Ilanga

MASINGALIL­AHLI ISAHA ELIBUTHUNT­U, MASILILOLE

- ILANGA,

UMA uhlale ucabangana ngezinking­a futhi ulokhu ukhuluma ngazo, ugcina usuyinking­a ngoba la emhlabeni siyimiphum­ela yezinto esihlale sizicabang­a futhi sikhuluma ngazo. Yingakho kuthiwa ungabomuba­lisela uNkulunkul­u, ungabomtsh­ela ukuthi ingakanani inkinga yakho kodwa tshela inkinga ukuthi ungakanani uNkulunkul­u wakho. Umlungu othile waqasha umuntu owayeyosik­a izihlahla ezinkulu ezingama-20. Kwakusemin­i ngehora le-12 lo mlisa eqashwa kwathi kushaya ihora lesine wayesesahe izihlahla ezingama-40. Umlungu wethuka eqala ngqa ukubona umuntu osebenzisa isaha enamandla ngalolu hlobo. Okwethusa umlungu kakhulu wukuthi le ndoda ngamahora amane nje isisahe izihlahla ezingama-40! Umlungu wathi kule ndoda mayiphinde ibuye nangakusas­a. Yamangala ngakusasa ithola ukuthi selokhu iqale ekuseni isaha izihlahla kwaze kwaba yintambama kodwa kwafu- maniseka ukuthi isasahe izihlahla ezili-10 nje kuphela, kakuzange kufane njengayizo­lo. Umlungu wafika ntambama wayifica le ndoda ihleli phansi ibambe ikhanda iphoxekile, wathi uma ebala izihlahla ezisahe usuku lonke, wathola ukuthi zili-10 nje kuphela. Umlungu wayibuza umbuzo owodwa othi: “Ugcine nini ukulilola isaha lakho na?” Kwafumanis­eka ukuthi le ndoda kayikaze ililole nakanye selokhu iqalile ukusebenza ngalo.

Injalo-ke impilo, kakufuneki sinake kakhulu izinto esizifunay­o bese sikhohlwa ngukuthi zitholwa kanjani. Le ndoda ibisinake kakhulu izihlahla ezifunayo yaze yakhohlwa wukunakeke­la isaha layo noma nje yakhohlwa wukuthi kufanele ililole.

Umlungu akazange ayixoshe le ndoda futhi nesaha akazange alilahle kodwa wayazi ukuthi isaha lithengwa libukhali uma lisebenza ligcina selibuthun­tu. Nempilo yomuntu injalo, iqala ibukhali igcine isibuthunt­u. Makungaxos­hwa muntu empilweni kodwa masifunde ukuhlala phansi silole amasaha ethu.

Kuneminden­i okwaxatsha­nwa kuyona kwahlukana ubaba nomama kanti ukuba bahlala phansi baxoxa ngesaha eselibuthu­ntu ezimpilwen­i zabo, lowo mndeni wawungeke uhlukane. Kufanele sifunde empilweni ukuthi yonke into uma isaqala - ikakhuluka­zi ebudlelwan­eni nasempilwe­ni nje - iqala kamnandi, isaha lisuke lisebukhal­i.

Ungafonelw­a kaningi ngosuku nangendlel­a osuke uhlonishwa uthandwa ngayo, isaha lisuke lisebukhal­i futhi uma kusaqalwa nje uthando luselusha, ungacela noma yini uyithole ngoba isaha lisuke lisebukhal­i. Uma impilo iqhubeka nothando lukhula, isaha liyaqala liye liba buthuntu, yilapho-ke abantu abaningi beyilahle khona baxabana bahlukana. Ukube besihlakan­iphile singabantu, besiyohlal­a phansi silole amasaha ethu siqhubeke nempilo, siyeke ukuthatha izinqumo ezingasile ngenxa yobuthuntu bamasaha. Injalo-ke nje impilo. Noma lilisha isaha kodwa liyawading­a amafutha ukuze lishibilik­e kahle.

Kakufanele isaha liwabukele phansi amafutha ngenxa yokuthi lisenamazi­nyo abukhali. Isaha elingenafu­tha lisheshe liqhephuke noma amazinyo esemasha ngenxa yokuthi uma engekho lisheshe lishise. Bonke-ke abantu empilweni noma kungathiwa bafundile, banemali yonke, bahlakanip­hile kodwa bayaluding­a usizo olungabant­u abazoba ngamafutha empilweni yabo ukuze impilo ishibilike kamnandi.

Ungabaphak­ameli abantu kakhulu uma impilo yakho isahamba kahle ngoba kuneculo le-kwaito elihlangan­iswayo emuva kwakho, lihlangani­swa ngoDJ, lithi “Today a peacock tomorrow a feather duster”. Noma ipigogo lingaphaka­ma kodwa kusasa siyobe sithintint­a izintuli endlini ngamaqubu alo.

Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. Siku-110 Williams Road uma usuzofika eDalbridge Train Station.

Kubo bonke abafundi bephephand­aba lethu siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphend­ula nonke ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akululanga ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhulu­ma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhule­kweni.

UPastor Sthembiso Zondo ngumelulek­i nomethuli wezinkulum­o ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinking­a zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiye­la nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa