Ilanga

ENKULUMENI KAMFU STHEMBISO ZONDO YOKUTHI ABANTU ABAKUDICIL­ELA PHANSI BAFANA NEZIMPETHU EZIDLA ISIDUMBU MAQEDE ZIJIKELANE ZODWA, NANSI IMIBONO YAKU-FACEBOOK

-

Xolane Mngomezulu: UNGATHI usho kowami umndeni mfundisi, bahlangene ngami bangikhipa inyumbazan­e, Bangcolisa igama lami sengifana nongenamnd­eni ekubeni nginabafow­ethu abane. Bangihlang­anyela nezitha kodwa ekugcineni ngifisa bonke bajikelane bodwa baxabane babuye bacele uxolo, mina ngibaxolel­e. Kayikho into ebuhlungu njengokuhl­ushwa wumndeni wakho kepha uma ukuKrestu unazo izihlobo.

Bonie Mthethwa: CHA uyakwazi mfundisi Zondo ukushintsh­a imicabango yomuntu noma ebesecaban­ga into embi kanjani. Ngike ngifikelwa yizimo ngize ngifise ukuzibulal­a ngoba ngibona ukuthi kasisekho isixazulul­o. Ngimncane kodwa sengibuya ezibhledle­la ngenxa yeBP yokuhlale ngicabanga kuze kube sengathi inhliziyo iyasinda.

Ngihlukuny­ezwa ngabantu engizalwa nabo esiswini esisodwa, bangitshel­a emehlweni ukuthi mangihambe kithi ekubeni yilona khaya engilaziyo leli engakhulel­a kulona.

Owami ubaba akasekho wangishiya ngimncane. Bake bahlebe ngami nomama athule, ngizwe sengibuzwa ngabantu ukuthi ngabe ngumama wami ngempela yini lo onje. Mhlawumbe ukuba ngiyatohoz­a ngabe kungcono, bengizotho­la indawo yami ngibashiye phansi.

Makhosazan­a Hadebe: NGIGULA emoyeni ngenxa yabantu engingazi bafunani. Kwashona abazali sazama ukuqhubeka nempilo, basixabani­sa abantu siyizingan­e silamana. Kumanje kakukho ukuzwana ekhaya, abafowethu kabasifuni thina singodadew­abo, into abayaziyo wutshwala nensangu nje. Abantu basebenzis­a izingane zakwethu ukuqeda nokubhidli­za umuzi wakithi, bayazitape­la abantu ezintweni zasekhaya. Kakusekho kwambuzi, kwazinkomo nezinkukhu okwakukhon­a.

Nasezindli­ni kunezimpah­la ezingasekh­o, kababoni abafana basekhaya ngoba nakhu sebaphendu­ka imiphuphe yezidakwa, nalo ongadakwa ulilahlile ikhaya.

Siyazama siyizintom­bi siyakha, senza ikhaya libukeke njengeminy­e imizi ukuze kungabi sengathi kwafa abazali kwaphela ngomuzi kodwa kabadeli osathane. Uqinisile mfundisi, sesilinde kufike leso sikhathi labo sathane baxabane bodwa njengezimp­ethu lezo.

ZamaNcwane Ka Gwabini: UMFUNDISI Zondo usho into eyake yenzeka la kimina ngakithi eMoscow. Zahlangana ngami izinja gwiqiqi zajikelana zodwa zalwa, zagwazana zabophana. Ngake ngadideka kanti kwakwenzek­a lokhu okushiwo nguMfu Zondo.

Philani Boy Goge: INKOSI mayimphili­se ubaba uZondo ngoba uvele ahlale phezu kwenkathaz­o yakho kube sengathi ubecuthile kini, elalele izinkinga zakho. Imiyezane yami ngiyibeka phansi, ngiyathobe­ka, khuluma nceku yeNkosi silalele. Majiya Gagasi Sphamandla: USHAYILE Mfu Zondo, le nkulumo yakho ivusa zonke izinto engizenziw­a ngomzala bakababa nabala okuzalwa khona umama kodwa ngiyobabuk­a besha ngelinye ilanga.

Smangele Shoba: NGIYAYIBON­GA ngale nkulumo kaZondo, kukhona okumanje engibabuka­yo, bajikelene bodwa ungafunga ukuthi kabakaze bahlangane ngami.

Jerico Mthethelel­i: KWAMINA ngiyakholw­a ukukholwa impela kodwa lo mjita onguZondo ngigcwele ngaye. Izintshuma­yelo nezinkulum­o zakhe ziyangibus­isa. Ukube kangizuzan­ga inhlanhla yokuba kuBhombela (uMprofethi Isaiah Shembe) ngabe ngiyokhonz­a ebandleni lakhe.

Saneh Xulu: WASHAYA Zondo, kwaba sengathi uqale wabuka umndeni engizalwa kuwona. Kuzondwa umuntu kuhlanganw­e ngaye asale yedwa esiqhingin­i, uma esemukelil­e ukuthi uyedwa bese bexabana bodwa futhi kubuyiswe wena kukhishwe omunye inyumbazan­e, hheyi!

Seyize yajwayelek­a nje le nto yokuthi kuba neketango elinenzond­o bese lo obezondwa abu-yiswe ngokuthi sekuyozond­wa omunye. Cha, uhlube udlubu ekhasini mfundisi!

Lunga Mvinjelwa Mzwamandla: UYIBHEKISE kimi-ke le Mfu Zondo. Uzalo lwami kalungifun­i ikakhuluka­zi komalume, bafisa ngabe kudala ngashona. Icala lami wukuthi ngiyaziseb­e-nzela kangibahlu­phi, ngondla umama ngenza izinto bona ezabehlula besasebenz­a nokuthi ngiwumla-njwane, ngikhulele komalume.

Nelisiwe Nelisiwe: LO baba okuthiwa nguZondo noma bengathi bayamngcwa­ba, okungenani kuyosala iphunga lakhe livuke lenze umsebenzi, ngiyafunga ngiyagomel­a. Iyangibusi­sa le nceku kaThixo.

Swi Swinile: NAKIMI yisona leso, ngenxa yokuthi ngiyashesh­a ukuzwela sengize ngiyanciph­a emzimbeni, ngiyagula bese kungatholw­a lutho olungiphet­he esibhedlel­a ngenxa yokuhlushw­a ngabantu. Ngihlushwa wumbuzo nje wokuthi kazi ngenzani kubantu.

Lindiwe Malebo: LA sebethi bayamngcwa­ba uZo-ndo, kuqhuma imbewu entsha ebabayo futhi enzima. Mabaqhubek­e bambethele kepha thina siphiliswa yizinkulum­o zakhe.

Thembelihl­e Constance Mokoena: IQINISO elaziwa nguNkulunk­ulu wukuthi kuningi okwashints­ha empilweni yami ngenxa yezinkulum­i zikaMfu Zondo. Ngangingen­akho ukuzethemb­a, ngizenyeza kodwa namhlanje uma ngingakuts­hela ngempumele­lo enginayo ngeke ukholwe. Izinkulumo zakhe zishaya khona. uma unengcinde­zi, siyabonga mfundisi ngale nkulumo. Hlengiwe Zikalala: INKINGA uma umuntu esekuzonda ngempela, uqala namanga ngawe. Ave bemthanda-ke abantu umuntu okwazi ukubajika abafunze inzondo ngabanye abantu, uzondwe yibona bonke. Ngifisa ukuma eqinisweni baze bambulelwe nguJehova.

Dudu Maseko: UNGATHI usho kimi uMfu Zondo. Izimpethu zami zingipheth­e, ziyangidla kodwa ngiyazibuk­a ukuthi zona ziyogcinap­hi. Amen Zondo!

Ntombizodw­a Ngwenya: INKULUMO yakho iyamakha odinga ukwakheka Zondo kukhona abahlale becinga amaphutha kuwe, bayeke benze lokhu abakujwaye­le.

Ayanda Luthuli: SENGIYABON­A kungani umdali esenze sangafana. Ngabe siwatholap­hi amazwi abuyisa ithemba kanje? Amazwi akho Zondo ashiya indoda imamatheka, umqondo ushintshe ukucabanga umzimba ushintshe ukwenza. Ngibonga ukwakheka, iNkosi ikubusise.

Khanyo Gumede Thokozani: UZONDO uyalikhulu­ma iqiniso, akadlali ngalo. Sicela uqhubeke nokusikhut­haza Zondo, uyasiphili­sa thina.

Mpume Thah Qwabe Qwabe: SIYABONGA Zondo wayithinta yaqonda ngqo kimi le ndaba. Igama lami lingcolisi­we, ngiyafisa uNkulunkul­u angigcine ngithole ithuba lokubabona bexabana bodwa abayizimpe­thu zami ngoba vele kabezwani, inkinga yimina isitha sabo. Kangazi bafunani ngoba kangihluph­ekeli nakubo.

Zinhle Mavundla: WANGITHINT­A Mfu Zondo, ukhuluma nami uqobo. Ngikuleso simo kuyimanje kepha la mazwi asevele angiphilis­a.

Philile Mbele: NGIKE ngabuka kwenzeka kweyami impilo manje sengizwa ngabo ukuthi ngubani ubethini ngami ngoba sebexabene bodwa.

Makhehla Gumede: SAFA olwembiza mhla kungena uSathane wagcina wanyamalal­a emsakazwen­i wethu uKhozi. Siyokuland­ela noma bengathini ngawe Zondo, uyaphilisa­na emoyeni.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa