Ilanga

UMUNYU INDODANA ITHWESWA IZIQU

- THANDEKA NGOBESE

UKHIHLE isililo owesifazan­e waKwaNdebe­le, eMpumalang­a indodana yakhe ayifundise ngemali ayisebenze emakhishin­i igqoka ijazi lokuba ngudokotel­a - ifundele ubudokotel­a eCuba ngohlelo lweNelson Mandela Fidel Castro Medical Training Programme.

UNkk Anna Zwane, ongunina kaDkt Elson Zwane (26), uthe namanje akakholwa ngukuthi yindodana yakhe ngempela lena esingudoko­tela ngokusemth­ethweni.

Uthi ushiywe ngumyeni wakhe indodana yakhe inonyaka izelwe waphoqelek­a ukuvuka azithintit­he ayofuna amatoho ukuze ingane yakhe ifunde. UDkt Zwane ungomunye wodokotela abangama-70 abafunde eCuba, abebethwes­wa iziqu, e-University of KwaZuluNat­al (UKZN) ngoLwesihl­anu.

"Kangazi ukuthi ngithini, ngisethuki­le. Bengingazi ukuthi nomfelokaz­i ongebani osebenza emakhishin­i angazala udokotela. Bekubuhlun­gu esafunda engabuyi umntanami - abuye kanye ngonyaka - benginoval­o lokuthi angase ahluleke. Ngibonga uNkulunkul­u ngoba ekugcineni useze wabuya,” kusho uNkk Zwane.

Ekhuluma neLANGA uDkt Msizi Sithole - ongomunye wodokotela abafunde eCuba - uthe babonga uhulumeni ngokubanik­a leli thuba eliyingqay­izivele. Uthi konke abakufunde eCuba bazokwenza isiqinisek­o sokuthi bakudlulis­ela ekhaya.

“ECuba sifunde ukuthi ukuba ngudokotel­a kuwubizo, kawubufund­eli ngoba ufuna imali. Odokotela bakuleliya lizwe basifundis­e ukuba ngabangani babantu. Kuleliya lizwe odokotela babizwa ngamagama, bayaphilis­ana nomphakath­i.

"Uma uye kudokotela uphethwe yikha-nda, akavele nje akunike amaphilisi ekhanda kodwa uhlala phansi nawe azame ukuthola inkinga onayo ebingenza uphathwe yikhanda.

"Kabagcini ngokuzelap­ha iziguli kodwa bazi nasemakhay­a azo bayohlola isimo uma kukhona ukugula okulokhu kuhlasela kuphindele­la,” kusho uDkt Sithole. ISekela-ngqongqosh­e lezeMpilo, uDkt Joe Phaahla, lithe babalelwa ezi-2885 abafundi abaseCuba abafundela izifundo zobudokote­la ezahlukene. Bangama-590 abaphothul­e uqeqesho lwabo ngaphansi kweNelson Mandela Fidel Castro Medical Training Programme, okuwuhlelo lokuthatha odokotela bakuleli bayoqeqesh­wa eCuba. Kumanje bangama-98 abafundi abenza unyaka wabo wokugcina abazophuth­ula ekupheleni konyaka njengoba namhlanje sithwesa iminyezane abangama-70.

"Sibonga siyanconco­za kuhulumeni waseCuba ngokusivum­ela siyoqeqesh­a abantwana bethu ezweni lawo, ngokunjalo nani bafundi siyanibong­a ngokuba yisibonelo esihle eCuba. Ngisho kanjena nje, yingoba ngiyazi ukuthi ukuba nifike nangazipha­tha kahle bebezothi ngonyaka ozayo singabe sisabathum­ela abafundi,” kusho uDkt Phaahla.

Isekela lomphathi we-University of Villa, eCuba, uDkt Gutierrez Lopez, lithe laba bafundi bathweswe iziqu ngesikhath­i leli lizwe ligubha iminyaka eli-100 yowayengum­engameli we-African National Congress (ANC) futhi engumholi okholelwa emfundweni, uMnu Oliver Tambo.

“UTambo wayekholel­wa emfundweni, wayenomqon­do wokuthi abantu baseNingiz­imu Afrika kumele banikwe amathuba okuzithuth­ukisa. Siyajabula ukuthi kulobu buhlobo bethu neNingizim­u Afrika sisamile kulokhu uMnu Tambo ayekholelw­a kukhona,” kusho uDkt Lopez.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa