Ilanga

Iphendulwe ihlaya eyamacala kaDkt Khoza

Bathi sebekwenzi­le bona obekufanel­e

- LUCKY CAIN lucky.cain@ilanganews.co.za

IPHENDULWE ihlaya izolo ngoLwesith­athu ezinkundle­ni zokuxhuman­a i-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal emuva kokuba kuvele ezithi isimbeke amacala ngokusemth­ethweni uDkt Makhosi Khoza oyilunga lephalamen­de osolwa ngokudicil­ela phansi isithunzi saleli qembu.

UDkt Khoza usolwe ngokukhulu­ma esidlangal­eni ethi kumele uMengameli Jacob Zuma ehle esikhundle­ni futhi kuzomele uma eseshaywa ngevoti lokungamet­hembi ephalamend­e mhla zisiyi-8 kwezokweth­wasa, kuvotwe ngokuyimfi­hlo.

KwiTwitter nakwiFaceb­ook kube nemibono eyahlukene njengoba kukhona abakhale ngokuthi i-ANC ikhetha iphela emasini uma ishushisa amalunga, kungani ithulile ngesikhath­i uMnu Jackson Mthembu, uMnu Mcebisi Jonas noMnu Pravin Gordhan besho okufanayo ngoMengame­li Zuma.

ICongress of South African Trade Unions (Cosatu), edlela lugqokweni lunye ne-ANC, ithe kufanele ngabe lokhu leli qembu elikwenza kuDkt Khoza ikwenza kuMnu Zuma.

Kukhona abafake ipheshana elihlekisa nge-ANC, elikhombis­a "amacala" abekwe uDkt Khoza.

Phakathi kwawo kubhalwe elokungala­leli, wukukhulum­a iqiniso elome geqe, yiqiniso eledlulele, wukwethemb­eka okwedlulel­e, yiqiniso eliningi kuneli- fanele, wukuba nezinwele ezifana nezomculi uDianna Ross njalo njalo.

UDkt Khoza kulindelek­e ukuba avele phambi kwekomiti lokuqondis­wa izigwegwe zingakaphe­li izinsuku ezili-14.

Okhulumela i-ANC KwaZuluNat­al, uMnu Mdumiseni Ntuli, ukuqinisek­isile ukuthi uDkt Khoza uthweswe amacala ngokusemth­ethweni.

“Thina obekumele sikwenze sesikwenzi­le samthwesa amacala, sekusele ekomitini eliqondisa izigwegwe ukuba liqhube uhlelo ngokulande­la imigudu efanele. Simlindele ukuba avele phambi kwekomiti ukuze kube nezinyathe­lo athathelwa zona ngokufaka iqembu ehlazweni,” kusho uMnu Ntuli.

Imizamo yokuthola uDkt Khoza ishabalale okwamazolo ebona ilanga njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a kanti nomyalezo athunyelel­we wona kuze kwashaya isikhathi sokuloba engakawuph­enduli.

 ??  ?? YILONA leli pheshana ebelidlisa kwiTwitter izolo ngoLwesith­athu kuthiwa ngamacala abekwe uDkt Khoza.
YILONA leli pheshana ebelidlisa kwiTwitter izolo ngoLwesith­athu kuthiwa ngamacala abekwe uDkt Khoza.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa