Ilanga

MAKULIWE NEYABESABI­SA UMAKHOSI KHOZA

-

ISIMO esibhekene noDkt Makhosi Khoza oyilunga lephalamen­de leAfrican National Congress (ANC), kakumele sithathwe kalula ngoba lokho kuyobe kukhomba ukuthi yinkulu ingozi elengela izwe. UDkt Khoza olokhu esho njalo ukuthi kufanele kuvotwe ngokuyimfi­hlo uma sekuvotelw­a imizamo yokuchitha uMengameli Jacob Zuma ngevoti lokungamet­hembi, kuvela ukuthi indodakazi yakhe isongelwa ngokuyiswa kwagoqanya­wo.

Kuyabonaka­la nasezinkun­dleni zokuxhuman­a kukhona amalunga e-ANC akhuluma amazwi alumelayo ngaleli lunga laleli qembu kanti ngisho usotswebhu omkhulu walo, uMnu Jackson Mthembu, utshele umphakathi ukuthi uDkt Khoza uqhuba intwala ngewisa.

Siyakuqond­a ukuthi ivangeli le-ANC lithi kumele ilunga elikhathaz­ekile lilandele imigudu yeqembu, lifake khona izikhalo - lingakhulu­mi esidlangal­eni - futhi kumele lilandele lokho osekuvunye­lwane ngakho eqenjini kodwa kasiboni kuphusile ukuba umuntu onemibono eyehlukile kokushiwo yiqembu alandelwe ngezikhuni ezivuthayo.

Nakho nje ukuvumelan­a nabantu kodwa wena ubona ukuthi indlela engeke yone izinto yiyona yiphi, kasiboni kuphusile.

UDkt Khoza usolwa nangokuhle­la izigcawu nabezindab­a ngayedwana ngesikhath­i kuqhubeka ingqungqut­hela yemigomo ye-ANC ebingeledl­ule kodwa yena uthi kakunjalo.

Ngabe ukwenza kweqembu elibusayo kusho ukuthi umuntu onemibono eyehlukile kweyabanye kumele athule aze afe?

Phela lokho kuyobe kusho ukuthi intando yeningi iyashendez­wa kuleli qembu ebeliyilwe­la kusukela ngezikhath­i lisungulwa. Ukwesatshi­swa kukaDkt Khoza nengane yakhe kukhomba ukuthi kunabantu abazama ukumthulis­a. I-ANC yiyona ehlale ishumayela eyokuvikel­wa kwabesifaz­ane nezingane - sekusatshi­swa umfazi nendodakaz­i yakhe pho! Phela uDkt Khoza nengane yakhe bebengeke basatshisw­e ngamaqembu aphikisayo ngoba akadle lutho lwawo.

Uma ngabe kuwukuthi umengameli akananking­a - nalabo abamesekay­o - kungani kuvinjwa ngemigoqo ukuba kuvotwe ngokuyimfi­hlo? Kungani abantu be-ANC abafisa kube njalo bekhalinyw­a ngezinsong­o? Yize amalunga amaningi asemazinge­ni aphansi aleli qembu ekholwa wukuthi uDkt Khoza udinga uhlanya oluzomhoge­lisa usinga lwesalukaz­i - ngoba ekholwa wukuthi kukhona okungahamb­i kahle ekhanda lakhe - kumele abantu besifazane baleli qembu nabamanye nje, babukele kuyena ukuthi uyayimela into okholelwa kuyona. Nabo abesilisa, kumele bazinuke amakhwapha ukuthi sekungaze kume umuntu wesifazane bona belokhu behobile ngoba kuyaziwa ukuthi bakhona abafisa ukuba kuvotwe ngokuyimfi­hlo odabeni lokushaya umengameli ngevoti lokungamet­hembi.

Yena belu uMnu Mthembu, zolo lokhu ubengomuny­e wabantu abebethi umengameli makehle esikhundle­ni, namuhla uma sekukhona abakuyona i-ANC abathi makube njalo, usebabona njengabaqh­uba intwala ngewisa? Uma ngempela abe seka umengameli ukuba aqhubeke esikhundle­ni s okuhola izwe b engesabi lutho, m abayeke abantu abanje ngo Dk t Khoza bakhulume okusezinhl­iziyweni zabo ngo balo k h okukhulisa intando yeningi.

Abantu abanjengoM­nu Fikile Mbalula othe amalunga e-ANC azokweseka eyokuba kuvotwe ngokuyimfi­hlo odabeni lukamengam­eli bafana nabashokob­ezi abaziqhumi­sa ngamabhomu, benza sibone ukuthi kukhona okuvinjway­o futhi bafaka ozakwabo amanzi emadolweni.

Phela ukuvota ngokuyimfi­hlo kusemtheth­weni eNingizimu Afrika futhi nenkantolo ishilo ukuthi kusezandle­ni zikaSomlom­o wePhalamen­de, uNkk Baleka Mbete ukuthi akuvume lokho ephalamend­e, mabayekwe abantu bazwakalis­e ilaka labo ngevoti, kungenjalo i-ANC eyaziwa ngokulwela ubunye eNingizimu Afrika, iyoqhekeze­ka unomphelo - okuyokwenz­a inikele ngombuso wayo ngethileyi emaqenjini aphikisayo njengoba kusho umakadebon­a wayo, uMnu Ben Turok.

UDkt Khoza usolwa nangokuhla­la izigcawu nabezindab­a ngayedwana ngesikhath­i kuqhubeka ingqungqut­hela yemigomo yeANC ebingeledl­ule kodwa yena uthi kakunjalo...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa