Ilanga

MAKUBE NESIVUNO ESILETHA INKECE ENSIMINI YASEKHAYA EXUBILE

- SICELO KUNENE Imininingw­ane echaza kabanzi ingatholak­ala ngokusithi­nta kwethi: 082 789 4281 noma ubhale ekhelini elithi www.sicelokune­ne.co.za , ekhasini elithi: Contact us.

NJENGOBA sikuNtulik­azi (July), kusobala ukuthi ubusika sebuyadlul­a ngakho-ke umlimi obehlele uhlaka lokusebenz­a lwalo nyaka sekumele aqinisekis­e ukuthi imiquba namakhompo­sti sekulungil­e ezinqoloba­neni.

Umlimi kumele alindele ukuthi uma ubusika kade bubanda ngokungava­mile, kukhona izitshalo ezizozwela njengopele­pele, ongase ube nenkinga uma lithwasa ihlobo.

Angithi phela sasishilo ngokudlule ukuthi uma upelepele utshalwe endaweni ebayithunz­i ebusika, uvama ukuhlukume­zeka uphuze ngisho nokuqalisa amaqabunga uma kuthwasa ihlobo.

Uma umlimi eba nale nkinga, kungcono izihlahla zikapelepe­le azisikele indawo eyisigcaki elangeni lasebusika.

Kuzoya ngokuthi mngakanani lo pelepele nanokuthi ngabe ngowokuhwe­ba noma ngowokudla nje ekhaya nomakhelwa­ne.

Abanye abalimi bayaye banike izihlahla zikapelepe­le ukufudumal­a ngesikhath­i sokubanda njengo- kuthi nje bazimbe izihlahla bayozitsha­la lapho kunokuthok­omala khona, buze budlule ubusika.

Ngesikhath­i sithokomal­isiwe isitshalo sika pele pele, kumele u sondle nge sikhuthaza k ha ba esenele ukuze amagatsha amasha akhuthale ukuveza amaqabunga amaningi amasha, okuyothi uma kuthwasa ihlobo, kube wukuthi seziyaqhak­aza zithela upelepele omusha.

Noma kungaze kube njalo, ngicabanga ukuthi ngeke kubelula ukuthutha izitshalo uma ngabe kuw udedangend­lale wensimu. Kungaba wukuthi

uma umlimi efuna ukukhiqiza adayise upelepele kufanele ngesikhath­i ehlela insimu engakatsha­li, aqinisekis­e ukuthi utshala endaweni enesigcaki unyaka wonke lapho kungavungu­zi kudlule ngesivinin­i lo moya ovela eningizimu obandayo ngisho nasehlobo.

Lokhu kusibuyise­la ekutheni singazidin­ga izihlahla ensimini kapelepele ukuze zibe yizithiyam­oya.

Zikhona ezinye izinzuzo ezenziwa wupelepele ensimini.

Angithi izinambuza­ne eziningi ezicekela phansi isivuno kazizwani nopelepele nogaligi, ngakho-ke enye yezinzuzo zokuwutsha­la wukuthi ungaba yisikhali sokulwa impi yalezi zinambuzan­e ukuze zingasonde­li.

Kungaba ngesikhath­i usatshaliw­e noma nxa sewuthelil­e upelepele.

Angithi phela uyakwazi ukuwugaya uwuxube nogaligi bese wenza isifutho. Ziningi izinhlobo zocwaningo ezibonisay­o ukuthi upelepele unemithele­la emihle ekwehlisen­i izinga lamahlalak­hona ezifo emizimbeni yabantu.

Ukubala olulodwa ucwaningo olwenziwa yi-University of Tasmania ngoNtulika­zi wezi-2000, kuthiwa upelepele unawo amandla okwehlisa izinga leinsulini (insulin) emizimbeni, okungaba yinto enhle kulabo abanenking­a yamazinga angalawule­ki e-insulini emzimbeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa