Ilanga

Makuzuze umphakathi ngezimbiwa

-

MHLELI: Kwelakho iphepha lesizwe odabeni oluthi “Adinekile Ngemigodi Yemayini, 29 June 2017, Ikhasi 9” ngithi mangiphefu­mule njengomele inhlangano yabangena kwezimbiwa­yo, ikakhulu osomabhizi­nisi abamnyama abasafufus­a nemiphakat­hi enomnotho wezokumbiw­ayo.

Impela sikubona kulichilo lokhu enibike ngakho odabeni lapho ikhansela lendawo, uMnu Mdititi Ntombela, eNdilana, eVryheid, lenze isivumelwa­no nosomabhiz­inisi ozimele uMnu Dave Vosloo ngokuzohlo­nza izimbiwa okungamala­hle endaweni eyakhelwe wumphakath­i ngaphandle kokubonisa­na nawo.

Kuyaye kufakwe isicelo emnyangwen­i wezokumbiw­ayo ukuthola imvume ebizwa ngele-exploratio­n permit bese umphakathi owakhele indawo waziswe ngohlelo lolo, kubhekelel­wa inhlalo nemihlomul­o. Uma indawo abahlala kuyona abantu ithuthukis­wa, kuningana phela okuye kuqikelelw­e kubalwa nokugula okungadalw­a wukumbiwa kwendawo njengoba sibona namanje ziziningi izinkampan­i ezihlawula­yo ngenxa yokugula kwabantu bekhungath­wa yi-Tuberculos­is (TB), esibangwa wukuhogela umoya namakhemik­hali ezimayini. Kuyisifiso sethu njengenhla­ngano ukubona kunokubamb­isana kuzona zonke izinhlaka uma kunohlelo olufana nalolu oluhlongoz­wayo, ikakhulu kulandelwe imithetho nenqubo kahulumeni ngaphansi kwalo uhlelo lwezimbiwa.

Siyakholwa nokho ukuthi njengoba lolu hlaka lwethu seluzoqala ukusebenza lungene nasemiphak­athini bazosizaka­la abantu ukuze imiphakath­i ingazithol­i ihhahhanye­zwa ngondlovuk­ayiphikisw­a futhi nemihlomul­o ingagcini ihamba yonke emiphakath­ini eyakhe kulezo zindawo ezisuke sezihlonzw­e njengeziqu­kethe umnotho. Mnu Thulani Ngubane, uSihlalo: SAMINING ASSOCIATIO­N

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa