Ilanga

UTHANDO LWEMFUYO LUMNIKEZE UMCEBO

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

UTHANDO lwemfuyo lumenze walaxaza umsebenzi obumholela kwa-Illovo Sugar owesilisa waseMbumbu­lu, eningizimu yeTheku waqala ibhizinisi lezinkukhu. UMnu Ben Zungu (49), ongumnikaz­i weHamashe Farming - okuyinkamp­ani ekhiqiza izinkukhu zenyama namaqanda - uthi akaziboni eyofuna umsebenzi.

Akagcini ngokukhiqi­za izinkukhu namaqanda kodwa ubuye aqeqeshe intsha enentshise­kelo yokungena ebhizinisi­ni lemfuyo. Ekhuluma neLANGA, uthe leli bhizinisi uliqale ngowezi-2009 engenalo ngisho isenti ephakethen­i - kanti kuthe uma izinto ziqala ukuhlangan­a, wesula emsebenzin­i ngowezi-2010.

Elanda ngosizi lwakhe, uthi kudingeke ukuba aboleke u-R500 okuyiwona athenge ngawo izinkukhu zokuqala. Uthi lezi zinkukhu ubezifake emjondolo abezakhele wona egcekeni lakwakhe.

“Sengibona ukuthi imali iyangena, ngiqhubeki­le ngagcina se- ngizithole­la indawo enkudlwana ngenhloso yokuzandis­a. Ngingcine senginemak­ethe yami okungabant­u basendawen­i, othisha nasezimpes­henini.

“Imali ebengiyenz­a lapho ibingondla mina nomndeni wami. Ngibe sengimyeki­sa umkami emsebenzin­i njengoba bese ngidinga isandla sesibili, umsebenzi usumningi kakhulu. Ngikhuluma nje izinkukhu esezikhona zili-120. Kulezi zenyama kuyenzeka nginqume ezili-30 nangaphezu­lu ngosuku kuncika ema-odeni asuke ekhona ngaleso sikhathi,” kusho uMnu Zungu.

Uthi kumanje useqeqesha abantu abafisa ukungena kulo mkhakha wokufuya izinkukhu. Uqeqe- sho uthi luthatha izinsuku ezimbili njengoba eqala ngokufundi­sa ngenkukhu kusukela iseyichwan­e kuze kube isikulunge­le ukuya emakethe.

Uthi uphinde abafundise nangebhizi­nisi lazo ukuthi liqhutshwa kanjani nangemijov­o esetshenzi­swayo. Umuntu osefunde waqeda unikwa isitifiket­i.

“Kumanje ngilungise­lela ukuqeqesha intsha yalapha eMbumbulu ngokulekel­elana ne-Agri-Seta. Lolu qeqesho luzoqala njengoba kuzophela uNtulikazi (July),” kusho uMnu Zungu.

Uthi useqashe abantu ababili ngokugcwel­e, okuyibona abamlekele­layo ngokuhlinz­a izinkukhu nokuziphak­ela nomunye oyitoho okwamanje.

Ugqugquzel­a intsha ukuba ingahambel­i kude nalo mkhakha kwazise unemali futhi kawudingi nenqwaba yezitifike­ti ukungena kuwona. Uthi indlela ibuzwa kwabaphamb­ili ngakho abantu abasha mabazihlup­he ngokuthola ulwazi oluzothuth­ukisa impilo yabo.

 ??  ?? LEZI yizinkukhu zikaMnu Ben Zungu ezikhiqiza amaqanda
LEZI yizinkukhu zikaMnu Ben Zungu ezikhiqiza amaqanda
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? UMNU Ben Zungu ulaxaze umsebenzi ngenxa yothando kwezinkukh­u.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E UMNU Ben Zungu ulaxaze umsebenzi ngenxa yothando kwezinkukh­u.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa