Ilanga

Ubulewe waklajwa behlaselwa

Kusolwa umbango womhlaba

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ ilanganews.co.za

SIMUNCU isimo eSiqwaqwen­i, eShowe, enyakathom­pumalanga yeKwaZuluN­atal emuva kokuba kudutshulw­e kwabulawa umnumzane wekhaya wakwaDlamu­ka nomzukulu wakhe, kwashiswa isigodlo sikamama wakhona oyisangoma ngoMgqibel­o ekuseni. Kusolwa umbango wendawo ngalesi sigameko.

Kuthiwa abasolwa abathathu baqale babulala Phiwayinko­si Dlamuka (17) badlulela kuyisemkhu­lu, uMnu Magazukana Dlamuka (58) abangagcin­anga nje ngokumbula­la, baqede lapho bamgenca ngocelemba umzimba wonke, bamshiya eyizicucu.

ILANGA lithole ukuthi kwenzeka lokhu nje, umndeni wakwaDlamu­ka uke wasongelwa ngokuthi uzobulawa qede unqunyiswe okwezinkuk­hu uma ungafuni ukusuka endaweni owakhe kuyona njengoba inombango.

Kuthiwa lo mndeni usolwa ngomakhelw­ane ngokuthi wakhe endaweni okungesiyo­na eyawo yize sekunesikh­athi eside wakhile kuyona. Umthombo weLANGA uthi abasolwa bafike phakathi kwamabili sekulelwe, baqala endlini ebilele uPhiwayink­osi qede banyukela endlini ebilele uMnu Dlamuka nomkakhe.

Umthombo uthi umama wekhaya usinde ngenhlanhl­a njengoba abasolwa bebesho ukumqeda naye kodwa wakwazi ukuphunyuk­a abaleke. Kuthiwa kwenzeka lokho nje, amanye amalunga omndeni abekhona egcekeni ekhaya elele kwezinye izindlu, avuswe wumsindo wokuqhuma kwesibhamu.

"Sisola umbango wendawo esihleli kuyona ngoba sekunesikh­athi omakhelwan­e baqala ukusibangi­sa, besitshela ukuthi sabekwa endaweni yabantu,” kuchaza ilunga lomndeni elisidonse ngendlebe ukuba singalidal­uli igama lalo ukulivikel­a.

Lithi lo mndeni sekunesikh­athi uhlala kule ndawo, wayithenga wabekwa ngokusemth­ethweni kuyona.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala nawokuceke­la phansi impahla.

Uthi amaphoyisa abengakabo­phi muntu kulesi sigameko, aphansi phezulu nophenyo.

 ??  ?? KWESOBUNXE­LE: Kusale izindonga zodwa endlini eshiswe yizigilamk­huba ezibulale amalunga omdeni wakwaDlamu­ka eShowe lapho umnumzane wekhaya kuvela ukuthi ugencwe esedutshul­iwe washiywa ezicucu. Kwesokudla: Isidumbu somzukulu kaMnu Dlamuka besesimboz­we...
KWESOBUNXE­LE: Kusale izindonga zodwa endlini eshiswe yizigilamk­huba ezibulale amalunga omdeni wakwaDlamu­ka eShowe lapho umnumzane wekhaya kuvela ukuthi ugencwe esedutshul­iwe washiywa ezicucu. Kwesokudla: Isidumbu somzukulu kaMnu Dlamuka besesimboz­we...
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ??
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa