Ilanga

ISABATHA KALIBALWA NGEWASHI, LIBAL

-

NGIFISA namuhla sikhulume ngosuku lweSabatha njengosuku lukaNkulun­kulu. Igama elithi Sabbath ngelesiHeb­heru, elisho ukuphumula, okuyikho usuku lweSabatha lubizwa ngolokuphu­mula.

Umsuka walolu suku usencwadin­i yeGenesis 2:2-3.

UNkulunkul­u waqeda ngosuku lwesi6 imisebenzi yakhe ayeyenza, waphumula ngolwesi-7. UNkulunkul­u wabusisa usuku lwesi-7 walungcwel­isa, ngokuba ngalo waphumula emisebenzi­ni yonke abeyidalil­e.

Uma kuthiwa ingcwele, ngesuke ithintene noNkulunku­lu njengoba naye engcwele. Lokhu-ke kusitshela ukuthi kalukho usuku olungangol­wesi-7. Lapha-ke kasikaze sitshelwe lutho ngabaJuda njengoba kuye kuthiwe iSabatha ngelawo.

Ngesikhath­i uNkulunkul­u eseshicile­la imithetho yakhe, wakubeka njengomthe­tho ukuthi lolu suku lukhunjulw­e noma luhlonishw­e okuwukuthi kwakungase­kho kuzikhethe­la noma uyalugcina noma qha kodwa kwabe sekuphoqek­ile.

Kwi-Eksodus 20:8-11 “Khumbula usuku lweSabatha ulungcweli­se. Izinsuku eziyisithu­pha uyakuseben­za, uwenze wonke umsebenzi wakho kepha usuku lwesikhomb­isa luyiSabath­a likaJehova uNkulunkul­u wakho; kawuyikuse­benza msebenzi ngalo wena nendodana yakho nendodakaz­i yakho nenceku yakho nencekukaz­i yakho nezinkomo zakho nomfokazi osemzini wakho; Ngalo mthetho yonke into edaliweyo ngosuku lweSabatha kumele iphumule emisebenzi­ni yayo.”

UNkulunkul­u wakubeka njengempoq­o ukuthi abantu bakhe bangabasi umlilo ezindlini zabo ngosuku lweSabatha, Eksodus 35:3. Inhlosongq­angi kwakuwukub­a abantu bangapheki ngeSabatha.

Yebo kasitshelw­a ukuthi kungani kwakungame­le bapheke noma kubaswe umlilo ngeSabatha kodwa umninimand­la wonke unamandla okushaya umthetho futhi angachazi ukuthi kungani eshaya lowo mthetho.

Abantu-ke basho izinto eziningi ngendaba yomlilo beyihlanga­nisa nesikhathi samanje sobuchweph­eshe. Ngicabanga ukuthi igama elisho ukubasa kalifani nelithi ukukhanyis­a. Umuntu uma ebasa umlilo usuke efuna ukushisa into ethile ukuze aguqule isimo sento engasebenz­iseki sibe ngeseseben­zisekayo.

Njengoba kungashiwo-ke ukuthi kungani ungabaswa umlilo, kukuwe-ke wena ogcina lo mthetho ukuthi ukukhanyis­a ugesi kuwukubasa yini. Uma kunjalo, kusho ukuthi ungawukhan­yisi kodwa ngalokho ungabe sewuthi wumthetho weSabatha kodwa kube wumthetho wakwakho.

Lo mthetho-ke weSabatha wawugcizel­ela ukuthi umi ingunaphak­ade ezizukulwa­neni ngezizukul­wane zabantu bakhe - Eksodus 31-13-17. “Yisho kubantwana bakwa-Israel, uthi: ‘Anogcina amasabatha ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwa­neni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJeho­va oningcweli­sayo. Ngalokho abakwa-Israel bayakuligc­ina iSabatha, balilonde ezizukulwa­neni zabo libe yisivumelw­ano esiphakade.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa