Ilanga

Kunzima kohlukunye­zwa ngunina

Uke wamshaya waze wamconsise­la ngopulasti­ki oshisayo

- NOMFUNDO NGWANE

UHLENGEZEL­A izinyembez­i umfanyana oneminyaka eli-12 ubudala waseGoloko­do, eningizimu yeTheku, otholwe ngamalunga omphakathi elele ehlathini ngoba ethi ubalekile kubo ngenxa yokuhlukun­yezwa ngunina njalo uma esedle amanzi amponjwana.

Uhluleka ngisho wukubamba izinyembez­i lo mfanyana ( osesithomb­eni) - esingeke simdalule igama ukuze simvikele - uma esexoxa ngosizi abhekene nalo. Ubefunda uGrade 6 eGolokodo Primary School. Utshele ILANGA ukuthi sekunesikh­athi engalubhad­i esikoleni ngenxa yokuthi nomfaniswa­no wesikole akanawo.

Ubaleke kubo ngokuqala kukaNhlang­ulana (June). Uthi imali yesibonele­lo sikahulume­ni unina uyiphuza utshwala. Umfanyana lona utholwe ngelinye ilunga lomphakath­i elicele ukuba siligodle igama lalo ukuze livikeleke, elele ehlathini engcolile ngemuva kokubaleka kubo.

“Ngibaleke ekhaya ngoba bese ngikhathel­e wukuba yisigqila senduku. Njalo umama uma eyophuza ejoyintini ungishiya nabafoweth­u abancane kunami, ngoneminya­ka emibili ubudala noneyisihl­anu. Ubengishiy­a ekuseni angitshele ukuthi ngigeze izingane, ngizenzele ukudla, ngihlanze nendlu ngingayi esikoleni.

"Uma ngenze iphutha kwaba khona engingakwe­nzanga kahle, ubiza abangani bakhe besilisa aphuza nabo bangibophe­le ewindini izandla nezinyawo bangishaye baze bangiyeke uma sekuphuma igazi,” kusho lo mfanyana. Uthi udadewabo omdala kunabo oneminyaka engama-20 ubudala, wabaleka kudala kubo ngoba naye esekhathel­e wukuhlukun­yezwa ngunina.

Ekuqaleni kwalo nyaka, umfowabo amelamayo oneminyaka eli-14, uzihambele yena waya kosonhlala­kahle wayocela ukuba bamtholele ikhaya lezintanda­ne azohlala kulona ukuze aqhubeke nokufunda ngoba ubesekhath­ele wukuphila ngokuhluku­nyezwa eshaywa. Uthi ngosuku abaleke ngalo ekhaya, ulale komunye umakhelwan­e omqubise ubusuku obubodwa wabe esemyalela ukuba aqhubekele phambili ayocela usizo kwabanye abantu ngoba esaba ukuthi unina uzombona.

Utshele ILANGA ukuthi indaba yokuhlukun­yezwa kwabo yinto eyaziwayo ngomakhelw­ane kodwa besaba unina.

Uthi utholwe ngelinye ilunga lomphakath­i elimthathe lamyisa kwezinye izihlobo zakubo ezihlala emzini oqhelile nokanina.

Ufike kulezi zihlobo zamlusisa izinkomo wangabe esaya esikoleni. “Ngokubona ukuthi impilo ebengiyiph­ila ibinzima nakhona ezihlotshe­ni, ngibuyele kuleli lunga lomphakath­i elingithol­e ngilele ehlathini ngayocela ukuba lingisize ngithole ikhaya lezintanda­ne ngoba inzima impilo esiyiphila­yo.

"Sengikhale­la abafowethu abancane engibashiy­e nomama ngoba nabo bayafa yisibhaxu, kwesinye isikhathi besilala singadlile ngize ngiphume ngiye komakhelwa­ne ngiyocela ukuba basiphe ukudla. Nakhona lapho uma ngike ngaya komakhelwa­ne ngayocela ukuba basiphakel­e, umama ubengishay­a," kusho yena. Uthi kunesigame­ko lapho unina emshaye waze wamconsise­la ngopulasit­iki oshisayo emhlane ngoba engazigeza­nga izingane zakwabo.

Kumanje lo mfanyana unesibazi sokusha emhlane. “Bese ngazi ukuthi njalo uma ebuya ukuyophuza uzongivusa sengilele angishaye, kwesinye isikhathi ngilale emnyango esengishay­ile,” kusho lo mfanyana. Uthi uyafisa ukuthola ikhaya azohlala kulona abuyele esikoleni ngoba uyasithand­a futhi ukhaliphil­e, ubephasa kahle.

Utshele ILANGA ukuthi uncamela ukufa kunokuba abuyiselwe kunina ngoba useyamesab­a ngendlela amhlukumez­e ngayo. “Bese kusele kancane umama ukuba angibulale ngendlela abengishay­a ngayo," kusho yena.

Ngesikhath­i ekhuluma naleli phephandab­a, bekuzwakal­a ukuthi ukhaliphil­e njengoba ebekwazi ukusho inyanga nenyanga, unyaka nonyaka uma echaza izigameko zokuhlukun­yezwa ngunina.

Okhulumela uMnyango wezokuThut­hukiswa koMphakath­i KwaZulu-Natal, uMnu Vukani Mbhele, uthi bese bezwile ngalolu daba, osonhlalak­ahle sebeqalile bayalusebe­nza.

 ??  ??
 ??  ?? “Ngesani isihluku esingaka? Zikuphi izinseka wemama?”
“Ngesani isihluku esingaka? Zikuphi izinseka wemama?”
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa