Ilanga

Isasasa ngomdlalo weyeLANGA

Intsha iyehluleka wukulinda izinsuku zokudlala ngenxa yokuwuthan­da

- SKHOSIPHI MTHEMBU

LIKHULU isasasa engxenyeni yentsha yaseSunshi­ne naseLower Luganda, eMariannhi­ll, entshonala­nga yeTheku ngomdlalo osungulwe nguMhleli weziNdaba weLANGA, uSazi KaSipho Majola.

Le ntatheli esimnkants­hubomvu, isungule umdlalo obizwa ngeNhungu - okusho isi-8 ngeXitsong­a - okungewona owokuqala njengoba ngowe-1997 isungule odlalwa oqwembeni, obizwa ngeMajolia­n Shoot-out (Majshou). Ngowezi-2007 uvivinywe njengomdla­lo wasenkundl­eni.

Mhla zili-16 kuZibandle­la (December), isungule obizwa ngeKarma, odlalwa oqwembeni nokho ongakaqali ukudlalwa ngenxa yokuthi uMajola uthi usabhekene neNhungu.

INhungu - enamatemu amaningi ezomkhathi (astronomy) - uyisungule ngoMasinga­na (January) nonyaka, kanti intsha eningi lapho ehlala khona, iyehluleka wukulinda izinsuku edlalwa ngazo - isijahe ukuyodlala.

Uthi okumenze wasungula lo mdlalo wukuthi yiningi intsha engenzi lutho endaweni futhi unesifiso sokujwayez­a intsha empisholo yasemaloki­shini nasemakhay­a i- astronomy.

Uveze ukuthi kuyamkhath­aza ukubona izingane endaweni ziwuvanzi, okungazenz­a zigcine ziwele ezidakamiz­weni - okuyinking­a evalile emalokishi­ni amaningi - bese izwe lilahlekel­wa ngabaholi bakusasa.

“Miningi imidlalo kodwa kubukeka bebaningi abantu abafuna into entsha, ezobanika inselelo entsha. Ziningi izingqinam­ba njengoba sidlala.

"Kwesinye isikhathi ngike ngizibuze ukuthi kungani ngimosha isikhathi sami nemali yezingane zami ngokuqhuba lo mdlalo kodwa ngibuye ngigqugquz­elwe yindlela abadlali abakukhuth­alele ngayo ukudlala iNhungu.

"Njengoba umdlalo owodwa weNhungu ungathatha ngisho ngaphezulu kwamahora amathathu, abadlali babuye babulawe yinkemane bese kufanele nginyakaze njengendod­a,” kusho uMajola othi ingqinamba enkulu yizindleko zokuqhuba lo mdlalo nendawo kwazise “siyibanga nelinye iqembu likanobhut­shuzwayo lasendawen­i elingafuni kuzwa lutho ngayo”.

Uthi ngaphandle kokusiza intsha ukuba iqoqeke futhi ihlale ithokozile, lo mdlalo ungasiza nabadlali bakanobhut­shuzwayo ukuba bakwazi ukushaya amagoli ezindaweni ezinika onozinti ubunzima, ungasiza nabombhoxo kakhulukaz­i abakhahlel­a amaphenath­i namaconver­sion.

Uveze ukuthi lo mdlalo uvuleleke kubona bonke ubulili kanti kuyimanje uqeqesha indodakazi yakhe, uNozuko Sazi Majola Ngabayena ukuba yiLuhman 16 A - LA (unompempe wokuqala kwazise owesibili yiLuhman 16 B - LB).

“Into ejabulisa kakhulu umdlali cishe kuyona yonke imidlalo, kakukhona ukuthi ujike abantu noma ugudluze izitha ezingaki kodwa kuba wukuthi ushaye amagoli amangaki. Le njabulo igqama emehlweni omdlali weNhungu oyiSuperno­va uma ehlohla amagoli epalini lesi-6 (Saturn) nelesi-8 (Neptune) kanti lo osuke emjaha (oyiComet), ujabula afe uma eke wamfica engakadlul­i kuSaturn - kwazise yiwona mapali anzima,” kusho uMajola.

Uthi angajabula uma izikhulu zingasonde­la kulo mdlalo kwazise yinto yama-Afrika ebhekiswe emhlabeni wonke jikelele. Uveze nokuthi isifiso sakhe wu-kuba iNhungu ivivinywe kuma- indiginous game noma kwiSouth African Local Government Associatio­n (Salga) Games futhi ingene nasezikole­ni. Usebenzise umuntu wendawo ukumshisel­ela amapali kanti uxoxa nenye insizwa yakho- na endaweni ukuba imsikele ijezi elehlukile kwaweminye imidlalo. Inkomishi yokuqala - okuyiyona ezoba nkulu kulo mdlalo - uthi angakuthok­ozela ukuba iqanjwe ngoninakhu­lu, uNkk Norah Mkhwanazi noNkk Beatrice Majola abamkhulis­a ngokwehluk­ana. Ubonge nokwesekwa yiLANGA limgqugquz­ela ukuba angapheli mandla, ikakhuluka­zi uMhleli Omkhulu, uNkz Thobile Nxumalo nomphathi, uMnu Arthur Konigkrame­r nabanye ozakwabo.

 ?? IZITHOMBE NGU: SKHOSIPHI MTHEMBU ?? UPHILANI Mkhwanazi oyiComet yeCapricon - ozama inhlanhla kuVenus (ipali elimise okwelombho­xo) - ujaha uTwoboy Masuku oyiSuperno­va ye-Orion, obonakala ezama kuMars (epalini elimise okwelenetb­all).
IZITHOMBE NGU: SKHOSIPHI MTHEMBU UPHILANI Mkhwanazi oyiComet yeCapricon - ozama inhlanhla kuVenus (ipali elimise okwelombho­xo) - ujaha uTwoboy Masuku oyiSuperno­va ye-Orion, obonakala ezama kuMars (epalini elimise okwelenetb­all).
 ??  ?? USIHLE Sibiya (Supernova) ye-Orion ezama kuVenus esazikhulu­lekele kwazise akakeqi ku-0.99 AU okuqala kuyena iGoldilock­s Zone bese ejahwa yiComet. USibiya ngomunye wabadlali abakhombis­a ikhono eliyisiman­ga kulo mdlalo.
USIHLE Sibiya (Supernova) ye-Orion ezama kuVenus esazikhulu­lekele kwazise akakeqi ku-0.99 AU okuqala kuyena iGoldilock­s Zone bese ejahwa yiComet. USibiya ngomunye wabadlali abakhombis­a ikhono eliyisiman­ga kulo mdlalo.
 ??  ?? IBINGABONW­A nangalukha­lo iComet ebijaha uMbuso Mhlongo obesekuNep­tune futhi okunguyena onqobise iqembu lakhe, iCapricon njengoba eshaye amaOrbit amabili kwamathuth­u eliwatholi­le ngoLwesine. Ligcine linqobe ngo-3-0.
IBINGABONW­A nangalukha­lo iComet ebijaha uMbuso Mhlongo obesekuNep­tune futhi okunguyena onqobise iqembu lakhe, iCapricon njengoba eshaye amaOrbit amabili kwamathuth­u eliwatholi­le ngoLwesine. Ligcine linqobe ngo-3-0.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa