MASINGALILAHLI ISAHA ELIBUTHUNTU, MASILILOLE
UMA uhlale ucabangana ngezinkinga futhi ulokhu ukhuluma ngazo, ugcina usuyinkinga ngoba la emhlabeni siyimiphumela yezinto esihlale sizicabanga futhi sikhuluma ngazo. Yingakho kuthiwa ungabomubalisela uNkulunkulu, ungabomtshela ukuthi ingakanani inkinga yakho kodwa tshela inkinga ukuthi ungakanani uNkulunkulu wakho. Umlungu othile waqasha umuntu owayeyosika izihlahla ezinkulu ezingama-20. Kwakusemini ngehora le-12 lo mlisa eqashwa kwathi kushaya ihora lesine wayesesahe izihlahla ezingama-40. Umlungu wethuka eqala ngqa ukubona umuntu osebenzisa isaha enamandla ngalolu hlobo. Okwethusa umlungu kakhulu wukuthi le ndoda ngamahora amane nje isisahe izihlahla ezingama-40! Umlungu wathi kule ndoda mayiphinde ibuye nangakusasa. Yamangala ngakusasa ithola ukuthi selokhu iqale ekuseni isaha izihlahla kwaze kwaba yintambama kodwa kwafu- maniseka ukuthi isasahe izihlahla ezili-10 nje kuphela, kakuzange kufane njengayizolo. Umlungu wafika ntambama wayifica le ndoda ihleli phansi ibambe ikhanda iphoxekile, wathi uma ebala izihlahla ezisahe usuku lonke, wathola ukuthi zili-10 nje kuphela. Umlungu wayibuza umbuzo owodwa othi: “Ugcine nini ukulilola isaha lakho na?” Kwafumaniseka ukuthi le ndoda kayikaze ililole nakanye selokhu iqalile ukusebenza ngalo.
Injalo-ke impilo, kakufuneki sinake kakhulu izinto esizifunayo bese sikhohlwa ngukuthi zitholwa kanjani. Le ndoda ibisinake kakhulu izihlahla ezifunayo yaze yakhohlwa wukunakekela isaha layo noma nje yakhohlwa wukuthi kufanele ililole.
Umlungu akazange ayixoshe le ndoda futhi nesaha akazange alilahle kodwa wayazi ukuthi isaha lithengwa libukhali uma lisebenza ligcina selibuthuntu. Nempilo yomuntu injalo, iqala ibukhali igcine isibuthuntu. Makungaxoshwa muntu empilweni kodwa masifunde ukuhlala phansi silole amasaha ethu.
Kunemindeni okwaxatshanwa kuyona kwahlukana ubaba nomama kanti ukuba bahlala phansi baxoxa ngesaha eselibuthuntu ezimpilweni zabo, lowo mndeni wawungeke uhlukane. Kufanele sifunde empilweni ukuthi yonke into uma isaqala - ikakhulukazi ebudlelwaneni nasempilweni nje - iqala kamnandi, isaha lisuke lisebukhali.
Ungafonelwa kaningi ngosuku nangendlela osuke uhlonishwa uthandwa ngayo, isaha lisuke lisebukhali futhi uma kusaqalwa nje uthando luselusha, ungacela noma yini uyithole ngoba isaha lisuke lisebukhali. Uma impilo iqhubeka nothando lukhula, isaha liyaqala liye liba buthuntu, yilapho-ke abantu abaningi beyilahle khona baxabana bahlukana. Ukube besihlakaniphile singabantu, besiyohlala phansi silole amasaha ethu siqhubeke nempilo, siyeke ukuthatha izinqumo ezingasile ngenxa yobuthuntu bamasaha. Injalo-ke nje impilo. Noma lilisha isaha kodwa liyawadinga amafutha ukuze lishibilike kahle.
Kakufanele isaha liwabukele phansi amafutha ngenxa yokuthi lisenamazinyo abukhali. Isaha elingenafutha lisheshe liqhephuke noma amazinyo esemasha ngenxa yokuthi uma engekho lisheshe lishise. Bonke-ke abantu empilweni noma kungathiwa bafundile, banemali yonke, bahlakaniphile kodwa bayaludinga usizo olungabantu abazoba ngamafutha empilweni yabo ukuze impilo ishibilike kamnandi.
Ungabaphakameli abantu kakhulu uma impilo yakho isahamba kahle ngoba kuneculo le-kwaito elihlanganiswayo emuva kwakho, lihlanganiswa ngoDJ, lithi “Today a peacock tomorrow a feather duster”. Noma ipigogo lingaphakama kodwa kusasa siyobe sithintinta izintuli endlini ngamaqubu alo.
Uma ufuna ukuthola uMfu Zondo bukhoma, vakashela ibandla lakhe njalo ngeSonto ngehora le-10. Siku-110 Williams Road uma usuzofika eDalbridge Train Station.
Kubo bonke abafundi bephephandaba lethu siyafisa ukuba sisizane futhi ngiyafisa ukuniphendula nonke ngebhadi ucingo noma inombolo iyodwa ngakho akululanga ukunibamba nonke. Uma ufona uyizwa ikhala, ngesinye isikhathi ngisuke ngisakhuluma nomunye. Nixole kuleyo ndawo kodwa ngokushiya nje umqhafazo, siyakubeka nasemkhulekweni.
UPastor Sthembiso Zondo ngumeluleki nomethuli wezinkulumo ezakhayo. Uzobe ephendula imibuzo yabafundi ngezinkinga zempilo nezothando kwiLANGA LangeSonto. Abafuna ukuxhumana noma ukummema, inombolo ithi: 073 795 2292. Ungamshiyela nomyalezo kuFacebook: Sthembiso Zondo Fan Page noma kuWhatsApp: 082 070 8034