Imile impilo konenkinga kamazisi
Ngokukamazisi anawo ushiyana ngeminyaka emine nendodakazi
UDONSA kanzima owesifazane waseMnambithi, maphakathi neKwaZulu-Natal osefike esigabeni sokuhola impesheni kodwa ongayiholi ngoba kuthiwa iminyaka ekumazisi wakhe ithi mincane.
UNkk Bacuphile Zondo, ngokomazisi wakhe uzalwe ngowe-1972 ekubeni indodakazi yakhe endala izalwe ngowe-1976. Ekhuluma ne
uthi sekunesikhathi ezama ukuyisukumela le nkinga kodwa uyehluleka njengoba abomnyango wezasekhaya bemtshela kwezikabhoqo ukuthi ngeke ilungiseke ngoba akazazi ukuthi uzalwe nini nesitifiketi sombhabhadiso engenaso.
Uthi into eyenza angazazi ukuthi uzalwe nini, ngukuthi abazali bakhe bashone esemncane.
“Ngesikhathi engikhule ngaso, indaba yezitifiketi zamasonto beyenziwa ngabaphila isilungu mina selokhu ngazalwa bengiyibhinca. Kangikaze ngiwubeke umcondo wami esikoleni futhi kangikaze ngisebenze ndawo.
“Into ebesiyenza sikhula ekhaya eMsinga, besishaya ingoma siphila isintu kwaze kwaba ngiyogana la esengihlala khona eMnambithi," kusho uNkk Zondo.
Uthi nalo mazisi oneminyaka okungesiyona eyakhe, uwushayelwe ngumfowabo onguthunjana kubo naye eziqagelela nje.
"Bonke engikholwa wukuthi bangontanga yami engangikhula nabo, sebeyahola mina kulokhu kuthiwa iminyaka kayivumi,” kusho uNkk Zondo.
Uthi ngesikhathi eyoshayela ingane yakhe yokuqala isitifiketi sokuzalwa, omunye umabhalane womnyango wezasekhaya wamjikisa wathi makayolanda omunye ozomsiza ashaye isitifiketi sengane ngoba ngokukamazisi wakhe ushiyana ngeminyaka emine nendodakazi yakhe.
“Ingane yami yokuqala kumanje nje kayibizi mina emnyangweni wezasekhaya, ibiza ubabekazi wami ongasekho emhlabeni ngoba nguyena owayishayela umazisi.
“Okungiphatha kabi kakhulu manje wukuthi akekho ozimisele ngokungisiza emnyangweni njengoba kuyona yonke iminyango engifakwa kuyona kuvele kuthiwe mangiveze ubufakazi bokuthi ngimdala ngempela,” kusho yena.
Uthi abanye bake bamcebisa ngokuthi kumele athole udokotela ozohlola umkantsha wakhe okuyiwona ozosho ukuthi uneminyaka emingaki.
Uthi manje akanayo imali yokukhokhela lo dokotela njengoba engasebenzi futhi engaholi.
“Ikati lilele eziko nasekhaya njengoba ngingaholi, kangikwazi ngisho nokugxumeka ngakhe indlu kwazise lezi engihlala kuzona ziyavuza.
"Abantwana bami kabakayitholi imisebenzi esile basalokhu bebamba amatoho nje.
“Ngicela noma ngubani ongangisiza kule nkinga engibhekene nayo. Ngingamukela noma yiluphi uhlobo losizo,” kuzikhalela uNkk Zondo. Okhulumela uMnyango wezaseKhaya KwaZuluNatal, uMnu Cyril Mncwabe, uthe umnyango uzoxhumana noNkk Zondo ukuze babheke ukuthi bangamsiza kanjani.