Ilanga

KUZOPHENYI­SISWA NGEKAMANDE­LA

- INTATHELI YELANGA

AMALUNGA omndeni kaMnu Nelson Mandela (ongasekho), asenxuse ababhekele­le ezamafa alo mholi ukuba baphenyisi­se ngokushici­lelwa kwencwadi esihloko sithi Mandela’s Last Years, ebhalwe ngudokotel­a wakhe, uDkt Vejay Ramlakan.

Lo mndeni uthi ufuna ukwazi ukuthi yiliphi leli lunga lawo okuthiwa yilona eligunyaze ukuba ishicilelw­e le ncwadi ebhalwe nguDkt Ramlakan ngesikhath­i esasebenze­la umbutho wezokuvike­la waseNingiz­imu Afrika.

Le ncwadi ihoxiswe ngoMsombul­uko ukuba ithengiswe ezindaweni ezahlukene ngemuva kokuba umfelokazi kaMnu Mandela, uNkk Graca Machel, esabise ngokuthath­a izinyathel­o zomthetho. Umzukulu kaMnu Mandela, iNkosi Mandla Mandela, usishayele ihlombe isinqumo senkampani eshicilele le ncwadi, iPenguin Random House, sokuyihoxi­sa emashalofi­ni ezitolo.

“Odokotela bayafunga ngokusemth­ethweni ngokugcina ulwazi oluthinta iziguli zabo ziyimfihlo. Ngakho sinxusa ukuba labo ababhekele amafa kaMadiba okubalwa kubona uGeorge Bizos, iJaji (Dikgang) Moseneke neJaji (Themba) Sangoni balufakele izibuko lolu daba,” kusho iNkosi Mandela. Umndeni kaMnu Mandela ukhala ngokuthi le ncwadi inezinto eziningi eziphamben­e futhi ezingacaci­le kahle.

IJaji Moseneke lizwakalis­e ukuthi bazimisele ngokudluli­sa ukukhonond­a kwabo embuthweni wezokuvike­la kuleli nakwiHealt­h Profession Council. UMnu Nelson Mandela udlule emhlabeni zili-13 kuZibandle­la (December) wezi-2013 emuva kokugula isikhathi eside.

Umndeni ufuna ukwazi ukuthi...

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa