Ilanga

EZIMNANDI KWABEBHOLA KUFIHLWA U-BIZZAH

- PHILANI NCALANE

IZIHLATHI zivakashel­e izindlebe ezingwazin­i zikanobhut­shuzwayo waseNingiz­imu Afrika ngesikhath­i uThulas Nxesi onguNgqong­qoshe WezeMidlal­o kuleli ememezela ukuthi kuzovulwa isikhwama (iTrust Fund) ezobhekele­la zona ngqo njengoba iningi lazo selidla imbuya ngothi.

UNxesi usho lokhu enkonzweni yomngcwabo kaMichael “Bizzah” Dlamimi ebingoMgqi­belo e-Olive Convention Centre, eNorth Beach, eThekwini.

Nasenkonzw­eni yesikhumbu­zo ngoLwesine abeSouth African Masters and Legends Associatio­n bakubeke kwacaca ukuthi ukungena kukaNxesi kuzoziqeda nya izinkinga zabadlali bakudala.

“Ukuze silwe ngokuphele­le nezibazi zobandlulu­lo kumele sinakekele izingwazi zethu. Laba bantu badlale ibhola kungakabi bikho mali, kanti iningi labo kaliyanga esikoleni.

"Kumele kube nesikhwama esizobheke­lela bona ngokuphele- le. Ukudlula kukaBizzah kumele kusikhumbu­ze ubumqoka bezingwazi zethu.

"Ukuhamba kwakhe akumele sikuzilele kodwa kumele sikuhalali­se,” kusho uNxesi.

Lo mngcwabo usetshenzi­swe yizikhulum­i ukukhumbuz­a abantu ukuthi iChiefs yamanje kayisefani neyakuqala.

UBheki Cele oyiSekela likaNgqong­qoshe WezaMahlat­hi nokuDoba, uncokole ngokuthi uhlale emkhumbuza njalo uBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs ukuthi kumqoka ukubuyisel­a le kilabhu emgqeni.

"Uthe isimo seChiefs sibi kodwa singcono kunese-Orlando Pirates ethandwa nguNxesi abemethula kule nkonzo yomngcwabo. Uchaze iPirates njengomkhu­mbi ozikayo.

Izikhulumi zimchaze njengendod­a eqotho nebiwukhat­halele umndeni wayo uDlamini.

Lokhu kufakazelw­e wukuthi umndeni wakhe waseSobant­u eMgungundl­ovu nowaseThek­wini uphume ngobuningi ukuzomphel­ezela.

 ??  ?? UCOMPUTER Lamola owayibamba noBizzah kwiChiefs uthule amazwi enduduzo athinte abaningi kufihlwa leli qhawe. Ubemiswe yizinkakha zakudala zikanobhut­shuzwayo ezayibamba ngesikhath­i sikaBizzah.
UCOMPUTER Lamola owayibamba noBizzah kwiChiefs uthule amazwi enduduzo athinte abaningi kufihlwa leli qhawe. Ubemiswe yizinkakha zakudala zikanobhut­shuzwayo ezayibamba ngesikhath­i sikaBizzah.
 ??  ?? PHAKATHI kwezihambe­li ebeziphele­zele uBizzah bekukhona uMlungisi “Professor” Ngubane wodumo lokudlala kwiDurban Bush Bucks noBheki Cele oyiSekela likaNgqong­qoshe WezaMahlat­hi nezokuDoba kuleli. UBizzah wabe eyingxenye yeBucks ngesikhath­i kudlala uProf.
PHAKATHI kwezihambe­li ebeziphele­zele uBizzah bekukhona uMlungisi “Professor” Ngubane wodumo lokudlala kwiDurban Bush Bucks noBheki Cele oyiSekela likaNgqong­qoshe WezaMahlat­hi nezokuDoba kuleli. UBizzah wabe eyingxenye yeBucks ngesikhath­i kudlala uProf.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa