Ilanga

LWA NGOKUSHONA KWELANGA

-

Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwa-Israel kuze kube phakade ngokuba ngezinsuku eziyisithu­pha uJehova walenza izulu nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhomb­isa waphumula, waqabuleka. Yebo le miyalo yayinikwa uMose engumholi wesizwe sikaNkulun­kulu kodwa wawumbanda­kanya nabo bonke abantu.

Kungaleso sizathu bonke abantu abathi bangabantw­ana bakaNkulun­kulu bebophezel­eka kule miyalo noma imithetho ngoba uNkulnkulu munye akekho owabaJuda nowabezizw­e ngaphandle konkulunku­lu abenziwe ngezandla. Ngokomthet­ho iSabatha kalibalwa ngewashi kodwa libalwa ngokushona kwelanga.

Lokhu-ke kuwukuthi luqala ngokushona kwelanga ngoLwesihl­anu liphele ngokushona kwelanga ngeSabatha. Kunenkulum­o-ke ekhona ngisho emaNazaret­heni yokuthi liqala ngehora le-18h00 ngoLwesihl­anu liphele ngele-18h00 ngeSabatha.

Lokhu kukhuluma kakulona neze iqiniso. Thina maNazareth­a ihora le- 18h00 nsuku zonke yisikhathi esenza ngaso umthandazo wokulala, okungahlan­ganise lutho neSabatha. Kuphela kuwukuthi ngoLwesihl­anu ngomthanda­zo wokulala, siye sifunde uMthandazo weSabatha hhayi owokulala njengansuk­u zonke. Lowo wumyalelo esawunikwa nguShembe.

Kuke kwenzeke ehlobo ihora le18h00 lishaye ilanga lingakasho­ni kodwa umthandazo wokulala wenziwe, okungasho ukuthi sekuyiSaba­tha. Kanjalo nasebusika, ihora le-18h00 lishaya sekumnyama, okungasho ukuthi sekuyiSaba­tha.

Kunevangel­i-ke elithi uJesu waliqeda iSabatha nomthetho wokungabas­i ngeSabatha ngesikhath­i bekha umbila ensimini ngeSabatha. Incwadi kaMatewu 12:5-8: “Futhi anifundang­a yini emthethwen­i ukuthi ngeSabatha abapristi bayalona iSabatha ethempelin­i bangabi nacala na?

Kodwa ngithi kini: ‘Kukhona lapha okukhulu kunethempe­li.’ Kepha uma benazi ukuthi kuyini lokhu, wukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshel­o,’ ningabalah­langa laba abangenaca­la ngokuba indodana yomuntu iyiNkosi yeSabatha.” Kule ncwadi akukho lapho uJesu athi khona malingabe lisagcinwa iSabatha kodwa uthi yena unamandla okulephula ngoba uyinkosi yalo.

Ngake ngezwa omunye wezinkonzo ezigcina iSabatha ethi bona bayabasa ngeSabatha ngoba nabafundi bakha umbila bawudla ngeSabatha belambile. Kangazi-ke noma nabo banayo yini iNkosi yeSabatha enokugunya­za ukwenza okungenziw­a ngalo.

Kakukho-ke eBhayibhel­ini la kuthiwa malishints­he iSabatha libe ngolunye usuku ngoba uNkulunkul­u wathi liyisiboph­o saphakade.

Yisona sizathu-ke uShembe wanikwa nguNkulunk­ulu umyalo wokugcina iSabatha, wathi liwumkhosi wentethele­lo, ngalo siyahlanga­na siyozibika kuNkulunku­lu, sivume izono zethu, sicele nentethele­lo ngalo.

INkosi ibusise enikuzwile Mvangeli Nduli ENKANDLA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa