Ilanga

AbeChiefs baphendule iPirates ihlaya

UMfundisi uhlekise waphiwa ijezi

- MZWAMANDLA ZONDI

I-ORLANDO Pirates iphendulwe ihlaya emngcwaben­i kaMichael “Bizzah” Dlamini ozakhele olukhulu udumo ebhakuzisa amagoli kwiKaizer Chiefs kusuka isungulwa ngonyaka we-1970 kuya kowe-1976.

UBizzah ufihlwe ngoMgqibel­o emathuneni iHeroes Acre, aseChester­ville entshonala­nga yeTheku, emuva kwenkonzo ebiseOlive Convention Centre, eNorth Beach, eThekwini.

Enkonzweni yokuphelez­ela uBizzah, iPirates iphendulwe ihlaya nguPastor Thomas Radebe weEkhaya Christian Fellowship Centre, obephethe inkonzo. Uthe abantu kumele balandele iChiefs kwazise ikhona ngisho eBhayibhel­ini kuwona wonke amavesi. Uthi iBhayibhel­i likhuluma ngaMakhosi.

Uthi kunekilabh­u evela kanye nje vo eBhayibhel­ini lapho kuthiwa khona: “Mathambo hlanganani.”

Usho kanjena uPastor Hadebe kwaqhuma olukhulu uhleko. Emuva kwenkonzo iNceku iphiwe ijezi leziMpofan­a.

NeSekela likaNgqong­qoshe wezoLimo, uBheki Cele ongumlande­li wokuqina weChiefs, lenze okufanayo lithi kumele kusungulwe umqhudelwa­no omusha wetop 11 ukuze kusizakale nenye ikilabhu ehlulekile ukubona i- top 8 ngesizini edlule.

IPirates ishaye udaka ngesizini edlule njengoba ihluleke okokuqala ngqa selokhu kusungulwe iPremier Soccer League (PSL) ngowe-1996 ukuqeda kwi-top 8 eyisango lokugijime­la isicoco esicebe kunazo zonke kuleli, iMTN8 egabe ngo-R8 million emuva kwemidlalo emine nje kuphela.

UCele ubuye wakhuthaza intsha ukubamba iqhaza kwezemidla­lo ukuzakhela igama njengoBizz­ah ingabi yisiqaleki­so kubazali ngokudla izidakamiz­wa ebala i- whoonga esithakwa nangomloth­a wezidumbu athe kumshaqisa kakhulu ukuthi ababhemi balesi sidakamizw­a bawuthola kanjani.

 ?? IZITHOMBE NGU: MZWAMANDLA ZONDI ?? UMNDENI kaMichael “Bizzah” Dlamini uthamele inkonzo yakhe yomngcwabo ngoMgqibel­o e-Olive Convention Centre. Ophakathi nendawo ungumkakhe uMaShozi.
IZITHOMBE NGU: MZWAMANDLA ZONDI UMNDENI kaMichael “Bizzah” Dlamini uthamele inkonzo yakhe yomngcwabo ngoMgqibel­o e-Olive Convention Centre. Ophakathi nendawo ungumkakhe uMaShozi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa