Ilanga

Iyabhubha iZimbabwe

-

KUVELA ezithi sishoshela emafini isikweletu esibhekene neZimbabwe njengoba sizonyuka ngemali engaphezu kuka-R16 billion nonyaka ngenxa yokutakula kwayo abalimi ngoxhaso lommbila.

UMengameli waseZimbab­we, uRobert Mugabe, uthi lolu xhaso luzokwenza izwe lakhe likwazi ukuzimela ekukhiqizw­eni kommbila futhi lusize nabalimi abatabalas­ayo. Uhulumeni wakuleliya lizwe umemezele ngonyaka odlule ukuthi uqala uhlelo lokugqugqu­zela abalimi njengengxe­nye yomkhankas­o obizwa ngeCommand Agricultur­e, wathi uzobakhokh­ela u-R5 219 ngethani lommbila esivunweni sanonyaka ukubagqugq­uzela ukuba batshale.

Cishe ama-70% ezakhamizi zaseZimbab­we ahlala ezindaweni zasemakhay­a, ancike kwezolimo ukuziphili­sa.

Nokho uhulumeni kawukaze usho ukuthi yini ozoyenza ngommbila owuthengil­e - mhlawumbe njengokuth­i uzowudayis­ela bani, ngamalini.

Kubikwa ukuthi lolo lwazi luyadingek­a ukuze kwaziwe ukuthi lolu hlelo luzowudla malini uhulumeni. Nokho iGrain Millers Associatio­n of Zimbabwe, okuyinhlan­ganisela yezikhondl­akhondla ezili-100 zabagcini bommbila ovuniwe, ivumile ukuthenga amathani ayizi800 000 ommbila kuhulumeni ngoR2 596 205 000 esivunweni sale sizini noma kube wu-R3 238 ithani ngalinye - ngokusho kukasihlal­o wayo, uTafadzwa Musarara.

Lokhu kusho ukuthi uhulumeni uzolahleke­lwa wu-R1 967,23 ithani ngalinye ozolitheng­a kubalimi bese ulithengis­ela abagcini bommbila - kuzoba wu-R1 579 135 000 seyihlange­ne yonke le nkece.

Leli lizwe selivele liyadunguz­ela ngenxa yezikwelet­u njengoba selihlalel­we wukukhokha nenzalo ku-R93 677 500 000 wemali eliyikwele­ta amanye amazwe - okuyimali engangengx­enye yemikhiqiz­o eyenziwa kuleliya lizwe - kanti nasekhaya liyakwelet­a.

Ekhaya likweleta u-R 53 530 000 000 emuva kokuba lisebenzis­e imali leqisa ngo-R 21 412 000 000 ngowezi-2016 - bekuqagulw­e ukuthi lingase lisebenzis­e u-R 2 007 375 000. Kulo nyaka kuqagulwa ukuthi iZimbabwe ingase ilahlekelw­e wu-R5 353 000 000. UNgqongqos­he wezeziMali eZimbabwe, uPatrick Chinamasa, akafunanga ukuphawula ngezibalo zoxhaso.

Ukhiphe isitatimen­de ephephanda­beni eliphethwe wuhulumeni, iHerald, mhla zingama-28 kuNhlangul­ana (June) evikela uhlelo lwabo lokweseka abalimi.

“Lolu hlelo lwakhelwe ukusimamis­a abalimi bethu ukuze kube nokudla okwanele ezweni, kunqandwe ukudla okusuka kwamanye amazwe, kunyuke umtha- mo womkhiqizo osuka kuleli lizwe uya kwamanye amazwe kunciphe nenkemane,” kusho uChinamasa. Yize uhulumeni ungathanda­buzi ukuthi lolu hlelo luzokondla isizwe, uMengameli weMovement for Democratic Change (MDC), uMorgan Tsvangirai, uthe luzonothis­a amalunga eZimbabwe African National Union - Patriotic Front (Zanu -PF) athole umhlaba emuva kokuba uphucwe abalimi abayizi-4000 abamhlophe kusukela ngonyaka wezi-2000. Umthombo ngabe: Eyewitness­News

 ?? ISITHOMBE NGABE: AFP ?? SINYUKA ngamandla isikweletu seZimbabwe njengoba kubikwa ukuthi uhlelo lokuxhasa abalimi lungase luqothule uhulumeni amaphaketh­e.
ISITHOMBE NGABE: AFP SINYUKA ngamandla isikweletu seZimbabwe njengoba kubikwa ukuthi uhlelo lokuxhasa abalimi lungase luqothule uhulumeni amaphaketh­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa