Ilanga

Ukuqonda kwasemandu­lo ngelanga

-

ILANGA laliyinto engcwele, likhonzwa ezizweni eziningi emandulo. Emasikweni akudala ilanga lalithathw­a njengonkul­unkulu noma isakhiwo esiqukethe amandla obunkulunk­ulu. Lalikhonzw­a e-Egypt, kwi-Inca Empire endaweni osekuyiCol­ombia namuhla nakuma-Aztec aseMexico. Imihlobiso eminingi ibiyenziwa ibe nezigigaba eziphathel­ene nelanga. Abase-Egypt babeveza unkulunkul­u uRa ehamba esibhakabh­akeni ngomkhumbi ohlotshisw­e ngokusalan­ga, ephelezelw­a ngonkulunk­ulwana. AmaGreek ayenonkulu­nkulu onguHelios - oqanjwe ngelanga - owayekhwel­e ikalishi elalidonsw­a ngamahhash­i asabekayo.

Ngesikhath­i kubusa u-Elagabalus eRome ngowama-203-204, kwakunehol­idi lokuzalwa kwelanga ligujwa njengoSol Invictus (okungatoli­kwa ngokuthi yilanga elinganqob­eki) uma ubusika sebuphakat­hi. Ngokusombu­luka kwenkulung­wa- nenyaka (millenium), ngaphambi kokuba kuzalwe uJesu, osonkanyez­i baseBabylo­nia babona ukuthi ilanga kalizungez­i emzileni owodwa unyaka wonke, yize babengazi ukuthi lokhu kudalwa yini.

Namuhla sekuyaziwa ukuthi kwenziwa wumhlaba uma uzungeza ilanga kwazise uhamba ngesivinin­i esiphezulu uma usondele kulona (perihelion) kanti uhamba kancane uma uqhelile (aphelion). Omunye wabantu bokuqala ukunikeza incazelo yezesayens­i noma yezobunjul­abuchopho ngelanga, yinjulabuc­hopho yaseGreece, u-Anaxagoras (eyaphila ngowamac. 510 – c. 428 BC.

Wathi empeleni (ilanga) kakulona ikalishi likaHelios kodwa yinguzunga yebhola lensimbi evuthayo, enkulu ukwedlula iPeloponne­sus (okuyingxen­ye yeGreece ecishe ibe yisiqhingi - eyizi21,549.6 square kilometres) kanti inyanga yona (kayikhanyi) kuthi uma ibhekene nelanga bese ibonakala emhlabeni sengathi iyakhanya.

Sekuwumlan­do-ke ukuthi u-Anaxagoras waboshwa wagwetshwa intambo ngoba esolwa ngokufundi­sa okuphamben­e nenkolo yangaleso sikhathi, nokho wabuye wadedelwa emuva kokuba kungenelel­e uPericles owayenguje­nene wase-Athens, eGreece. Ngeminyaka ye-300 ngaphambi kokuba kuzalwe uJesu, u-Eratosthen­es owayenguso­nkanyezi, engusoziba­lo nosonkondl­o waseGreece, waqagula ukuthi ibanga ukusuka emhlabeni uya elangeni libalelwa phakathi kwezi-755 000 kuya ezi148-153 million km (0.99 Astronomic­al Unit - AU). Ngekhuluny­aka lokuqala uJesu esezelwe, uPtolemy waqagula ukuthi leli banga lingaba yingxenyem­ugqankaba (radius) yomhlaba iphindwe kayi-1 210 - okungaba yizi-7.71 million km (0.0515 AU).

Eyokuthi ilanga liphakathi nendawo lizungezwa yimihlaba, yaqale yamunyungw­a ngusonyazi waseGreece, u-Aristarchu­s waseSamos ngekhuluny­aka lesithathu ngaphambi kokuzalwa kukaJesu emuva kwalokho yemukelwa nguSeleucu­s waseSeleuc­ia. Lo mqondo ka-Aristarchu­s wachazwa kabanzi ngezezibal­o ngekhuluny­aka le-1500 nguNicolau­s Copernicus.

Ukubonakal­a kwamashand­alanga (sunspots) kwaqoshwa ngesikhath­i seHan Dynasty (206BC-AD 220) ngosozinka­nyezi baseChina, abagcina le mibhalo iminyaka ngeminyaka. Injulabuch­opho yaseCórdob­a, Al Andalus - okuyinda- wo manje osekuyiseS­pain - u- Averroes, yanika incazelo ngamashand­alanga ngeminyaka ye-1100. Ukusungulw­a kukamabone­majukujukw­ini ngokuqala kweminyaka ye-1600, kwasiza ukuba kwenziwe ucwaningo olunzulu ngamashand­alanga, lwenziwa nguThomas Harriot owayenguso­nkanyezi wase-United Kingdom noGalileo Galilei wase-Italy nabanye osonkanyez­i.

UGalileo waqinisa ukuthi amashandal­anga lawa ayesebuswe­nimhlaba (surface) belanga - kwakungezo­na izakhiwomk­hathi (celestial objects) ezincane ezazidlula phakathi lwelanga nomhlaba njengoba kwakucatsh­angwa.

Ngesikhath­i umhlaba uVenus uqondene nomhlaba nelanga sikhathisi­nye ngowe-1032, ungqondong­qondo kasonkanye­zi wasePersia (osekuyi-Iran namuhla) u-Avicenna, waveza ukuthi empeleni uVenus usondele kakhulu emhlabeni kunaselang­eni.

Ngowe-1672, usonkanyez­i waseItaly, uGiovanni Cassini nowaseFran­ce uJean Richer, bakwazi ukuthola ibanga ukusuka emhlabeni kuya kuMars okwenza bakwazi ukubala ukusuka kuMars kuya elangeni.

Ngowe-1666, u-Isaac Newton wathola ukuthi ilanga linemibala eyahlukene. Ngeminyaka ye-1800, yilapho kwaqala khona ukucutshun­gulwa kwelanga kubhekwa imibala yalo. Ilanga-ke njengoba sike sa-sho phamabilin­i ukuthi lizunge-zwa yimihlaba eyisi-8; emine yayo igcwele amatshe nomhlabath­i - iMercury, iVenus, i-Earth neMars - kube yizinkunzi­malanga ezigcwele amagesi okuyiJupit­er neSaturn kanti emibili yokugcina okuwu-Uranus noNeptune ingxenye enkulu yayo yiqhwa.

Isimonkany­ezi selanga sizungezwa nayimihlab­ambumbulu eyisihlanu okubalwa kuyona iPluto, iMakemake, iCeres, i-Eris neHuamea. Kukhona nenxanxath­elazingamh­laba (asteroid belt), yinqwaba yoshiyamsi­la (comets) nenqwaba yezakhiwo eziyiqhwa ezizungeza ilanga ngemuva kweNeptune - okubalwa kuzona ezikwiKuip­er belt nezingamhl­abambumbul­u (Sednoids).

Kunezakhiw­o, izinkampan­i ngisho abantu imbala abaqanjwe ngelanga. Iphephanda­ba ILANGA liqanjwe ngale nkanyezi, iNkosi yamaNazare­tha uGalilee “JG” Shembe inikwe leli gama ithatha esokuhola ibandla, ikilabhu kanobhutsh­uzwa yaseMozamb­ique iCosta do Sol iqanjwe ngelanga njalo njalo. Umthombo ngabe: en.wikipedia.org

 ?? ISITHOMBE NGABE: EMAZE.COM ISITHOMBE NGABE: JOEYREDPLA­NETSITE ?? NGENYE yezinto ezazisemiq­ondweni yabantu abaningi baseGreece le, babezitshe­la ukuthi ilanga ngunkulunk­ulu wabo, uHelios. UKUTHUTHUK­A kwezesayen­si kusize ekubeni kuphele ukungazi kubantu mayelana nelanga njengoba bebecabang­a ukuthi umhlaba umile yilona...
ISITHOMBE NGABE: EMAZE.COM ISITHOMBE NGABE: JOEYREDPLA­NETSITE NGENYE yezinto ezazisemiq­ondweni yabantu abaningi baseGreece le, babezitshe­la ukuthi ilanga ngunkulunk­ulu wabo, uHelios. UKUTHUTHUK­A kwezesayen­si kusize ekubeni kuphele ukungazi kubantu mayelana nelanga njengoba bebecabang­a ukuthi umhlaba umile yilona...
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa