ENKULUMENI KAMFU STHEMBISO ZONDO YOKUTHI ABANTU ABAKUDICILELA PHANSI BAFANA NEZIMPETHU EZIDLA ISIDUMBU MAQEDE ZIJIKELANE ZODWA, NANSI IMIBONO YAKU-FACEBOOK
Xolane Mngomezulu: UNGATHI usho kowami umndeni mfundisi, bahlangene ngami bangikhipa inyumbazane, Bangcolisa igama lami sengifana nongenamndeni ekubeni nginabafowethu abane. Bangihlanganyela nezitha kodwa ekugcineni ngifisa bonke bajikelane bodwa baxabane babuye bacele uxolo, mina ngibaxolele. Kayikho into ebuhlungu njengokuhlushwa wumndeni wakho kepha uma ukuKrestu unazo izihlobo.
Bonie Mthethwa: CHA uyakwazi mfundisi Zondo ukushintsha imicabango yomuntu noma ebesecabanga into embi kanjani. Ngike ngifikelwa yizimo ngize ngifise ukuzibulala ngoba ngibona ukuthi kasisekho isixazululo. Ngimncane kodwa sengibuya ezibhledlela ngenxa yeBP yokuhlale ngicabanga kuze kube sengathi inhliziyo iyasinda.
Ngihlukunyezwa ngabantu engizalwa nabo esiswini esisodwa, bangitshela emehlweni ukuthi mangihambe kithi ekubeni yilona khaya engilaziyo leli engakhulela kulona.
Owami ubaba akasekho wangishiya ngimncane. Bake bahlebe ngami nomama athule, ngizwe sengibuzwa ngabantu ukuthi ngabe ngumama wami ngempela yini lo onje. Mhlawumbe ukuba ngiyatohoza ngabe kungcono, bengizothola indawo yami ngibashiye phansi.
Makhosazana Hadebe: NGIGULA emoyeni ngenxa yabantu engingazi bafunani. Kwashona abazali sazama ukuqhubeka nempilo, basixabanisa abantu siyizingane silamana. Kumanje kakukho ukuzwana ekhaya, abafowethu kabasifuni thina singodadewabo, into abayaziyo wutshwala nensangu nje. Abantu basebenzisa izingane zakwethu ukuqeda nokubhidliza umuzi wakithi, bayazitapela abantu ezintweni zasekhaya. Kakusekho kwambuzi, kwazinkomo nezinkukhu okwakukhona.
Nasezindlini kunezimpahla ezingasekho, kababoni abafana basekhaya ngoba nakhu sebaphenduka imiphuphe yezidakwa, nalo ongadakwa ulilahlile ikhaya.
Siyazama siyizintombi siyakha, senza ikhaya libukeke njengeminye imizi ukuze kungabi sengathi kwafa abazali kwaphela ngomuzi kodwa kabadeli osathane. Uqinisile mfundisi, sesilinde kufike leso sikhathi labo sathane baxabane bodwa njengezimpethu lezo.
ZamaNcwane Ka Gwabini: UMFUNDISI Zondo usho into eyake yenzeka la kimina ngakithi eMoscow. Zahlangana ngami izinja gwiqiqi zajikelana zodwa zalwa, zagwazana zabophana. Ngake ngadideka kanti kwakwenzeka lokhu okushiwo nguMfu Zondo.
Philani Boy Goge: INKOSI mayimphilise ubaba uZondo ngoba uvele ahlale phezu kwenkathazo yakho kube sengathi ubecuthile kini, elalele izinkinga zakho. Imiyezane yami ngiyibeka phansi, ngiyathobeka, khuluma nceku yeNkosi silalele. Majiya Gagasi Sphamandla: USHAYILE Mfu Zondo, le nkulumo yakho ivusa zonke izinto engizenziwa ngomzala bakababa nabala okuzalwa khona umama kodwa ngiyobabuka besha ngelinye ilanga.
Smangele Shoba: NGIYAYIBONGA ngale nkulumo kaZondo, kukhona okumanje engibabukayo, bajikelene bodwa ungafunga ukuthi kabakaze bahlangane ngami.
Jerico Mthetheleli: KWAMINA ngiyakholwa ukukholwa impela kodwa lo mjita onguZondo ngigcwele ngaye. Izintshumayelo nezinkulumo zakhe ziyangibusisa. Ukube kangizuzanga inhlanhla yokuba kuBhombela (uMprofethi Isaiah Shembe) ngabe ngiyokhonza ebandleni lakhe.
Saneh Xulu: WASHAYA Zondo, kwaba sengathi uqale wabuka umndeni engizalwa kuwona. Kuzondwa umuntu kuhlanganwe ngaye asale yedwa esiqhingini, uma esemukelile ukuthi uyedwa bese bexabana bodwa futhi kubuyiswe wena kukhishwe omunye inyumbazane, hheyi!
Seyize yajwayeleka nje le nto yokuthi kuba neketango elinenzondo bese lo obezondwa abu-yiswe ngokuthi sekuyozondwa omunye. Cha, uhlube udlubu ekhasini mfundisi!
Lunga Mvinjelwa Mzwamandla: UYIBHEKISE kimi-ke le Mfu Zondo. Uzalo lwami kalungifuni ikakhulukazi komalume, bafisa ngabe kudala ngashona. Icala lami wukuthi ngiyazisebe-nzela kangibahluphi, ngondla umama ngenza izinto bona ezabehlula besasebenza nokuthi ngiwumla-njwane, ngikhulele komalume.
Nelisiwe Nelisiwe: LO baba okuthiwa nguZondo noma bengathi bayamngcwaba, okungenani kuyosala iphunga lakhe livuke lenze umsebenzi, ngiyafunga ngiyagomela. Iyangibusisa le nceku kaThixo.
Swi Swinile: NAKIMI yisona leso, ngenxa yokuthi ngiyashesha ukuzwela sengize ngiyancipha emzimbeni, ngiyagula bese kungatholwa lutho olungiphethe esibhedlela ngenxa yokuhlushwa ngabantu. Ngihlushwa wumbuzo nje wokuthi kazi ngenzani kubantu.
Lindiwe Malebo: LA sebethi bayamngcwaba uZo-ndo, kuqhuma imbewu entsha ebabayo futhi enzima. Mabaqhubeke bambethele kepha thina siphiliswa yizinkulumo zakhe.
Thembelihle Constance Mokoena: IQINISO elaziwa nguNkulunkulu wukuthi kuningi okwashintsha empilweni yami ngenxa yezinkulumi zikaMfu Zondo. Ngangingenakho ukuzethemba, ngizenyeza kodwa namhlanje uma ngingakutshela ngempumelelo enginayo ngeke ukholwe. Izinkulumo zakhe zishaya khona. uma unengcindezi, siyabonga mfundisi ngale nkulumo. Hlengiwe Zikalala: INKINGA uma umuntu esekuzonda ngempela, uqala namanga ngawe. Ave bemthanda-ke abantu umuntu okwazi ukubajika abafunze inzondo ngabanye abantu, uzondwe yibona bonke. Ngifisa ukuma eqinisweni baze bambulelwe nguJehova.
Dudu Maseko: UNGATHI usho kimi uMfu Zondo. Izimpethu zami zingiphethe, ziyangidla kodwa ngiyazibuka ukuthi zona ziyogcinaphi. Amen Zondo!
Ntombizodwa Ngwenya: INKULUMO yakho iyamakha odinga ukwakheka Zondo kukhona abahlale becinga amaphutha kuwe, bayeke benze lokhu abakujwayele.
Ayanda Luthuli: SENGIYABONA kungani umdali esenze sangafana. Ngabe siwatholaphi amazwi abuyisa ithemba kanje? Amazwi akho Zondo ashiya indoda imamatheka, umqondo ushintshe ukucabanga umzimba ushintshe ukwenza. Ngibonga ukwakheka, iNkosi ikubusise.
Khanyo Gumede Thokozani: UZONDO uyalikhuluma iqiniso, akadlali ngalo. Sicela uqhubeke nokusikhuthaza Zondo, uyasiphilisa thina.
Mpume Thah Qwabe Qwabe: SIYABONGA Zondo wayithinta yaqonda ngqo kimi le ndaba. Igama lami lingcolisiwe, ngiyafisa uNkulunkulu angigcine ngithole ithuba lokubabona bexabana bodwa abayizimpethu zami ngoba vele kabezwani, inkinga yimina isitha sabo. Kangazi bafunani ngoba kangihluphekeli nakubo.
Zinhle Mavundla: WANGITHINTA Mfu Zondo, ukhuluma nami uqobo. Ngikuleso simo kuyimanje kepha la mazwi asevele angiphilisa.
Philile Mbele: NGIKE ngabuka kwenzeka kweyami impilo manje sengizwa ngabo ukuthi ngubani ubethini ngami ngoba sebexabene bodwa.
Makhehla Gumede: SAFA olwembiza mhla kungena uSathane wagcina wanyamalala emsakazweni wethu uKhozi. Siyokulandela noma bengathini ngawe Zondo, uyaphilisana emoyeni.