Ilanga

UJOYINE I-EAGLES OZALWA NO-TAU

- MFANAFUTHI NDLOVU

UMDLALI obatshazwa nguPercy Tau weMamelodi Sundowns ujoyine iRoyal Eagles egijima kwiNationa­l First Division (NFD).

ILANGA lithole ukuthi uDumisani Tau ongumfowab­o kaPercy usejoyine le kilabhu yezimpunye­la zaseThekwi­ni, uSbu noShawn Mpisane. UDumisani ubegijima kwiWitbank Spurs ngesizini edlule kanti uPercy utshele ILANGA muva nje ukuthi ngokwakhe lo mdlali ubaba kakhulu kunaye.

UThemba Mafu ongumnikaz­i weSpurs utshele leli phephandab­a ukuthi i-Eagles ihlabene ngalo mdlali.

Uthi umdedelisw­e wukuthi uyazintule­la ngakwezomn­otho. UMafu uthi uDumisani uyavutha ophondweni lwesobunxe­le esiswini.

I-Eagles kayisayini­sanga nje lo mdlali kuphela, kodwa ifake ema- bhukwini ayo noJomo Mncube osuka kuMthatha Bucks obegaqelwe ngamaZulu FC, uSiyanda Khumalo waseMlazi ophuma kwiMbombel­a United, uBafana Nhlapo osuka kwiSpurs, uJoshua Sauls obekwiSpur­s, uNkanyiso Madonsela obekwiJomo Cosmos, uDiego Brown osuka kwiStellen­bosch FC noCleophas Dube naye ophuma kwiStellen­bosch.

Laba badlali basayinisw­a nje, le kilabhu isanda kuchitha inqwaba kubalwa uKatlego “Killer” Mphela, uPhumelele “Ace” Bhengu, uJabulani “Macokama” Nene, u-Enver Wiltner, uCarlingto­n Nyadombo, uPhilani “Maoti” Shange ukukha nje phezulu.

Umthombo wethu oncikene kakhulu ne-Eagles uthi izikhulu zale kilabhu zijabule kakhulu ngokuthola abadlali abasha njengoba yakhiwa kabusha ukulwela ukunqoba isigaba seNFD. Kuthiwa bakhona abanye okusaxoxis­wana nabo.

Imizamo yokuthola uJames Dlamini oyiMenenja-jikelele yeEagles ukuqinisek­isa lolu daba kayiphumel­elanga njengoba ucingo lwakhe belukhala engalubamb­i.

URicardo Goss ochithwe yiLamontvi­lle Golden Arrows usayiniswe yiReal Kings United.

Umdedelisw­e wukuthi uyazintule­la...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa