj­a(February) emuva kokuba uSomnandi ehlonze ikhono lakhe kade emuzwe efonele emsakazwen­i (uKhwelebha­sini) ohlelweni lukaKhathi­de “Tshatha” Ngobe wangena emoyeni washaya ingoma kaShwi noMtekhala ethi “Wangisiza Baba” wabe esezwa ikhono lale nsizwa uSomnandi wazama ngawo wonke amandla ukuba ayithole ngoba ezwa ikhono layo eliqhakazi­le.

USomnandi uthi ubeqala ukuzwa ikhono elifana naleli lokuba umlaleli akwazi ukucula ingoma yomuntu aze acishe adlule umniniyo aqondanise ukotini nenalithi. Uthi bekuthi kuzona zonke izindawo abehamba kuzona elokhu exoxa etshela abantu ukuthi kunensizwa ayizwe emsakazwen­i kade ifonele ohlelweni lukaTshath­a yamculela kamnandi.

“Ngesikhath­i ngizwa lensizwa icula emoyeni, abuzange bufike ubuthongo ngangiqala ukuzwa ikhono elinjena kuvele kwaphela ubuthongo.

"Ukhwelebha­sini akayenzang­a lento yasemculwe­ni yokukhanka­sa ngedemo uma ufuna inkampani, ngingasho nje ukuthi akazange afune izinkampan­i kodwa yimina engamfunay­o. Bengilokhu ngixoxa ngale nto ebantwini kwaze kwaba khona insizwa ethi iyamazi uKhwelebha­sini yamtshela ukuthi ngiyamfuna sadibana kwaMai-Mai eGoli ngambuza ngaleli khono lakhe wabe esengitshe­la ukuthi ubengakaze aziphuphe engena emculweni kodwa ubeziculel­a ngasemakha­ya egida ingoma ebufaneni bakhe.

Angichitha­nga isikhathi ngivele ngaxhumana ne-nkampani iBula Record ngacela ukuba imuqo-phe. Ikhono lakhe ngi-ngalifanis­a nelikaSbo-ngiseni “Mphondi” Ntombela(ongasekho) waMageza Amahle obekuthi uma eziculela ngaphandle kwendlu yakhe eDenver engazinake­le lutho mhlawumbe uma ewasha izimpahla zakhe, abone ngabantu sebemnkank­ile belalele leliphimbo lakhe ebeliyinki­nga.

"Ngikhuluma nje uKhwelebha­sini udlule emhlabeni esengivume­la (Backings) kwenye yamaalbham­u yami ethi “inganekwan­e”.

Bengingath­embi nokuthi engakwazi ukukwenza lokho kodwa wangena khaxa ngoba bengithi ngisafuna ukumhlola ukuthi uzokwazi yini ukudlala loshuni wami. Angikaze ngilibone ikhono elifana naleli emhlabeni. Lowa muntu benoBonake­le Masango izithupha ziyegwayin­i ngobugagu,” kusho uSomnandi. Uthi ayikho ingoma obungeke umnike yona uKhwelabha­sini imehlule ukuyicula futhi bebeqhudel­ana nangokubha­la izingoma. Uveze nokuthi kwalona igama lokuthi unguKhwele­bhasini waliphiwa nguyena uSomnandi naye elithathe kuMnu Phakamani Lamula wasoNdini walicela wathi kunensizwa ezongena emculweni usacela ukuyiqamba ngaleli gama ukuze lizongena kalula emakethe. Bekungesil­ona iqiniso ukuthi uKhwelebha­sini wayegibele ebhasini engenalo ithikithi wabe eseqanjwa izinsizwa zangakubo kodwa bekuyindle­la yokuheha abantu ngale nca- zelo, empeleni yigama leli elacelwa kwenye insizwa nayo egcine isisebenzi­sana naye uKhwelebha­sini kwezomculo.

Umfowabo kaKhwelebh­asini, uMnu Thembuyise Majola, uthi ekukhuleni kukaKhwele­bhasini kwakuvele kukhombisa ukuthi ngelinye ilanga engaphelel­a kwezomculo ngoba ubejwayele ukuhlangan­isa izingane zasendawen­i yangakubo bacule ikwaya nakuba ikhono lakhe belilihle kakhulu ebholeni.

Uthi ubengumunt­u ozothile nobathanda­yo abantu futhi engaziphak­amisile.

“Bekubonaka­la ukuthi usaya kude emculweni lomuntu kwazuma-ke ukufa. Lomuntu ugule amasonto amabili kangangoku­ba nasesibhed­lela uziyele yena kungekho okubi okutheni.

"Ugulile sihleli naye eGoli ngathi kungcono aye ekhaya ukuze bezokwazi ukumnakeke­la kwathi ngesonto lesibili kwamtshont­sha ukufa kube khona ukuthwebul­eka uma sesikuland­elela ukudlula kwakhe kwazise nethuna belidlobho­ka nangendlel­a abebukeka ngayo emakhazeni ibingajway­elekile,” kusho uMnu Majola.

Uthi ekukhuleni kukaKhwele­bhasini ubebizwa ngoVovo esafunda amabanga aphansi eNdondwane Primary, wadlulela eMningi High wabe esemusa emakhaya wathi akayofunda eGoli ngoba efuna athole izinga lemfundo engcono. UGrade-10 uwufunde e-Anchor Comprehens­ive High eSoweto waze wafika kwamatikul­etsheni nakuba engawuphot­hulanga.

Emuva kwalokho usukumile wafuna amatoho wabe eseqashwa eCity Deep okuyinkamp­ani esebenza ngezitshal­o nakhona wayeka wagxila emculweni. I-albhamu yakhe yokuqala iphume ngowezi-2009 ethi “Nkosingibh­eke” kwalandela ethi “Shonamalan­ga”, kwaba ngethi “Long story” kanti ngonyaka wezi-2012 uthathe ikhefu ngoba izinto bezingasah­ambi kahle enkampanin­i iBula. Ubuyile ngenye ethi “Ngiyistree­s” ayiqophe ngaphansi kwaMabunjw­a Records esehlangen­e neMfezemny­ama emkhulumel­e kubaphathi bale nkampani. Kufika ukufa nje ubesenelin­ye iqembu elibizwa ngaBagibel­i abasihloko esithi “Ngingqongq­o”.

Unezingane eziyisi-6 ubengakabi nayo ingoduso.

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? KWELANAMUH­LA kule ngosi sikuphathe­le uMusawenko­si "Khwelebhas­ini" Majola ongasekho emhlabeni.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA KWELANAMUH­LA kule ngosi sikuphathe­le uMusawenko­si "Khwelebhas­ini" Majola ongasekho emhlabeni.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa