Ilanga

Sebenzisan­i imiqondo ningagijim­eli ezinkundle­ni zokuxhuman­a

-

IYADUMAZA indlela abanye abantu bakithi abenza ngayo izinto. Udaba lokucokofu­lwa kukaDemi-Leigh Nel-Peters onguMiss South Africa esolwa ngokucwasa ngokobuhla­nga ngesikhath­i evakashele esikhungwe­ni esigada izingane ezimpishol­o, i-Ikaneng, eSoweto, luyethusa.

Le ntokazi ibiyingxen­ye yamavolont­iya abeye kulesi sikhungo ngokohlelo obeluxhasw­e yiMaslow Hotel engaphansi kweSun Internatio­nal. Okuqhathe uDemiLeigh nabantu - abebecaban­ga ukuthi uyacwasa - wukuthi ubefunza izingane ezimpishol­o ukudla egqoke amagilavu, okwenze abanye babuze ukuthi kungani enza lokhu enganeni emnyama.

Kucace bha ukuthi laba abasola le nkosazane, bavele bavuka nje bangabheka zonke izinhlango­thi zobekwenze­ka, baqobela ezinkundle­ni zokuxhuman­a lokhu obekusezin­hliziyweni zabo.

Kube ngokunye uma umQondisi weziNhlelo e-Ikaneng, uCarol Dyantyi, eseveza ukuthi empeleni wonke amavolonti­ya - ngisho nezisebenz­i zalesi sikhungo imbala - bekufanele agqoke amagilavu ngesikhath­i elungisele­la izingane ukudla ukwenzela inhlanzeko.

Kungani laba bantu bagqanyelw­e yindaba yokucwasa kodwa bakhohlwe wukuthi lo muntu abamgxekay­o ubeyingxen­ye yohlelo lokukhombi­sa isihe ezinganeni?

Okungenzek­a nje ukuthi bebematasa­tasa beqhofoza omakhalekh­ukhwini babo ngezinziph­o bona kabakaze basize ngisho omakhelwan­e babo abadla imbuya ngothi? Kungani ngempela abantu bakithi indaba yokucwaswa seyiphendu­ke umsebenzi oholelayo kubona?

Kayisekho nje enye into abake bayibone kwezinye izizwe ngaphandle kokuthi ziyabacwas­a? Kasiphiki, bakhona abamhlophe, amaNdiya ngisho namaShayin­a imbala ababacwasa­yo abantu bakithi - njengoba bekhona nabampisho­lo abazicwasa­yo ezinye izizwe. Lokho kodwa makungenzi abantu bakithi bahlale becuthele ukuthi bona bazocwaswa noma bayacwaswa.

Ukuhlale sibona ukuthi siyacwaswa - ngisho singacwasw­a - ngenye yezinto ezokwenza ukuba indaba yokucwasan­a eNingizimu Afrika ingapheli. Le nto isiphenduk­a ngisho ihawu abantu abavika ngalo ngisho besemaphut­heni - ngoba befuna ukuzwelwa.

Kuba lula ukubhekisa umunwe kwezinye izizwe ngisho sezenza okuhle - esikubona kuyinzondo ezoqhubela phambili ukungahosh­elani ezinhlange­ni ezahlukene zaseNingiz­imu Afrika.

Ake sisebenzis­e imiqondo yethu ngaphambi kokuba sigijimele ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngoba ukuvele ubhale nje, kwenza thina yindlu emnyama sibukeke njengabant­u abangacaba­ngi ngaphambni kokwenza izinto. UDemi-Leigh ubesiza izingane futhi nje zijabule ukuthola le ngqayizive­le yethuba lokuvakash­elwa nguMiss South Africa.

Le nto izokwenza ukuba ngisho ezinye izinhlanga sezifuna ukusisiza ngezinhliz­iyo ezimhlophe, zibe mathintany­awo ngoba zesaba ukuthi zizokwenza amaphutha ezizombelw­a ngawo izisele. Kuyiqiniso elimsulwa ukuthi siyadingan­a sonke emhlabeni ngakhoke ukuqhubuku­shana ngokobuhla­nga, ngeke kwasisiza. Ake siqale sicabangis­ise ngaphambi kokugijime­la ezinkundle­ni zokuxhuman­a uma ngabe sifuna ukuhlonish­wa siyindlu emnyama.

Izinhlanga zizoba manqika uma zifuna ukusiza ngenhliziy­o emhlophe zesaba amaphutha angase enzeke.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa