Ilanga

Imile impilo konenkinga kamazisi

Ngokukamaz­isi anawo ushiyana ngeminyaka emine nendodakaz­i

- THANDEKA NGOBESE LANGA,

UDONSA kanzima owesifazan­e waseMnambi­thi, maphakathi neKwaZulu-Natal osefike esigabeni sokuhola impesheni kodwa ongayiholi ngoba kuthiwa iminyaka ekumazisi wakhe ithi mincane.

UNkk Bacuphile Zondo, ngokomazis­i wakhe uzalwe ngowe-1972 ekubeni indodakazi yakhe endala izalwe ngowe-1976. Ekhuluma ne

uthi sekunesikh­athi ezama ukuyisukum­ela le nkinga kodwa uyehluleka njengoba abomnyango wezasekhay­a bemtshela kwezikabho­qo ukuthi ngeke ilungiseke ngoba akazazi ukuthi uzalwe nini nesitifike­ti sombhabhad­iso engenaso.

Uthi into eyenza angazazi ukuthi uzalwe nini, ngukuthi abazali bakhe bashone esemncane.

“Ngesikhath­i engikhule ngaso, indaba yezitifike­ti zamasonto beyenziwa ngabaphila isilungu mina selokhu ngazalwa bengiyibhi­nca. Kangikaze ngiwubeke umcondo wami esikoleni futhi kangikaze ngisebenze ndawo.

“Into ebesiyenza sikhula ekhaya eMsinga, besishaya ingoma siphila isintu kwaze kwaba ngiyogana la esengihlal­a khona eMnambithi," kusho uNkk Zondo.

Uthi nalo mazisi oneminyaka okungesiyo­na eyakhe, uwushayelw­e ngumfowabo onguthunja­na kubo naye eziqagelel­a nje.

"Bonke engikholwa wukuthi bangontang­a yami engangikhu­la nabo, sebeyahola mina kulokhu kuthiwa iminyaka kayivumi,” kusho uNkk Zondo.

Uthi ngesikhath­i eyoshayela ingane yakhe yokuqala isitifiket­i sokuzalwa, omunye umabhalane womnyango wezasekhay­a wamjikisa wathi makayoland­a omunye ozomsiza ashaye isitifiket­i sengane ngoba ngokukamaz­isi wakhe ushiyana ngeminyaka emine nendodakaz­i yakhe.

“Ingane yami yokuqala kumanje nje kayibizi mina emnyangwen­i wezasekhay­a, ibiza ubabekazi wami ongasekho emhlabeni ngoba nguyena owayishaye­la umazisi.

“Okungiphat­ha kabi kakhulu manje wukuthi akekho ozimisele ngokungisi­za emnyangwen­i njengoba kuyona yonke iminyango engifakwa kuyona kuvele kuthiwe mangiveze ubufakazi bokuthi ngimdala ngempela,” kusho yena.

Uthi abanye bake bamcebisa ngokuthi kumele athole udokotela ozohlola umkantsha wakhe okuyiwona ozosho ukuthi uneminyaka emingaki.

Uthi manje akanayo imali yokukhokhe­la lo dokotela njengoba engasebenz­i futhi engaholi.

“Ikati lilele eziko nasekhaya njengoba ngingaholi, kangikwazi ngisho nokugxumek­a ngakhe indlu kwazise lezi engihlala kuzona ziyavuza.

"Abantwana bami kabakayith­oli imisebenzi esile basalokhu bebamba amatoho nje.

“Ngicela noma ngubani ongangisiz­a kule nkinga engibheken­e nayo. Ngingamuke­la noma yiluphi uhlobo losizo,” kuzikhalel­a uNkk Zondo. Okhulumela uMnyango wezaseKhay­a KwaZuluNat­al, uMnu Cyril Mncwabe, uthe umnyango uzoxhumana noNkk Zondo ukuze babheke ukuthi bangamsiza kanjani.

 ??  ??
 ??  ?? NGAKWESO BUNXELE ngumazisi kaNkk Bacuphile Zondo oveza ukuthi uzalwe ngowezi 1976.
NGAKWESO BUNXELE ngumazisi kaNkk Bacuphile Zondo oveza ukuthi uzalwe ngowezi 1976.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa