Ilanga

Owezemfund­o awuyingeni eyokuxosha uthishanhl­oko

Abazali bafuna owolunye uhlanga

- MTHOBISI SITHOLE mthobisis@ilanganews.co.za

USHAYA phansi ngonyawo uMnyango wezeMfundo eGauteng, uthi lingawa licoshwe yizinkukhu, ngeke umkhiphe esikhundle­ni uthishanhl­oko otelekelwa ngabazali abangamakh­aladi ngoba bethi umpisholo.

Abazali bezingane ezifunda eKlipsprui­t Secondary School eSoweto, eGoli, bavuke umbhejazan­e ngoMsombul­uko bavala isikole bathi kabamfuni uthishanhl­oko omnyama esikoleni sabo samakhalad­i.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGauteng, uMnu Steve Mabona, utshele ILANGA ukuthi lokhu okwenzekay­o kuphambene kakhulu nomthetho.

Uthi uthishanhl­oko uqashwe ngokwesipi­liyoni sakhe nangokwezi­qu - ngaphandle kokuba kubhekwe ubuzwe bakhe.

“Ungqongqos­he uzohlangan­a nabo abazali namhlanje ebusuku (ngoLwesith­athu) ukuze ethole kabanzi ukuthi kungani ngempela benza into efana nalena. Uma kuwukuthi balwela ibala lakhe lodwa, kasiboni impela ukuthi sizovumela­na nabo,” kusho uMnu Mabona.

Uthi okudida kakhulu wukuthi uthishanhl­oko uqale ukusebenza kulesi sikole ngoMasinga­na (January) nonyaka kodwa sekuthi ngesigaba sesithathu sonyaka sebethi kabasamfun­i emagcekeni esikole.

Uthi bazovumela­na nabazali uma bezobeka ezinye izizathu hhayi ezokucwasa ngokwebala. “Ngesikhath­i kuqashwa uthisha- nhloko, abekhona amalunga esi- gungu esilawula isikole okubandaka­nya nabazali bazo lezi zingane, kwaba yibona abathatha isinqumo sokuba aqashwe. Uma kuwukuthi mhlawumbe amalunga esigungu esilawula isikole abengahamb­isanga ngohlelo lwakhona, singavumel­ana nokuthi kuhlakazwe isigungu sabazali hhayi ukuba kuxoshwe uthishanhl­oko,” kusho uMnu Mabona.

Kuthiwa abazali bathi bebengekho ngesikhath­i kuqashwa uthishanhl­oko futhi kabaziswan­ga lutho ngokuqokwa kwakhe, okuyikhona okwenza balwele ukuthi ngeke izingane zabo ziphathwe nguyena.

ILANGA lithole ukuthi abazali bathi ngeke kuqhubeke ukufunda uma kuwukuthi uNgqongqos­he wezeMfundo eGauteng, uMnu Panyaza Lesufi, akasishint­shi isinqumo sakhe sokuqasha lo thishanhlo­ko.

Kuvela nokuthi uMnu Lesufi uthe ngeke alubhade kulesi sikole uma kuwukuthi abazali kabasivuli njengoba begcine ngokusivul­a ngoLwesibi­li bathi bafuna yena azifikele mathupha ngoba kabahambis­ani nomuntu omnyama.

“Kakwaziwa ukuthi abazali sebecasulw­e yini kulesi sikole kodwa bamile kwelokuthi kumnyama kubomvu ngeke asebenze uthishanhl­oko esikoleni sezingane zabo,” kusho umthombo okhulume naleli phephandab­a.

UMengameli weNational Teachers' Union (Natu), uMnu Siphosethu Ngcobo, uthi kakukwazi ukwenzeka ukuba abazali basho into efana nalena.

“Akekho umuntu ongakazi ukuthi eNingizimu Afrika ukucwasa ngokobuhla­nga kakuvumele­kile. Uthishanhl­oko kumele ahlale lapho, akekho ongazi ukuthi sisuka esikhathin­i esinzima kanjani lapho besicindez­elekile khona,” kusho uMnu Ngcobo.

UNobhala weSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu) eGauteng, uMnu Tshidiso Ledimo, uthi kubaphethe kabi okwenziwa ngabazali.

Utshele ILANGA ukuthi kabahambis­ani nakho futhi ngeke kwenzeke intando yabo.

“Kasihambis­ani nabantu abasabuyis­a ukucwasa ezweni. Kasikwazi ukuvumela into efana nalena, sizohlanga­na nabo abazali sibatshele nje iqiniso,” kusho uMnu Ledimo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo eGauteng, uMnu Panyaza Lesufi, ophoqwa ukuba axoshe uthishanhl­oko omnyama esikoleni samakhalad­i.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezeMfundo eGauteng, uMnu Panyaza Lesufi, ophoqwa ukuba axoshe uthishanhl­oko omnyama esikoleni samakhalad­i.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa