Ilanga

Ihlazo iKZNA ingamelwa kwelesizwe

- MZWAMANDLA ZONDI

IHLAZO iKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ingamelwa eqenjini lentsha yaseNingiz­imu Afrika elizobamba iqhaza kwi-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) World Youth Championsh­ips ezoqala ngoLwesith­athu isongwe ngeSonto eKenya.

Elakuleli lizokube limelwe ngabasubat­hi besilisa abali-13 nabesifaza­ne abali-12 kule midlalo okulindele­ke ukuba lenze kahle kuyona. Nokho kushayisa ngovalo ukungabi bikho ngisho komgijimi oyedwa oqhamuka kwiKZNA kuleli qembu kwazise abalakhiwe kulindelek­e ukuba babe yingxenye yama-Olympic ngowezi-2020 eJapan.

Elakuleli libeke amathemba alo kuSokwakha­na Zazini owenza i-400m Hurldes. UZazini unesikhath­i esishesha kunabo bonke ontanga yakhe nonyaka kuleli banga.

Ukhombise ukuthi unekhono kulo mdlalo ngesikhath­i eqopha isikhathi esingu-48:48 okungesish­eshayo emhlabeni nonyaka kanti ukleliswe waba ngowesine emhlabeni ngokuqopha isikhathi esingu-46:20 kwi-400m. Uzophinde enze ne-4x400m kanti bakhona nabanye okubhekwe ukuba benze kangcono.

Selilonke iqembu lakuleli lididiyelw­e kanje, kwabesilis­a: uRetshidit­swe Mlenga (AGN), uTshenolo Lemao (AGN), uNdimande Nthuthuko (CGA), uRobbert De Villiers (ACNW), uJulian Bogner (AGN), uRoelof van der Walt (CGA), uSokwakhan­a Zazini (AGN), uBreyton Poole (WPA), uWalko van Wyk (BOL), uJulian Bogner (AGN), uJonathan de Lacey (CGA), uBrandon Morne (CGA), uJonathan de Lacey (CGA), uJoshua Maas (AMPU) noJohannes Schelbusch (AFS).

Kwabesifaz­ane, uRose Xeyi (AGN), uJoviale Mbisa (AFS), u-Angel Kivido (AFS), uNicole Louw (AFS), uLyndi Roelofse (CGA), uDiphau Mashishi (CGA), uShanley Koekemoer (AGN), uZeney van der Walt (AGN), uGontse Morake (AGN), uMieke Strydom (SWD), uTharina Van der Walt (AFS) noJana van Schalkwyk (BOL).

 ?? ISITHOMBE: GOOGLE ?? NGUSOKWAKH­ANA Zazini okubhekwe lukhulu kuyena kwi-IAAF World Youth Champs eKenya.
ISITHOMBE: GOOGLE NGUSOKWAKH­ANA Zazini okubhekwe lukhulu kuyena kwi-IAAF World Youth Champs eKenya.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa