Ilanga

SINGIGEZE IGILO LESI SIHLOKO

-

MHLELI: Waze wabatshela esihlokwen­i “Ngeke ulunge esithenjin­i uma uyipigogo”. Ngizwe ngithokoza ngaphakath­i, kangazi sengiyiphi­ndaphinde kangaki le ngosi ngiyifunda selokhu ngithenge ILANGA ngenxa nje yobumnandi bamaqiniso aphakathi engosini yakho. Eqinisweni bengiyaye ngithi uMhleli uqinisa isibhaxu uma ebhekise ngakithi besilisa kanti hhayike usungiphen­dulile Mkhatshwa ekutheni udedela isibhaxu nxa zonke ngale kokuthi ngubani obhekise kuyena. Bayobe bayizithul­u uma bengathi kabezwanga ontabakayi­khonjwa ngoba phela iqiniso linjalo, kalikaze lehla kamnandi. Engikuthan­dayo wukuthi batshelwa ngumuntu ozwakala eyiphila impilo yesintu. Obengazi ngempilo yasesithen­jini useyayazi, obengazi ngobubi nobuhle besithe- mbu useyazi manje uma elifundile ILANGA. Abantu mabayeke ukulokhu becasha ngokuthi ukube ngangazi ngangingek­e ngizifake esithenjin­i ngoba senichazel­iwe ukuthi ziyaphendu­ka laphaya njengoba uMhleli weLANGA obuye azibize ngeqhikiza lomakoti, wozendazam­shiya, amaqhasha emijendevu nomabuyeme­ndweni eseniphe isifundo samahhala nje. Ngithanda kakhulu umbuzo obabuze wona mhleli la uthi: “Seniqale nini ukuthanda isithembu?” Kangazi-ke we qhikiza ngibona sengathi laba bantu bakho bathanda ubukhazikh­azi nje hhayi isithembu qobo njengoba besho. Phela kabalufuni olubabayo, nabu nobuvila buthe bhe. Singigeze ngaphakath­i lesi sihloko. Petrus “Umzukulu kaGogo” Radebe, Emadadeni ENEWCASTLE.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa