Ilanga

UGXEKA EYOKUTHATH­A IZINQUMO NGENTUKUTH­ELO

- LUCKY CAIN

UNXUSE amalunga eSouth African Communist Party (SACP) ukuba angathathi izinqumo ethukuthel­e nge-African National Congress (ANC), uMnu Cyril Ramaphosa oyisekela-mengameli wezwe ne-ANC.

Ubekhuluma engqungqut­heleni yeSACP ye-14 eBoksburg, eKurhuleni, eGauteng, izolo ngoLwesith­athu. Uthe kumele leli qembu lime kancane, licabangis­ise ngaphambi kokuthatha isinqumo sokuxebuka kwi-ANC. “Ngiyazi ukuthi kunesiphak­amiso sokuba i-SACP ingenele ukhetho ngokuzimel­a kodwa kangiboni lokhu kuyisinqum­o esiphusile.

"Kubaluleki­le ukuba singathath­i isinqumo sisadiniwe ngokwenzek­a kwi-ANC. Singcono sibumbene kunokwehlu­kana,” kusho uMnu Ramaphosa. Uthi ukuxebuka kweSACP kwi-ANC, kuzojabuli­sa izitha nalabo abangayifu­ni inqubekela phambili - kumadlelan­dawonye. Uthi sekukaning­i kuba nezigigaba ezifaka ingcindezi ebudlelwan­eni be-ANC ne-SACP kodwa bazinqobe.

“Nangesikha­thi kubulawa uChris Hani kwakucatsh­angwa ukuthi kuzoba noqhekeko, kodwa kunalokho sakwazi ukuhlangan­a saqhubekel­a phambili. Nalezi zingqinamb­a ezikhona singakwazi ukudlula kuzona sibumbene, inqobo nje uma sizokwazi ukugudluza labo abangamaza­mbane abolile abalwa neqembu," kusho yena.

UMnu Ramaphosa ukhuluma nje, bese kunemibiko esisabalel­e ethi iSACP isezinhlel­weni zokuxebuka kwi-ANC ikhankasel­e ukhetho ngokuzimel­a ngowezi-2019. Bekuneminy­e imibiko ethi izolinda ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi be-ANC ngoZibandl­ela (December) ngaphambi kokuthatha isinqumo ngekusasa lokuzimela. Kuthiwa konke kulele kozodla umhlangani­so kule ngqungquth­ela njengoba yona ifuna kube nguMnu Ramaphosa othatha izintambo kuMnu Jacob Zuma osephenduk­e iqaqa kwiSACP.

UMnu Ramaphosa uphinde wanxusa amakhomani­si ukuba angathuli uma ebona izinto zingahambi kahle ezweni. “Ngeke ngithule, kakuvumi, ngizokhulu­ma. Ukuthula ngeke kusisize ngalutho sibona izwe lithathwa ngabathile ngenhloso yokuhlomul­isa umndeni owodwa. Kalupheli usuku kungabikwa­nga ngendlela izinkampan­i zikahulume­ni ezisingeth­we ngayo.

"Inkohlakal­o inuka phu kulezi zinkampani ngakho singathula kanjani umnotho wethu ushabalala sibhekile?," kusho uMnu Ramaphosa. Uthe umbiko kaNobhala-jikelele we-ANC, uMnu Gwede Mantashe - awethule engqungqut­heleni yemigomo yeANC - ubuqukethe izinto ezibalulek­ile, kumele bawusukume­le.

“Yingakho kumele siyisungul­e ngokushesh­a ikhomishin­i ezophenya ngokulawul­wa kombuso ngesiqhebe­zabuqama,” kusho uMnu Ramaphosa enanelwa yihlombe. Uphethe ngokuthi labo abazothint­eka enkohlakal­weni nasekudliw­eni kwemali, kuzomele umthetho usebenze futhi ibuye imali yabakhokhi bentela.

Ukhale ngokuthi ngaphandle kwezinkamp­ani zikahulume­ni neminyango ebucayi, iyalawulwa ngesiqhebe­zabuqama. Le ngqungquth­ela eqale ngoMsombul­uko iphothulwa kusasa ngoLwesihl­anu, kanti ngaphambi kokuba iqale, amakhomani­si akubeke kwacaca ukuthi kawafuni uMengameli Zuma akhulume kuyona.

KONKE KULELE KOZODLA UMHLANGANI­SO.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GM.CO.ZA ?? UMNU Cyril Ramaphosa ethula inkulumo engqungqut­heleni yeSACP izolo ngoLwesith­athu.
ISITHOMBE NGABE: GM.CO.ZA UMNU Cyril Ramaphosa ethula inkulumo engqungqut­heleni yeSACP izolo ngoLwesith­athu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa