Ilanga

BABHODLA UMLILO ABEBHOLA LEZIKOLE NGE-SAFA

- PHILANI NCALANE

UDINWE uyaveva uZibuse “Bizzah” Ncube onguSihlal­o weSouth African Schools Football Associatio­n (Sasfa) KwaZulu-Natal ngokuthint­eka kobuholi bakhe ebuholini obusha bebhola lezikole obusanda kwethulwa.

UNcube uthi kungamampu­nge ukuthi uSmanga Mgenge ongunobhal­a weSasfa esifundazw­eni uyingxenye yobuholi obusha besikhasha­na. Uphinde wakukhahle­la ngazo zombili ukuthi kukhona izingxoxo zokubuyisa­na phakathi weSasfa neSouth African Football Associatio­n (Safa).

“Abantu abasihambe ngemuva bayoncethe­za kwiSafa nguSteve Phila onguNobhal­a osamisiwe, u-Innocent Sirovha noDickson Moleko abangamase­kela kaMandla Mazibuko onguMengam­eli wethu. Isigungu esiphezulu seSasfa sizokuba nomhlangan­o ngoLwesith­athu ukubhunga ngalolu daba.

“UMgenge simnxuse ukuba ahlanze iqiniso kulo mhlangano ngokufakwa kwegama lakhe. Okungidina kakhulu wukuthi uMgenge ngiphoqele­kile ukumbuza ngale nto ngoba bese ngilokhu ngithola izingcingo ezingaphel­i. Ungitshele ukuthi uthole ucingo komunye umuntu emnxusa ukuba axhumane noDanny Jordaan onguMengam­eli weSafa.

“Uthi uyalele lowo muntu ukutshela uJordaan ukuba amthinte ngqo okuyinto athi kayenzekan­ga. UMgenge akekho ngisho esithomben­i esinabantu abathi sebehola ibhola. UJordaan akayeke ukusixova ngisho sesaphuma kwiSafa. Saxoshwa yibona manje ngoba sebeyahlul­eka ukuphatha ibhola lezikole sebefuna ukwenza iSasfa ingabuseki. UPhila vele umiselwe khona ukuzimatan­isa neSafa,” kusho uNcube.

UMgenge uthi ngesikhath­i okuthiwa ubesemhlan­ganweni wobuholi obusha ngaso, ubematasa nemidlalo yeSiyabong­a Sangweni Youth Festival and Mayoral Sports Day eqale ngoLwesihl­anu yasongwa izolo ngeSonto eDondotha, eMpangeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa