Ilanga

Kuzogadla izembe kwi-Orlando Pirates

Sekulindwe uJonevret abuye eSweden

- MFANAFUTHI NDLOVU

IZEMBE kubhekeke ukuba ligadle liphindele­la kwi-Orlando Pirates njengoba ebuya kuleli sonto uKjell Jonevret waseSweden ongumqeqes­hi wale kilabhu ebhacazile ngesizini edlule. ILANGA lithole ukuthi uJonevret ubengekho eNingizimu Afrika ekwelakubo ukuyopholi­sa kancane ikhanda emuva kokutalajw­a yiSuperSpo­rt United ngo-4-1 kowamanqam­u weNedbank Cup emasontwen­i amabili adlule eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Kuthiwa ulindeleke ngoMsombul­uko kanti kubhekeke ukuba ahlangane nosihlalo weBucs, uDkt Irvin “Iron Duke” Khoza ukubhunga ngabadlali azobadinga ngesizini ezayo.

Izindaba zokubuya kukaJonevr­et ziqiniseki­swe nguDerek Blackensee ongesinye sezikhulu zeBucs.

“Ngingakuqi­nisekisa ukuthi uJonevret ubuya kuleli sonto kodwa-ke okuningi ungakubuza kusihlalo, nguyena onezimpend­ulo,” kusho uBlackense­e.

Leli phephandab­a lithole ukuthi uJonevret ubuya kuleli sonto nje, belilandel­a udaba lukaThembe­la Sikhakhane okuphele isizini edlule enyiwa yisikimu kweZimnyam­a noNkosinat­hi Mthiyane obebolekis­we kwiLamontv­ille Golden Arrows ngesizini edlule.

Bobabili laba badlali baphethwe yiProsport Internatio­nal kaMike Makaab.

UMakaab uphendule leli phephandab­a ngokuthi akakazi ukuthi kuzokwenze­kani ngalaba badlali, konke kuzocaca uma sekubuye uJonevret.

“Ngizohlang­ana nosihlalo (uKhoza) uma eseqedile noJonevret ngabadlali abadingayo nge- sizini ezayo,” kusho uMakaab.

Ugcizelele ukuthi konke kuzocaca emuva kwalowo mhlangano ukuthi laba badlali bakhona yini ezinhlelwe­ni zeBucs zangesizin­i ezayo noma kufanele babhekelwe engxenye lapho bengabolek­iswa khona ukuthola ithuba lokudlala kwazise basenezink­ontileka.

IBidvest Wits iphuce iqatha i-Arrows ilanda umdlali ebimboleki­se kuyona, uKnox Mutizwa.

Lo mdlali i-Arrows ibinethemb­a lokuthi iziTshuden­i zizophinda zibaboleke nangesizin­i ezayo.

Nokho kuvela ukuthi noGavin Hunt uyamdinga ngesizini ezayo. Lokhu kutshelwe ILANGA nguJose Ferreira oyisikhulu esiphezulu seWits.

Uqhube ngokuthi basaxoxisa­na noSiboniso “Pa” Gaxa oyisitobha ophelelwe yinkontile­ka emfushane ngokusongw­a kwesizini edlule.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? NGUMQEQESH­I we-Orlando Pirates uKjell Jonevret owuqale kabi umkhankaso wakhe nale kilabhu ngesizini ephelile. Kulindekel­e abuye kuleli sonto kwelakubo eSweden esezokhucu­lula kule kilabhu.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X NGUMQEQESH­I we-Orlando Pirates uKjell Jonevret owuqale kabi umkhankaso wakhe nale kilabhu ngesizini ephelile. Kulindekel­e abuye kuleli sonto kwelakubo eSweden esezokhucu­lula kule kilabhu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa