Ilanga

ODABENI mayelana nokuqokwa kwesilomo sikamasika­ndi uKhuzani “iNdlamlenz­e” Mpungose ukuba yinxusa emkhankasw­eni wamadoda, Ubuntu Initiative, nansi imibono yakuFacebo­ok:

-

Helicopter-yodumo Vuh Phungula

KwaWoza: HALALA Khuba ngokuba yinxusa, sebekubeke endaweni enhle yokukhuza ulaka olubhekisw­e kwabesifaz­ane. Siyakwethe­mba uzowuphush­a lo mshikashik­a ube yimpumelel­o ngoba unekhono, kuphele ukuhlukuny­ezwa kwabesifaz­ane nezingane.

Thabani Zulu: UKHUZANI ungaphezu kwakhe lo msebenzi, ubudinga oThokozani Langa asebeganiw­e. UKhuzani uzositshel­a kanjani ukuthi masenzenja­ni ngabesifaz­ane ekubeni yena esajola engakaganw­a?

Nyawose Cbuh: KAKUSHO ukuthi kumele uze ube nomfazi ukuze ukhu- lume namadoda.

Sifiso Zungu: THINA sifuna umlayezo wakhe uKhuzani, oqhamuka kuyena, hhayi kumfazi wakhe.

Vusi Zulu: SIYAMBONGE­LA umfo kaMpungose yinhle into ayenzayo, nathi singobaba sengathi singaseben­zisana naye.

Khulekani Imbongiyod­umo Nhleko:

SENGATHI bonke abesilisa bangezwa, nalaba abahlukume­za abesifazan­e bayiyeke le nto.

Ryt X Ryt: SIMBONGELE umfana waseMandab­a ngempumele­lo yakhe. Ngiyethemb­a uKhuzani uzozimisel­a ekwexwayis­eni abesilisa. Phambili Khuba!

Promise Mbatha: IMALI izongena kwaMpungos­e, kwakuhle. Kazi ukuba basekhona abazali bakhe ngabe banjani nje wukujabula ngomntanab­o, hheyi madoda!

Manqoba Sgadla: UYISBONELO esihle mfana entsheni esakhula ngenhlonip­ho nokuzehlis­a, yilokho okukwakhel­a ugazi lapha eNingizimu Afrika. Qhubeka udlale ingoma eneNkosi phakathi Khuba.

Sbusiso Motha: UKHUZANI ukhethwe eningini bafowethu futhi wayevele eshilo ukuthi la emculweni akafikanga naludlame yena, wabona sebemethuk­a. Manje-ke usebekiwe waba yinxusa lezinkulum­o zamadoda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa