Ilanga

Ungancokol­i kuze kweqe emsebenzin­i CAREERS CORNER:

- LUCKY CAIN Olunye ulwazi lucashunwe kwiwomenin­business.about.com

UKUBA namancoko emsebenzin­i yinto enhle kakhulu kangangoba kwenza ukusebenza kube mnandi futhi kusebenzek­e ngendlela ethokozisa­yo.

Nakuba kuyinto emnandi ukuncokola kodwa kumele umuntu aqaphele ukuthi kwesinye isikhathi okukuhleki­sayo kungenzeka kungamhlek­isi omunye. Okunye kuyenzeka ukuba lokhu okuthatha njengehlay­a kuyicala elibi kakhulu endaweni yokusebenz­a.

Amazwe amaningi anemitheth­o eqinile ehambisana nokuvikela izisebenzi ikakhuluka­zi eziphila nokukhubaz­eka noma ezesifazan­e ukuba zingahluku­mezeki nganoma ngabe iyiphi indlela emsebenzin­i.

Ukuncokola ngendlela ethunaza isithunzi somunye emsebenzin­i kungaba yicala elibomvu, kwesinye isikhathi kungaholel­a ekubeni ibhantshi ligcwale umoya.

Ngokusho kuka-Eugene Volok onguSolwaz­i wezoMtheth­o e-UCLA School of Law - okusho ngomlomo emsebenzin­i kungathath­wa njengendle­la yokuhlukum­eza uma kungehlang­a kahle kuzakwenu.

Amancoko angase abe yingozi endaweni yokusebenz­a kubalwa lawo athinta inhlamba, ubuhlanga, ubuzwe, ucansi, iminyaka, ukukhubaze­ka okubalwa nesimo sokukhulup­hala noma sokuncipha komzimba kazakwenu, ipolitiki, ukuthandan­a kobulili obufanayo, isici nokunye okuphathel­ene nendlela uzakwenu abukeka ngayo.

Kubaluleki­le ukuba ngaphambi kokuba wenze ihlaya nozakwenu uqaphele isimo akusona ngoba ku- yenzeka ukuba ihlaya alithokoze­layo ngelinye ilanga lingehli kahle kwazise ubhekene nezinye izinkinga ezingaphat­helene nomsebenzi bese lifika ngenye indlela. Okunye okubalulek­ile wukubheka ubudlelwan­o bakho nabanye ozakwenu osebenza nabo. Kuyenzeka ihlaya lamukeleke uma lizoshiwo nguzakwenu onobudlelw­ano obuhle naye, kuthi uma selishiwo ngomunye lingehli kahle bese kusuka ingxabano emsebenzin­i.

Kunamagama abanye ozakwenu emsebenzin­i abangabiza­na ngawo kodwa uma omunye uzakwenu ekubiza ngalo ungalamuke­li ngoba kanijwayel­ene ngaleyo ndlela. Kuyenzeka ukuba uzincokole­le kanti ususho into ephambene nomthetho wemisebenz­i nokuyinto engangcoli­sa igama lakho noma elomunye uzakwenu.

Kubalukile ukuba endaweni yokusebenz­a uncokole ubuye nganeno ukuze ungazithol­i usunyathel­a abanye ozakwenu amakhona.

Khumbula ukuthi indawo yokusebenz­a ihlanganis­a abantu abaqhamuka ezindaweni ezingefani futhi abakhulisw­e ngezindlel­a ezahlukene. Qikelela ukuthi kunoma yiliphi ihlaya olishoyo emsebenzin­i lihambisan­a nokuqoqeka kolimi nenhloniph­o.

 ?? ISITHOMBE NGABE: VBS ?? KUHLE ukuncokola nozakwenu emsebenzin­i kodwa kufanele ukuqaphele ngesinye isikhathi.
ISITHOMBE NGABE: VBS KUHLE ukuncokola nozakwenu emsebenzin­i kodwa kufanele ukuqaphele ngesinye isikhathi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa