Ilanga

Iqembu lidinga uxhaso

Liya e-Italy

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

SELILELE kumSamariy­a onesihawu - ongaziwa ukuthi uyoqhamuka kuziphi izinkalo - ithemba leqembu lesicatham­iya esithakwe nezinye izinhlobo zomculo, elidinga uxhaso lwemali njengoba liya eSicily nakwamanye amadolobha amane e-Italy ngoMgqibel­o.

IYoung Mbazo enamalunga ali-10, okungabafu­ndi basemanyuv­esi ahlukene, ithi ifisa ukuthola uxhaso komasipala baKwaZulu-Natal ngoba amalunga ayo adabuka kulesi sifundazwe. Sekungokwe­sibili ivakashela phesheya.

Leli qembu lisungulwe ngabazukul­u beLadysmit­h Black Mabazo. UBabuyile Shabalala (31), ongomunye wabasungul­i, utshele leli phephandab­a ukuthi leli qembu liya e-Italy nje, liyogubha i- festival yamagugu khona, lizohamba inyanga yonke. “Siqale ukuya e-Italy ngoNtulika­zi (July) nyakenye. Simenywe khona ngoba kubonwe i- video yethu kwi-Youtube sinandisa.

"Njengoba simenyiwe futhi, lokhu kutshengis­a ukuthi bayakuthok­ozela esikwenzay­o.

"Siyiqembu siyajabula ukuthola leli thuba lokuyonand­isa ngaphandle kwasekhaya.

"Lokhu kusho ukuthi sihamba ezinyathel­weni zomkhulu bethu. Uma sibuya sihlela ukuya ezikoleni siyotsheng­isa abafundi ukuthi senzani phesheya.

"Sinxusa uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal nowezobuci­ko namasiko ukuba ingenelele ngoba sifuna ukufundisa intsha ngesiko lethu,” kusho uBabuyile

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa