Ilanga

Umsindo ngepulazi elithinta iSilo

Kutshalwe kulona undlunkulu

- THANDEKA NGOBESE

AYAVEVA amalunga ekomiti i-Ezinyambe Community Trust akhala ngokudliwa kwepulazi lawo, iNooitgeda­cht eliKwaShob­a eVryheid, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, athi selidayise­lwa iSilo samaBandla, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzul­u.

La malunga ayimindeni eyisi-7 okubalwa kuwona abakwaThab­ethe, abakwaMdla­lose, kwaNzuza, kwaNgema nabakwaZun­gu, athi afake isicelo sokubuyise­lwa umhlaba wokhokho bawo ngowezi-2011 emnyangwen­i wezemihlab­a, okuthe ngowezi-2013 saphasa.

Umnyango uwathengel­e leli pulazi kumnikazi walo, uMnu Kowie Lombard. Athi leli pulazi selikhokhe­liwe ama-90% emali ebizwe nguMnu Lombard, sekusele i-10% ngaphambi kokuba umhlaba kube ngowawo ngokugcwel­e.

Athi njengoba ipulazi selithengi­we, uMnu Lombard akasahlali kulona, wathi mawaligade ngoba abantu bayaganga kungenzeka balithole selicekele­ke phansi uma engalinaki.

La malunga e-Ezinyambe, athi mhla ziyisi-7 kuNtulikaz­i kwephezulu, abone sekufika iSilo singazange sixhumane nawo kodwa sikhulume nosihlalo wawo, uMnu Alias Buthelezi, osewaphend­ukele esiswini njengotshw­ala, ongasawazi­si lutho oluqhubeka epulazini.

Unobhala waleli komiti, uMnu Thabani Nzuza, uthi kwehlula ngisho sebethi bambizela umhlangano uMnu Buthelezi bafuna ukukhuluma naye. Uvele abhoke ngolaka maqede agijime aye emaphoyise­ni athi bayamhlase­la, ngokusho kukaMnu Nzuza.

Uthi ngesikhath­i kufike iSilo, babone ngezimoto zingena epulazini bengazange batshelwe lutho.

“Uma sesinikela khona siyobheka ukuthi kwenzenjan­i, sifike usihlalo ekhuluma neSilo thina sahlaliswa etendeni bengafuni nokuba sisondele sizwe inkulumo yabo. Uma sesizwa ngomnikazi wepulazi, uthi kuthiwa makangabe esasivumel­a ukuba singene epulazini njengoba selizothat­hwa yiSilo.

“NgoLwesibi­li sibone sekukhona enye imoto emile epulazini, uma sithi siyoyibhek­a savinjwa ngamaphoyi­sa athi kuthiwe kasisavume­lekile ngoba indawo yethu isiyiNatio­nal Key Point, esingakwaz­i ukuthi kushiwo ngaliphi njengoba singakaze siyibone i- government gazette ekushoyo," kusho uMnu Nzuza.

Uthi abalelwa esi-7 amapulazi abuyiselwe kubantu ngaphansi kwekomiti le-Ezinyambe Community Trust, uMnu Buthelezi angusihlal­o walo. Kulawa amanye amapulazi, abantu okumele ngabe bayahlomul­a, uthi kabahlomul­i njengoba uMnu Buthelezi esewanikez­e abanye abantu.

“Siyabona ukuthi nakuleli lethu usefuna ukwenza into efanayo njengoba esesikhiph­ela ngaphandle enza izinto yedwa. Usanda kuqaqa othayela bamahhoko ezinkukhu wabahambis­a kwakhe engaxhumen­e nathi.

“Kumanje sesimvulel­e icala ngokwenza lokhu. UMnu Buthelezi ethintwa ngalolu daba, uvele wabhoka ngolaka wathi ngeke akhulume ngeSilo emaphephen­i.

Uthi ofuna ukuzwa lolu daba makaye kuyena kuyokhulun­ywa umlomo nomlomo, ngeke ahlambalaz­e isilo ocingweni.

“Baqamba amanga labo bantu, kangibazi nokubazi kabasilo ikomiti.Ngeke ngihlambal­aze iSilo futhi kayikho into engizoyikh­uluma nomuntu engingamaz­i,” kusho uMnu Buthelezi evala ucingo.

Esephinda eshayelwa, uvumile ukuthi uyabazi laba bantu waphinda wavala ucingo wangabe esalubamba esethintwa okwesithat­hu.

Okhulumela indlunkulu, uMntwana Thulani Zulu, uthe kuyiqiniso ukuthi iSilo siyile kuleli pulazi. Uthi kulona kutshalwe indlovukaz­i uKaMdlalos­e ezala iNgomyama uSolomon esayakhoth­ama.

“ISilo sijwayele ukuya kuleli pulazi siyobeka izimbali edlinzeni lakhe. Sibe sesikhulum­a nabantu emuva kokuthi usihlalo wekomiti esitshele ukuthi banikezwa umhlaba bese bengawuseb­enzisi, bakhe kuwona.

“Besikhuza lowo mkhuba sithi abantu umhlaba mabawusebe­nzisele ukuzithuth­ukisa, hhayi ezinye izinhloso. Labo bantu banamanga, kabasibona abekomiti, ngisola ukuthi yilaba usihlalo abekhala ngabo ethi bafuna ukuthatha umhlaba ngenkani,” kusho uMntwana.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi likhona icala lokuntshon­tsha elivuliwe kodwa kakukabosh­wa muntu njengoba kusenziwa uphenyo.

UMnu Lombard uthi nakuba iSilo sifikile epulazini kodwa akezwanga ukuthi sifuna ukulitheng­a kubantu. Uthi into ayizwile wukuthi iSilo kuthiwe sizothumel­a onogada bagade ipulazi njengoba kunokungab­oni ngasolinye phakathi kukasihlal­o wekomiti nabantu, kunovalo lokuthi bangase bangene balimaze impahla.

UMnu Zweli Xaba woMnyango wezeMihlab­a KwaZulu-Natal, uthe lolu daba belungakaf­iki kubona. Uthi noma ngabe abantu bayaku- zama lokhu yinto engeke ize iphumelele ngoba umthetho kawuvumi ukuba babuyiselw­e umhlaba bese bewudlulis­a. Umuntu owenza lokhu, kumele abhekane nengalo yomthetho.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa