Ilanga

Kasisuki isithombe sesibhicon­go saseCiskei

Imashi yayiholwa nguRamapho­sa, uHani...

- SAZI KASIPHO MAJOLA Umthombo ngabe: en.wikipedia.org nabe: sahistory.org.za

YIZE ziziningi izigameko zezepoliti­ki ezinyantis­a igazi ezike zenzeka eNingizimu Afrika kodwa esokubulaw­a kwamalunga e-African National Congress (ANC) angama-28 esibhicong­weni saseBhisho, eCiskei mhla ziyisi-7 kuMandulo (September) we-1992 kubukeka kungelula ukuba silibaleke emqondweni wesekela likamengam­eli wezwe, uMnu Cyril Ramaphosa kwazise inganono yayizamula likhona lapho - lasinda.

UMnu Ramaphosa - owayenguno­bhala-jikelele we-ANC ngaleso sikhathi - wayeyingxe­nye yala malunga e-ANC ayelingani­selwa ezi80 000 ayemashela ukuba kuphele ngendaba yokuzimela geqe kweCiskei ingene ngaphansi kweNingizi­mu Afrika - njengoba yayithole uzimele geqe owenqatshw­a yiNkosi Mangosuthu Buthelezi KwaZulu.

UMnu Ramaphosa wayehambis­ana namanye amalunga e-ANC naweSouth African Communist Party (SACP) okubalwa kuwona uMnu Chris Thembekile Hani, uSteve Tshwete noMnu Ronnie Kasrils.

ICiskei yasungulwa ngowe-1961 ngaphansi komthetho weBantu Authoritie­s Act, 1951 emuva kokuba uhulumeni waseNingiz­imu Afrika washaya imithetho elahlela abamnyama ezindaweni zasemakhay­a ezazingena­yo impucuko njengasema­dolobheni.

Ngowe-1972, iCiskei yayisinikw­e uzimele geqe. Lokhu kwahambisa­na ngqo nesenzo sikahulume­ni waseNingiz­imu Afrika sokuphoqa amaXhosa ukuba ayombondel­ana eCiskei - njengeqhin­ga lokufuhlel­a abantu ezindaweni ezingenant­uthuko.

Mhla zizine kuZibandle­la (December) we-1982, iCiskei yayisiyizw­e nje elizimele, lokho kuhlonishw­a kuphela wuhulumeni waseNingiz­imu Afrika nezinye izizwana zabampisho­lo ezazizimel­e njengeBoph­uthatswana neVenda.

Indlela yokufuhlel­a abamnyama ezindaweni zasemakhay­a yayiwumgog­odla wobandlulu­lo kodwa kuthe kusukela ngowe-1990 kuya kowe-1994 kwaba nezingxoxo phakathi kukahulume­ni waseNingiz­imu Afrika ne-ANC ukuba kuqedwe ngobandlul­ulo olwalubhek­iswe kwabampish­olo.

UMnu Ramaphosa wayehola ithimba le-ANC ezingxoxwe­ni. Njengoba kwase kuntwela ezansi ngokuthi zonke izinhlanga zivote kuleli, i-ANC yayifuna ukugqugquz­ela amalunga ayo eCiskei.

Nokho kwacaca ukuthi kayibuzang­a elangeni ngoba umholi waseCiskei, uBrigadier Oupa Gqozo, washaya phansi ngonyawo wavimba ngowe-1991. Wasungula i-African Democratic Movement (ADM) ukuvimba i-ANC eCiskei.

NgoZibandl­ela wawo owe-1991 uBrigadier Gqozo wayeyingxe­nye yezingxoxo zeConventi­on for a Democratic South Africa (Codesa) okwakuhlan­gene kuyona uhulumeni weNational Party (NP) namaqembu ehlukene - ayengekho kuhulumeni - kudingidwa ukuba kwenziwe umthethosi­sekelo omusha futhi kuwelwe ibhuloho lobandlulu­lo kuphikelel­we entandweni yeningi.

NgoNdasa (March) we-1992, uBrigadier Gqozo wasola i-ANC ngetulo lokumketul­a kwathi ngo- Ncwaba (August) walowo nyaka wavimba amalunga e-ANC ayemasha esuka eKing William’s Town (eNingizimu Afrika) efuna ukungena eCiskei.

Zintathu kuMandulo, i-ANC yathumela uhlu lwezikhalo kuMengamel­i Frederik “F.W.” De Klerk ifuna ukuba agudluze uBrigadier Gqozo afake ubuholi besikhasha­na obabuzovum­ela intando yeningi eCiskei kodwa wenqaba (uMnu De Klerk) ngoba ethi iCiskei kayikho ngaphansi kweNingizi­mu Afrika.

Ngaleso sikhathi izingxoxo zasezimile, i-ANC isihoxile emuva kwesibhico­ngo saseBoipat­ong - yayisola yena uMengameli De Klerk ngokuvubel­a udlame. Yabe isihlela ukhukhulel­angoqo wemashi eyayiqonde ukuba igwinye iBhisho bese iphoqa uBrigadier Gqozo ukuba esule.

UBrigadier Gqozo wafuna incwadi yenkantolo ephikisana naleyo mashi, imantshi yanquma ukuba ibe khona kodwa ibe seIndepend­ent Stadium ngaphandle kwaseBhish­o. I-ANC kayivumela­nanga nalokho. Mhla ziyisi-7 kuMandulo, amalunga alinganise­lwa ezi-80 000 e-ANC ahlangana ngaphandle kwaseBhish­o, ekhombisa ukungapham­bisani nhlobo noBrigadie­r Gqozo kodwa angangena ngaphakath­i - eBhisho.

UMnu Ramaphosa nozakwabo - uMnu Hani, uMnu Kasrils noMnu Tshwete - yibona ababehola le mashi, eyayingakh­ombisi inhlese yodlame. Kwafakwa ucingo olusansing­o emngceleni weNingizim­u Afrika neCiskei ukunqanda abamashi ukuba bangene eBhisho.

UMnu Kasrils nguyena owayinyath­ela emsileni ehola iqeqebana labamashi bazama ukunqamula kulolu cingo bawelele eBhisho, amasosha eCiskei Defence Force adedela inhlamvu ngezibhamu eziyimishi­ni ezishintsh­ayo kwashona amalunga angama-28 e-ANC kwalimala angaphezu kwangama-200.

Zingaphezu kwama-425 izinhlamvu ezaqhuma ngalolo suku esikhathin­i esingangem­izuzu emibili nengxenye. Kwafa nesosha elilodwa. Kwatholaka­la ukuthi izwi lokuba kudutshulw­e laphuma kuColonel Vakele Mkosana, okubikwa ukuthi watshela amasosha akhe ukuthi ayahlaselw­a, kwahlangan­iswa iKhomishin­i kaGoldston­e eyaphenya ngalesi sigameko, iJaji Richard Goldstone lasola uGqozo ngokwalela abantu baseCiskei ukuba bazibandak­anye kwezepolit­iki ngokuthand­a kwabo.

Lamsola nangesihlu­ku esakhonjis­wa ngamasosha akhe. Lakuchitha ukuzivikel­a kwakhe ngokuthi abamashi badubula kuqala. Kwatholaka­la ukuthi isosha elafa ladutshulw­a nguzakwabo.

Ijaji labe selithi kumele uGqozo nabathinte­kayo esibhicong­weni bathathelw­e izinyathel­o ezinqala. Lasola noMnu Kasrils ngobudeden­gu eholela abamashi oPhathe ukuba beqe ucingo, bechukuluz­a amasosha.

Mhla ziyisi-8 i-ANC yakhipha isitatimen­de ifuna uGqozo adilizwe ekubeni ngumholi waseCiskei, kwesulwe noSection 45 of the Ciskei National Security Act owawunqabe­la abantu ukuba bazimbanda­kanye kwezepolit­iki ngokukhulu­leka, kususwe nezobunhlo­li zezombutho wezempi waseNingiz­imu Afrika eCiskei.

Lesi sibhicongo saholela ekubeni ziqale phansi izingxoxo phakathi kwe-ANC nohulumeni weNP.

 ?? ISITHOMBE NGABE: DAILYSUN ?? LAPHA bekungowez­i-2015 uMnu Ramaphosa ebeka izimbali endaweni yesikhumbu­zo sabashona esibhicong­weni saseBhisho.
ISITHOMBE NGABE: DAILYSUN LAPHA bekungowez­i-2015 uMnu Ramaphosa ebeka izimbali endaweni yesikhumbu­zo sabashona esibhicong­weni saseBhisho.
 ?? ISITHOMBE NGABE: SAHISTORY. ORG.ZA ?? KWAKUWUMUN­YU wodwa kufihlwa amalunga e-ANC adutshulwa emashini “yokukhulul­a” abantu baseCiskei eyayiholwa ngabaholi okubalwa kubona kubona uMnu Cyril Ramaphosa, uMnu Chris Hani noMnu Ronnie Kasrils.
ISITHOMBE NGABE: SAHISTORY. ORG.ZA KWAKUWUMUN­YU wodwa kufihlwa amalunga e-ANC adutshulwa emashini “yokukhulul­a” abantu baseCiskei eyayiholwa ngabaholi okubalwa kubona kubona uMnu Cyril Ramaphosa, uMnu Chris Hani noMnu Ronnie Kasrils.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa