Uthukuthele uthelwa ngamanzi obizwe ngenkawu
Usola ukugwazelwa kommeli ngaleli cala
IGAYA izibozi inhliziyo yowesilisa waseJozini, enyakathompumalanga yeKwaZuluNatal othi ufaniswe nenkawu ngemuva kokungaboni ngasolinye nomqashi wakhe ngoNhlolanja (February) njengoba esola ukuthi icala alivulile lithatha undendende - okuyinto athi yenziwa ngamabomu.
UMnu Thabo Khanyile uthi ubizwe wafaniswa nenkawu ngumqashi wakhe, uMnu Mohammed Razeeiden Ali, ongumnikazi weBlue Ocean Security Company ezinze eThekwini.
Uvule icala lokwehliswa isithunzi ngawo uNhlolanja eNkantolo yezokuLingana eThekwini kodwa ubona sengathi kudlalwa umacashelana ngalo njengoba kulokhu kungaphunywa nosuku okufanele ikhulunywe ngalo.
Utshele ILANGA ukuthi usecabanga nokuthi lolu daba lundondiswa ngamabomu ngoba imantshi, umshushisi nommeli kammangalelwa ngabebala lakhe. Uthi usola nokuthi umphenyi wecala ufumbathisiwe ukuze alunyathele lolu daba ukuze lungaqhubeki.
Uveze ukuthi umphenyi wecala akaxhumani naye, enjalo nje uma efika enkantolo uqala ngokuvalelana nomshushisi nommangalelwa ehhovisi (lomshushisi).
Uthi uncamela ukufa kunokuba esule leli cala.
“Ngeke ngilesule leli cala ngoba umphenyi walo uhlangene ngami nomuntu engimmangalele, kangazi noma wenziwa wukuthi wayengekho yini mhla ngibizwa ngenkawu.
"Lo mphathi wenze lokhu phambi kwabantu ebukisa ngami ethi ngiyinkawu, esho nokusho ukuthi kayikho into angayikhuluma nami ngoba ngiyinkawu.
"Kumanje ngidonsa kanzima, ungibize ngaleli gama maqede wangixosha emsebenzini. Okwenzeka enkantolo kuyangikhalisa kakhulu ngoba kabafuni ukulalela ukukhala kwami.
"Uma ngizama ukuchaza, bajaha ukuthi mangesule icala futhi kangincengwa ngiyaphoqwa ukuba ngilesule bese sixolelana. Ngixolelana kanjani nomuntu ezinkantolo ekubeni yena ebukise ngami phambi koza- kwethu nabanye abantu abebeyofuna usizo enkampanini?
"Ngiyamsola ukuthi ugwazelwe umphenyi waleli cala ukuba angakhulumi nami futhi alunyathele lolu daba ukuze lungaqhubeki. Kumanje ngifisa noma ngubani ongangisiza ukuba angenelele kulolu daba ukuze ajeze lo mqashi futhi kugezeke igama lami. Nginobufakazi lapho engibiza ngenkawu,” kusho uMnu Khanyile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe likhona icala lokucwasa elivulwe esiteshini samaphoyisa asePhoyinti eThekwini.
Uthe lizongena enkantolo mhla zingama-26 kwephezulu. Unxuse ummangali ukuba axhumane nomphathi wamaphoyisa amchazele ngokungagculiseki kwakhe.
“Umsolwa uzovela enkantolo mhla zingama-26, uma kwenzeka engafiki uzoboshwa,” kusho uCapt Gwala.
Ungibize ngaleli gama maqede
ukuba ngesule icala bese sixolelana. Inkantolo kayifuni ukulalela ukukhala kwami.