Ilanga

I-ASA isabheke lukhulu kuWayde

Ufaniswa nomqansa ongagitshe­lwa mbongolo

- MZWAMANDLA ZONDI

UMENGAMELI we-Athletics South Africa (ASA) u-Aleck Skhosana ufanisa uWayde van Niekerk nomqansa ongagitshe­lwa mbongolo emuva kokuba ephinde ecisha isikhathi sikaMichae­l Johnson kwiDiamond League ngoLwesine eLausanne, eSwitzerla­nd.

UWayde obeqala ukugijima ibanga lika-400m ngemuva kokuqopha irekhodi elisha lomhlaba kumaOlympi­c Game nyakenye eBrazil.

EBrazil uphule u-43:18 kaJohnson wase-United States of America (USA), waqopha u-43:03. Ngeledlule uphinde waphula irekhodi likaJohnso­n kwi-300m lika30:85 wabeka elisha lomhlaba u-30:81 njengoba ephindile futhi wenza kangcono isikhathi kwiDiamond League.

UJohnson ubeno-43:66 wango- we-1996, wawucisha uWayde wabeka u-43:62.

“Ngineqholo lokuthi akekho okwamanje umsubathi ongakwazi ukumelana noWayde.

"Ngimfanisa nomqansa ongagitshe­lwa mbongolo ngendlela okunzima ngayo ukumelana naye. Lokho usekukhomb­isile emijahweni eminingi abe yingxenye yayo.

"Ngibonga kakhulu nakumqeqes­hi wakhe. Bayibekile induku ebandla kwezokugij­ima kuleli yize sisalindel­e lukhulu kuyena kwazise usemncane ngokweminy­aka,” kusho uSkhosana.

Uqhube wathi maduzane bazokhipha iqembu lakuleli eliya eLondon.

Uthe selikhona kodwa kusafanele lidlule kubo bonke abantu ngaphambi kokuba balimemeze­le kwabezinda­ba.

U-Anele Dlamini wePhantane noNwabisa Mjoli weHollywoo­d Bets babe yizingqwel­e zeWaterfal­l SuperSpar Forest 10km izolo ngeSonto eWaterfall, eHillcrest.

U-Anele uqophe isikhathi esingu-32:41 ebekwe ezithenden­i nguPhumlan­i Mngadi kwathi u-Aphelele Phungula walala isithathu. UNwabisa uqophe u-38:25 elandelwa nguHappine­ss Mkhize ngo-38:41, endaweni yesithathu kwangena uJanene Carey.

Isiyonke imiphumela yalo mjaho imi kanje, esigabeni esivulelek­ile kwabesilis­a: 1.Anele Dlamini (Phantane) 32:41; 2.Phumlani Mngadi (HV) 32:54; 3.Aphelele Phungula (Bluff) 33:23. Ku-35 kuya ku-39: 1.Garlkai Madawo (CAC) 34:06. Ku-40 kuya ku-49: 1.Bernard Phalatsane (Phantane) 33:27; 2. Jono Edwards (West) 34:46; 3. Donovan van Gelder (PDAC) 37:09. Ku-50 kuya ku-59: 1.Thoerry Pletinckx (Toti) 38:02; 2.Cliff Robbertze (West) 40:06; 3.Ken Culverwell (West) 41:50. Ku- 60 kuya phezulu: 1.Aubrey Roberts (West) 40:43; 2.Mike Rook (Savages) 43:42; 3.Bongani Ndlovu (Zabalaza) 44:43. KumaJuniya: 1.Jabulani Majombozi (Boxer) 39:22.

Kwabesifaz­ane: 1.Nwabisa Mjoli (Hollywood Bets) 38:25; 2. Happiness Mkhize (Nedbank) 38:41; 3.Janene Carey (Boxer) 40:14. Ku-35 kuya ku-39: 1.Teneal Featherby (PDAC) 41:55. Ku-40 kuya ku-49: 1.Janene Carey (Boxer) 40:14; 2.Pat Dammann (Vitality) 43:29; 3.Chantel Nosworthy (DRAC) 46:20. Ku-50 kuya ku-59: 1.Michelle Sim (PDAC) 44:30; 2.Joanne Gibb (IND) 45:50; 3.Yolisile Mwelase (Phuma KZN) 46:50. Ku-60 kuya phezulu: 1.Sheree Kirsten (West) 53:50; 2.Wendy Rook (Savages) 55:22; 3.Frankie Cawdrey (Chiltern) 55:46. KumaJuniya: 1.Kholeka Biyela (Nedbank) 45:50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa