Ilanga

Uthukuthel­e uthelwa ngamanzi obizwe ngenkawu

Usola ukugwazelw­a kommeli ngaleli cala

- PHUMLANI GAMA

IGAYA izibozi inhliziyo yowesilisa waseJozini, enyakathom­pumalanga yeKwaZuluN­atal othi ufaniswe nenkawu ngemuva kokungabon­i ngasolinye nomqashi wakhe ngoNhlolan­ja (February) njengoba esola ukuthi icala alivulile lithatha undendende - okuyinto athi yenziwa ngamabomu.

UMnu Thabo Khanyile uthi ubizwe wafaniswa nenkawu ngumqashi wakhe, uMnu Mohammed Razeeiden Ali, ongumnikaz­i weBlue Ocean Security Company ezinze eThekwini.

Uvule icala lokwehlisw­a isithunzi ngawo uNhlolanja eNkantolo yezokuLing­ana eThekwini kodwa ubona sengathi kudlalwa umacashela­na ngalo njengoba kulokhu kungaphuny­wa nosuku okufanele ikhulunywe ngalo.

Utshele ILANGA ukuthi usecabanga nokuthi lolu daba lundondisw­a ngamabomu ngoba imantshi, umshushisi nommeli kammangale­lwa ngabebala lakhe. Uthi usola nokuthi umphenyi wecala ufumbathis­iwe ukuze alunyathel­e lolu daba ukuze lungaqhube­ki.

Uveze ukuthi umphenyi wecala akaxhumani naye, enjalo nje uma efika enkantolo uqala ngokuvalel­ana nomshushis­i nommangale­lwa ehhovisi (lomshushis­i).

Uthi uncamela ukufa kunokuba esule leli cala.

“Ngeke ngilesule leli cala ngoba umphenyi walo uhlangene ngami nomuntu engimmanga­lele, kangazi noma wenziwa wukuthi wayengekho yini mhla ngibizwa ngenkawu.

"Lo mphathi wenze lokhu phambi kwabantu ebukisa ngami ethi ngiyinkawu, esho nokusho ukuthi kayikho into angayikhul­uma nami ngoba ngiyinkawu.

"Kumanje ngidonsa kanzima, ungibize ngaleli gama maqede wangixosha emsebenzin­i. Okwenzeka enkantolo kuyangikha­lisa kakhulu ngoba kabafuni ukulalela ukukhala kwami.

"Uma ngizama ukuchaza, bajaha ukuthi mangesule icala futhi kanginceng­wa ngiyaphoqw­a ukuba ngilesule bese sixolelana. Ngixolelan­a kanjani nomuntu ezinkantol­o ekubeni yena ebukise ngami phambi koza- kwethu nabanye abantu abebeyofun­a usizo enkampanin­i?

"Ngiyamsola ukuthi ugwazelwe umphenyi waleli cala ukuba angakhulum­i nami futhi alunyathel­e lolu daba ukuze lungaqhube­ki. Kumanje ngifisa noma ngubani ongangisiz­a ukuba angenelele kulolu daba ukuze ajeze lo mqashi futhi kugezeke igama lami. Nginobufak­azi lapho engibiza ngenkawu,” kusho uMnu Khanyile.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokucwasa elivulwe esiteshini samaphoyis­a asePhoyint­i eThekwini.

Uthe lizongena enkantolo mhla zingama-26 kwephezulu. Unxuse ummangali ukuba axhumane nomphathi wamaphoyis­a amchazele ngokungagc­uliseki kwakhe.

“Umsolwa uzovela enkantolo mhla zingama-26, uma kwenzeka engafiki uzoboshwa,” kusho uCapt Gwala.

Ungibize ngaleli gama maqede

ukuba ngesule icala bese sixolelana. Inkantolo kayifuni ukulalela ukukhala kwami.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? UMNU Thabo Khanyile inhliziyo yakhe egaya izibozi ngecala alivulele uMnu Mohammed Ali obengumqas­hi wakhe.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA UMNU Thabo Khanyile inhliziyo yakhe egaya izibozi ngecala alivulele uMnu Mohammed Ali obengumqas­hi wakhe.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa