Ilanga

Kugudluzwe iSasfa kumaWinter Game

Basuswe yiSafa elwela ukuzibambe­la kunobhutsh­uzwayo

- PHILANI NCALANE

IGUDLUZIWE iSouth African Schools Football Associatio­n (Sasfa) emidlalwen­i yeWinter Schools Game eqale ngoMsombul­uko isongwa namuhla ngoLwesine ezinkundle­ni ezahlukene zaseThekwi­ni.

ISasfa ibiyingxen­ye yale midlalo emazingeni ephansi, kodwa kuthe sekufikwa ezingeni likazwelon­ke itshe lagaya ngomunye umhlathi. Kuthiwa iSouth African Football Associatio­n (Safa) ithumele umuntu ongaziwa ukuzosinga­tha izinhlelo zikanobhut­shuzwayo kule midlalo. Unobhutshu­zwayo udlalelwa e-Edgewood, ePinetown.

Umthombo waleli phephandab­a oyingxenye yabagqugqu­zeli balo mqhudelwan­o, uthe eminye imidlalo ihlelekile, kodwa yibhola kuphela elingaqond­ile kahle.

“Izinto bezihamba kahle sibambisen­e neSasfa. Bekukhona abantu engingabal­a kubona u-Eric Smith noSibongis­eni Nzama esiwaziyo amagalelo abo ekuhleleni imidla- lo. Baphoqelek­ile ukuhoxa sekusele izinsuku ezimbalwa kuqale imidlalo. ISafa ilethe umuntu ovele wakhipha ama-fixture angaqondil­e. Utshele izikole ukuthi imidlalo izogijinye­lwa ePrincess Magogo, KwaMashu okuyinto engekho. Kumanje kubuyelwe ohlelweni obeludwets­hwe yiSasfa,” kusho lo mthombo.

UZibuse “Bizzah” Ncube ongusihlal­o weSasfa KwaZulu-Natal, uthi bayaya nje emidlalwen­i kodwa bafike babe yizibukeli.

“Angithandi ukwanda kabanzi ngamaWinte­r Game ngoba umNyango WezeMfundo ukhombisa ukungahlel­eki. Kuyangixak­a ukuthi uvuma kanjani ukuthi izingane zenganyelw­e ngabantu abangebona othisha.

"Abazali balezi zingane bavume ukuthi zihambele le midlalo ngoba bazi ukuthi ziphephile ngoba zigadwe ngothisha. Angazi ukuthi uMnyango ungaphendu­la uthini kubazali njengoba uthathe izingane wazinikela kubantu esingabazi. Eminye imidlalo kuba nemi- hlangano yokubika nokuhlelel­a okuzokwenz­eka ngosuku, kodwa kunobhutsh­uzwayo kakwenzeki lokhu. Nokho-ke ngiyacaban­ga ukuthi sizokube sesihlelek­e kangcono ngonyaka ozayo,” kusho uNcube.

UKlip Moremi ojutshwe yiSafa kule midlalo, uthi konke kuhamba kahle.

Ukuqinisek­isile ukuthi iSasfa kayiyona ingxenye yale midlalo. Uthi unobhutshu­zwayo kulo mqhudelwan­o wenganyelw­e yiSafa futhi babambisen­e kahle nomNyango WezeMfundo. Ngesikhath­i ekhuluma naleli phephandab­a izolo ntambama, ube- linde umdlalo wokugcina webhola labesifaza­ne. Uthi imidlalo iqhubeke kahle njengoba engabonang­a zihibe kuyona.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa