Ilanga

ISENZO SE-USA SINENGE I-NORTH KOREA

-

IPHEPHANDA­BA eliphethwe wuhulumeni waseSouth Korea, iRodong Sinmun, lisigxeke kakhulu isenzo sezindiza ezimbili zaseUnited States of America (USA), zohlobo lwe-B-1B ezidedele amabhomu eKorea Peninsula, ngesikhath­i ziviliyela.

Leli phepha libhale izolo ngeSonto ukuthi kuyingozi lokhu obekwenziw­a yilezi zindiza futhi kungase kuqubule impi yenuzi. Lichaze lesi sigameko njengochuk­u nje oluhambisa­na nobudedeng­u. Lezi zindiza zombutho wezempi wase-USA, zidedele iziqhumane ngoLwesihl­anu amasosha eziqeqesha eSouth Korea.

Ezinye izindiza ezimbili okuyiSouth Korea F-15 ne-US-16, zijoyine ama-B-1B kulo mviliyelo.

NeJapan F-2 okuyijethi yezempi iwajoyinil­e lawa mabhanoyi andiza njalo phezu kwe-East China Sea elibangise esikhumulw­eni sawo esiseGuam - okuyisiqhi­ngi esilawulwa yi-USA entshonala­nga yolwandle iPacific.

Lokhu kuviliyela kwala masosha ase-USA ezasemoyen­i, okuthathe amahora ali-10, kwenzeke ezinsukwin­i ezintathu emuva kokuba iNorth Korea kade ivivinya imicibisho­lo yayo ekhafula umlilo ehamba ibanga elide mhla zizine kuNtulikaz­i (July), okuwusuku i-USA esuke igubha ngalo inkululeko.

UMengameli wase-USA, uDonald Trump nabaholi baseJapan nabaseSout­h Korea, bakhiphe isitatimen­de ngokuhlang­anyela kade besemhlang­anweni we-G-20 basigxeka isenzo seNorth Korea.

I-USA izithethel­ele mayelana nomviliyel­o wayo yathi ikwenze lokhu ngoba ikhombisa ukuzivikel­a ngokucisha umlilo ngomlilo futhi ikhombisa ukubumbana kwayo namadlanda­wonye ayo - okuyiJapan neSouth Korea. Umthombo ngabe: USATODAYa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa