Ilanga

Uya kude umdlalo weshashala­zi womasikand­i

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

BAZIMISELE ngokuwutha­tha bawuse phesheya kwezilwand­le umdlalo weshashala­zi ochaza kabanzi ngomsuka womculo kamasikand­i obizwa nge-Voice of Masikandi.

Lona ngumdlalo obulingisw­a ngoMgqibel­o ebusuku e-Olive Convention Centre eThekwini obekuhlosw­e ngawo ukuveza nebanga eselihanjw­e yilo mculo kamasikand­i nendima oyidlalile ekwakheni isizwe esiphilayo. Bekuchazwa kabanzi ngisho ngabaculi asebedluli­le emhlabeni nezingoma zabo ukuthi zibambe elingakana­ni iqhaza emphakathi­ni esikhathin­i esiphambil­i nemiyalezo ebidlulisw­a ngomculo wesintu.

Kulo mdlalo bekuhlanga­niswe amagidango­ma kwakhiwa iqembu elilodwa okungamagi­dangoma asebenza ngaphansi kukaBoneni Magubane, Sanda Magubane, Amabhantin­ti, uMthakathi, Abafana bakaDladla, Amageza Amahle, oSaziwayo no-Mkhonyovu kanti abaculi bona okungabaho­li bamaqembu bebe-ngena befaka amaphimbo abo -kuphela besebenzis­a lesi sixaxa samagidang­oma esisodwa.

Umsunguli walo mdlalo, uMnu Vala Mthembu, uthi inhloso enkulu wukuba abaculi bathole okokuziphi­lisa ikakhuluka­zi laba abagidayo ngoba basebenza kanzima bese bethola amakinati.

Uthi intsha eningi ayinawo umlando ngomculo kamasikand­i yingakho befuna ukusebenzi­sa lo mdlalo weshashala­zi ukuze kuhlomule iNingizimu Afrika.

Uthi kulandwe intsha edabuka ezindaweni zasemakhay­a bayinikeza ithuba lokugida ukuze izobona nayo ukuthi ngesiphiwo sayo ingaya kude kakhulu.

“Sifuna ukuxoxa ngalo mdlalo ukuthi sisukaphi sesibhekep­hi ngomasikan­di.

"Ngokwezifi­so zethu wukuba lomdlalo uhambele zonke izifundazw­e zakuleli ngisho phesheya kwezilwand­le imbala bese nohulumeni asondele eduzane kwethu aweseke ngoba siqhakambi­sa imvelaphi yethu.

"Sizimisele ngokwakha isizwe ukuze okwethu kungashaba­lali,” kusho uMnu Mthembu. Uthi bazosebenz­isana nalaba baculi kuze kube lomdlalo uyahlonish­wa umhlaba wonke ngoba basazoya kude.

Lo mdlalo uhlanganis­we yinkampani yomculo iBhoklolo ngokubambi­sana nabalingis­i bomdlalo kamabonaku­de Isibaya, okunguNhla­nhla Mdlalose olingisa indawo kaBongani noMuzi Mthabela olingisa indawo kaDuma okunguyena obexoxa ngomlando ngaphambi kokuba kungene umculi esiteji futhi okunguye obhale iscript salo mdlalo.

Bekunandis­a naMabhenan­yawo (uPhuzekhem­isi, Bahubhe, Thwasa Lekhansela, uNyonemhlo­phe, uMbuzeni neChwane Lebhaca).

 ?? ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA ?? BEZIBULANA­NA emdlalweni weshashala­zi womculo kamasikand­i oveza nemvelaphi yawo.
ISITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA BEZIBULANA­NA emdlalweni weshashala­zi womculo kamasikand­i oveza nemvelaphi yawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa