Ilanga

SEBENZISAN­I AMATHUBA AVELAYO

-

INDEED, Durban is South Africa’s

playground! Phela akekho ongazi ukuthi intokozo itholakala kuleli dolobha. Seliphendu­ke ikhaya lemicimbi emikhulu enhlobonhl­obo, eheha izivakashi ngisho emazweni angaphandl­e.

Sikhuluma nje namhlanje kuqala iDurban Internatio­nal Film Festival (DIFF) - funda udaba ekhasini 3. Kuningi-ke okusuke kwenzeka ngesikhath­i kuqhubeka lo mcimbi odonsa isonto lonke.

Kukhona ngisho osaziwayo baphesheya kwezilwand­le. Kulo leli sonto, ngoMgqibel­o kunomcimbi lapho kuzobe kumenyezel­wa khona abanqobe kumaSimon Mabhunu Sabela Film Award, nawo ozobe usePlayhou­se.

Nakuba ubumnandi obuhambisa­na nale micimbi buchithiwe kodwa kubaluleki­le ukuba singagcini ngokuzitik­a ngabo kodwa kufanele sisebenzis­e ithuba esilithola­yo, sibheke izindlela esingazise­benzisa, sizithuthu­kisa.

le micimbi eza nawo, asiwaseben­zise-ke. Ikakhuluka­zi intsha enothando lwezamafil­imu kufanele izihluphe, ifune ulwazi futhi ixhumane nasebemnka­ntshubomvu kule ndima abazobe beyingxeny­e yomcimbi.

Impumelelo iyasetshen­zelwa. Asizijabul­ise siphinde sizithuthu­kise.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa