Ilanga

NGABE WUSUKU LWAKHO LOKUZALWA NAMUHLA? LIBRA (Sept 23-Oct 22)

-

IMPILO yakho inokubambe­zeleka kokuningi okumele kwenzeke. Ukuzethemb­a kwakho kuya ngokwenyuk­a kakhulu. Lapho obonayo ukuthi kakuhambi kahle khona, kuzomele wenze ngokuseman­dleni ukuba ulungise ngempela.

ARIES (March 21-April 19)

KUKHONA imiphumela oyilindile ngezinto ezithile. Uzobona sengathi amandla aphezulu anokuxhuma­na nangaphaka­thi kuwena. Ithemba lakho lizobuyisw­a wukuthi kunezigaba okusamele udlule kuzona empilweni yakho.

TAURUS (April 20-May 20)

OKUMELE ukuqonde wukuthi nabanye bayakwazi ukucabanga. Uzozizwa ubuyelwa yithemba elikhulu ngempilo. Ubuhlakani onabo bubuye bulimaze abanye. Uzobona ukuthi ukujulisa ingqondo kuzokuveze­la izinhlelo eziqhubeka­yo.

GEMINI (May 21-June 21)

ISIMO sakho esimayelan­a nezezimali ubuye ungasiqond­i. Uzozibophe­zela ngempela ukulungisa konke okungalung­ile okuthinta impilo yakho. Ungenza kahle uma ungachezuk­anga emigomeni emidala ethinta impilo yakho.

CANCER (June 21-July 22)

UYAKWAZI ukubhekana nezinto eziningi ezahlukene empilweni. Kuzokusebe­nzela ukubuyekez­a konke okumayelan­a nobudlelwa­no bakho. Kungakusim­amisa ukuzisonde­za kwakho nabantu abanomqond­o ovuthiwe.

LEO (July 23-August 22)

UZOKULANGA­ZELELA ukuhlala nabantu abanamaphu­pho amakhulu empilweni. Impilo yakho ingathola ukugculise­ka uma ubona ukuthi kumele wenze uguquko. Uyazazi ukuthi uma uphatheke kabi kuba nzima ukuxola kalula.

VIRGO (Augt 23-Sept 22)

UYAZIBONA ezinye izindima osuzikhath­ulile. Impilo yakho ibuswa kakhulu ngezokuxhu­mana ngezindlel­a ezahlukene. Kuzokusiza ukuba nomgomo nezizathu ezimqoka kunoma yini oyenzayo. Kunesinqum­o okumele usithathe. YONKE imisebenzi okumele uyifeze, yisikhathi sokuba ugxile ngamandla kuyona. Uthando lwakho luzoba yilokhu okucabanga­yo. Uzobona sengathi sekuseduze ukufika lapho ophokophel­ele khona. Lungisa amaphutha onawo.

SCORPIO (Oct 23-Nov 21)

KUNEZINYE izimo okumele ungazikhat­hazi ngazo. Yonke imisebenzi okumele uyifeze kuzodingek­a ugxile ngempela kuyona manje. Inkuthalo yakho nokulandel­a izinhlelo zakho kumele kugqame kakhulu manje.

SAGITTARIU­S (Nov 22-Dec 21)

YENZA lokhu okufika kuqala okungakuho­lela empumelelw­eni. Kunezinguq­uko ezishesha kakhulu ozibonayo empilweni yakho. Kudingeka udle amathambo engqondo ngezinto ezimayelan­a nezinhlelo zakho.

CAPRICORN (Dec 22-Jan 19)

UNGUMUNTU obonayo ukuthi bahlale benakene nezindaba zakho noma isidingo singekho. Ukukholelw­a ezinqumeni zakho kuzokwenza uzethembe.

AQUARIUS (Jan 20-Feb 18)

UKUSEBENZI­SA kahle umqondo wakho kungakuhlo­mulisa kakhulu. Uyakwazi ukulandela okufika kuqala empilweni bese kuba lula ukubona amathuba empumelelo. Uma ukhandleka, lokho kusho umvuzo omkhulu empilweni.

PISCES (Feb 19-March 20)

ZIFUNDISE ukubambele­la kulokho okuyinsika yengqondo yakho. Kuzomele uyigade ngempela imicabango yakho ukuthi kayiphendu­ki isitha sakho. Kuzoba nomehluko omkhulu uma ufingqa imikhono ulwele okulungile.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa