Abesifazane benziwa izichuse kwi-ANC
MHLELI: Ngivumele ngiveze ukukhathazeka kwami ngendlela abathile kwi-African National Congress (ANC) abasebenzisa ngayo uphiko lwabesifazane uma kunothile abazama ukumvimbela ekuthatheni isikhundla sobumengameli nosekunesikhathi impela kwenzeka.
Kuqale ngesikhathi uMnu Thabo Mbeki engumengameli nokho kwadlondlobala ngaphansi kukaMengameli Jacob Zuma ophethe njengamanje.
Ngowezi-2005, uMnu Mbeki ekhipha uMnu Zuma esikhundleni sokuba yiphini lakhe efaka uNkk Phumzile Mlambo-Ngcuka, walandelisa ngenkulumo ethi iNingizimu Afrika isikulungele ukuphathwa ngowesifazane, okwaba yindida nokho ukuthi yena ubengamdedeli ngani ehlandleni lakhe lesibili uma enombono onjengalowo.
Kuphindile futhi ngowezi-2008 uMengameli Zuma wakhipha uMnu Paul Mashatile obengusihlalo we-ANC eGauteng nakwesobundunankulu wafaka uNkk Nomvula Mokonyane - obengeyena usihlalo wesifundazwe njengokujwayelekile uma kukhethwa ondunankulu bezifundazwe.
Nangesikhathi uMnu Senzo Mchunu ekhethwa eba ngusihlalo we-ANC KwaZulu-Natal ngemuva kokushiya kukaDkt Zweli Mkhize eseyoba ngumgcinimafa eLuthuli House, kube nemvunge ngokuqokwa kukaMnu Mchunu njengondunankulu.
Ingani phela bekuthiwa isikhundla bekufanele sinikwe uNkk Nomusa Dube-Ncube njengoba izifundazwe eziningi beziqoke abesilisa.
Kwabona laba abebengafuni uMnu Mchunu abe ngundunankulu, kuthe uma esekhishiwe ekubeni ngusihlalo we-ANC bangaphinda basitshela ukuthi kufanele undunankulu kube nguNkk Dube-Ncube.
Kuphethe ngokuba kuphumelele uhlangothi lukaMnu Sihle Zikalala, lutho ukunika owesifazane njengokusho kwabo.
Sekuphindile futhi lokho uMengameli Zuma ekubeka kwacaca ukuthi uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma uselungele ukuba nguMengameli weANC nowezwe ngowezi-2019.
Lokho sekwenze uMengameli weANCWL, uNkk Bathabile Dlamini, agcwale izwe lonke ekhankasela uDkt Dlamini-Zuma ngohlelo lophiko lwabesifazane, iMolo Makhelwane.
Uma usibuka sonke lesi simo, sikutshengisa ngokusobala ukuthi abesifazane kwi-ANC bayasetshenziswa.
Lokhu kwenziwa ngenhloso yokuvimbela abathile abangamadoda ekuphatheni izikhundla eziphezulu uma lowo okufanele aphathe ngokokulandelana kwabo bengamfuni.
Nalo uphiko lwe-ANCWL luvumela lesi simo sibuse, luyobalwa kulabo abalekelela ekubulaleleni iqembu.
Jabulani Ngesi, ESYDENHAM