Kunzima kohlukunyezwa ngunina
Uke wamshaya waze wamconsisela ngopulastiki oshisayo
UHLENGEZELA izinyembezi umfanyana oneminyaka eli-12 ubudala waseGolokodo, eningizimu yeTheku, otholwe ngamalunga omphakathi elele ehlathini ngoba ethi ubalekile kubo ngenxa yokuhlukunyezwa ngunina njalo uma esedle amanzi amponjwana.
Uhluleka ngisho wukubamba izinyembezi lo mfanyana ( osesithombeni) - esingeke simdalule igama ukuze simvikele - uma esexoxa ngosizi abhekene nalo. Ubefunda uGrade 6 eGolokodo Primary School. Utshele ILANGA ukuthi sekunesikhathi engalubhadi esikoleni ngenxa yokuthi nomfaniswano wesikole akanawo.
Ubaleke kubo ngokuqala kukaNhlangulana (June). Uthi imali yesibonelelo sikahulumeni unina uyiphuza utshwala. Umfanyana lona utholwe ngelinye ilunga lomphakathi elicele ukuba siligodle igama lalo ukuze livikeleke, elele ehlathini engcolile ngemuva kokubaleka kubo.
“Ngibaleke ekhaya ngoba bese ngikhathele wukuba yisigqila senduku. Njalo umama uma eyophuza ejoyintini ungishiya nabafowethu abancane kunami, ngoneminyaka emibili ubudala noneyisihlanu. Ubengishiya ekuseni angitshele ukuthi ngigeze izingane, ngizenzele ukudla, ngihlanze nendlu ngingayi esikoleni.
"Uma ngenze iphutha kwaba khona engingakwenzanga kahle, ubiza abangani bakhe besilisa aphuza nabo bangibophele ewindini izandla nezinyawo bangishaye baze bangiyeke uma sekuphuma igazi,” kusho lo mfanyana. Uthi udadewabo omdala kunabo oneminyaka engama-20 ubudala, wabaleka kudala kubo ngoba naye esekhathele wukuhlukunyezwa ngunina.
Ekuqaleni kwalo nyaka, umfowabo amelamayo oneminyaka eli-14, uzihambele yena waya kosonhlalakahle wayocela ukuba bamtholele ikhaya lezintandane azohlala kulona ukuze aqhubeke nokufunda ngoba ubesekhathele wukuphila ngokuhlukunyezwa eshaywa. Uthi ngosuku abaleke ngalo ekhaya, ulale komunye umakhelwane omqubise ubusuku obubodwa wabe esemyalela ukuba aqhubekele phambili ayocela usizo kwabanye abantu ngoba esaba ukuthi unina uzombona.
Utshele ILANGA ukuthi indaba yokuhlukunyezwa kwabo yinto eyaziwayo ngomakhelwane kodwa besaba unina.
Uthi utholwe ngelinye ilunga lomphakathi elimthathe lamyisa kwezinye izihlobo zakubo ezihlala emzini oqhelile nokanina.
Ufike kulezi zihlobo zamlusisa izinkomo wangabe esaya esikoleni. “Ngokubona ukuthi impilo ebengiyiphila ibinzima nakhona ezihlotsheni, ngibuyele kuleli lunga lomphakathi elingithole ngilele ehlathini ngayocela ukuba lingisize ngithole ikhaya lezintandane ngoba inzima impilo esiyiphilayo.
"Sengikhalela abafowethu abancane engibashiye nomama ngoba nabo bayafa yisibhaxu, kwesinye isikhathi besilala singadlile ngize ngiphume ngiye komakhelwane ngiyocela ukuba basiphe ukudla. Nakhona lapho uma ngike ngaya komakhelwane ngayocela ukuba basiphakele, umama ubengishaya," kusho yena. Uthi kunesigameko lapho unina emshaye waze wamconsisela ngopulasitiki oshisayo emhlane ngoba engazigezanga izingane zakwabo.
Kumanje lo mfanyana unesibazi sokusha emhlane. “Bese ngazi ukuthi njalo uma ebuya ukuyophuza uzongivusa sengilele angishaye, kwesinye isikhathi ngilale emnyango esengishayile,” kusho lo mfanyana. Uthi uyafisa ukuthola ikhaya azohlala kulona abuyele esikoleni ngoba uyasithanda futhi ukhaliphile, ubephasa kahle.
Utshele ILANGA ukuthi uncamela ukufa kunokuba abuyiselwe kunina ngoba useyamesaba ngendlela amhlukumeze ngayo. “Bese kusele kancane umama ukuba angibulale ngendlela abengishaya ngayo," kusho yena.
Ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba, bekuzwakala ukuthi ukhaliphile njengoba ebekwazi ukusho inyanga nenyanga, unyaka nonyaka uma echaza izigameko zokuhlukunyezwa ngunina.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Vukani Mbhele, uthi bese bezwile ngalolu daba, osonhlalakahle sebeqalile bayalusebenza.