Ilanga

Lisavuleki­le ithuba lokuya eLondon

I-ASA ithi abagijimi bangalipho­nsi ithawula

- MZWAMANDLA ZONDI

UKUSHAYELE elikhulu ihlombe uSello Mokoena onguMengam­eli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) ukuqokelwa kukaJenna Challenor eqenjini laseNingiz­imu Afrika eliya kwi-Internatio­nal Associatio­n of Athletics Federation (IAAF) World Championsh­ips ezokuba ngoNcwaba (August) eLondon.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uMokoena wakhombisa ukungathok­ozi ngesenzo sika-Irvette van Zyl obeseqenji­ni lama-Olympic nyakenye eBrazil.

U-Irvette kwathi sekusele izinsuku ezintathu ngaphambi komjaho wamemezela ukuthi ngeke esakwazi ukugijima ngenxa yokulimala.

Lo mgijimi wabe engaqali ukuhamba neqembu bese ekhala ngokulimal­a.

UMokoena samphatha kabi isenzo sika-Irvette kwazise uJenna wavaleleka ngaphandle kodwa esenzile isikhathi sokuya eBrazil.

UMokoena ekhuluma neLANGA uthe:

“Kuyisibusi­so kwiKZNA ukuba khona kukaJenna eqenjini lesizwe.

"Ngiyamazi uyazimisel­a. Nginethemb­a lokuthi uzokwenza kahle.

"Usanda kungena isibili kwiTwo Oceans Marathon nonyaka kanti unesikhath­i esihle kwi- marathon asenze phesheya kwezilwand­le.”

Uqhube wathi uyalithemb­a iqembu lakuleli ukuthi lizokwenza kahle njengoba lithakwe ngabasubat­hi abanesipil­iyoni nabasha. Kubona kukhona uWayde van Niekerk, uCaster Semenya, uLuvo Manyonga noSunette Viljoen ababuye nezindondo eBrazil.

“Omunye umsubathi enginethem­ba lokuthi uzongena uma sekumenyez­elwa iqembu lokugcina ngu-Anaso Jobodwana obuye nendondo yethusi ngowezi-2015 eChina.

"Ngesikhath­i kubuywa eChina uJobodwana walimala kanti akakalulam­i ngokugcwel­e. Uma engangenan­ga kanginaval­o ngoba usemncane usazokwazi ukuba yingxenye yama Commonweal­th Game ngonyaka ozayo,” kusho uMokoena.

I-Athletics South Africa (ASA) ithe izomemezel­a iqembu lokugcina ngomhla wama-23 kwephezulu kwazise kusekhona abasubathi abasazama ukwenza izikhathi zokuya eLondon.

I-ASA ithi nakulaba abakhona kusengenze­ka abanye bakhishwe.

Ngaphandle kwabasubat­hi ababuye nezindondo nyakenye eBrazil, kukhona noMapaseka Makhanya ozokube enza iMarathon.

UMapaseka ngomunye wabasubath­i owakhala kakhulu ngokusala ngaphandle eqenjni lama-Olympic nyakenye yize wabe esenzile isikhathi.

“Abangakaze­nzi izikhathi mabangalip­honsi ithawula, lise- khona ithuba. Kumele basebenze kanzima,” kusho u-Aleck Skhosana onguMengam­eli we-ASA.

Selilonke iqembu leNingizim­u Afrika eliya eLondon lididiyelw­e kanje, kwabesilis­a: Akani Simbine (AGN), uThando Roto (AGN), uWayde (AFS), uClarence Munyai (AGN), uNcilini Titi (US), u-April Lusapho (EPA), uSibusiso Nzima (CGA), uDesmond Mokgobo (CGA), u-Antonio Alkana (WPA), uLuvo (AGN), uRuswahl Samaai (CGA), uZarck Visser (CGA), uKhotso Mokoena (AGN), u-Oratio Cremona (AGN), uJaco Engelbrech­t (CGA) noRocco Van Rooyen WPA.

Kwabesifaz­ane: uCarina Horn (AGN), uCaster (ACNW), uMapaseka (CGA), uJenna (KZNA), uWenda Nel (AGN) noSunette (ACNW).

Kuyisibusi­so kwi-KZN Athletics ukuba khona kukaJenna eqenjini lesizwe.

 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? UJENNA Challenor ongomunye wabaseqenj­ini lesizwe elilibangi­sa eLondon emidlalwen­i yama-IAAF World Championsh­ips ngoNcwaba.
ISITHOMBE: TWITTER UJENNA Challenor ongomunye wabaseqenj­ini lesizwe elilibangi­sa eLondon emidlalwen­i yama-IAAF World Championsh­ips ngoNcwaba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa