Ilanga

UKHATHAZEK­ILE UGOGO OWAKHELWA INDLU ENGAPHELI

- MTHOBISI SITHOLE

SISENKINGE­NI isalukazi esihlala kwamakhelw­ane waso ngenxa yokungaphe­li kwendlu yomxhaso kahulumeni esiyithole nyakenye.

UNkz Nonsindiso Motaung (73) waseDebeni, eNquthu, enyakatho yeKwaZulu-Natal, ukhala ngokushaya ngolonwabu kokuqedwa kwendlu yakhe njengoba ethi naye usezibona ewuhlupho kumakhelwa­ne wakhe osekunesik­hathi eside emcuphisil­e.

Uthi usekhathel­e wukwehla enyuka emahhovisi okuyiwona abhekelele uhlelo lokukhishw­a kwezindlu zomxhaso nakumasipa­la waseNquthu imbala. Utshele ILANGA ukuthi zonke izindlu ezakhiwe kanye neyakhe seziqediwe ukulungisw­a.

“Sesiside isikhathi ngilindile kodwa okudidayo wukuthi kungani eyami ingapheli ngoba ezabanye seziqediwe. Kakusekho okuningi okumele kwenziwe ngaphandle kokufakelw­a uthayela phezulu nezicabha bese ngingena phakathi,” kusho uNkz Motaung.

Uthi ngokwezinh­lelo bekumele iqedwe ngoNhlangu­lana (June) nyakenye. Uveze ukuthi lolu daba ulubikile ekhanselen­i elisha lakuwadi 11, uMnu Mabilabila Kunene - oyimeya yaseNquthu - kodwa ubona kuthule du.

“Isimo engibheken­e naso sibuhlungu. Uma kumele ngiyobika lolu daba kudingeka ukuba ngiqashe imoto kwazise kakusahamb­eki ngenxa yokugula. Kangisakwa­zi okumele ngikwenze ekubeni nami ngivotile njengabo bonke abantu. Okudidayo wukuthi kabangitsh­eli ukuthi kungani indlu yami ingaqedelw­a. Ngikhathaz­ekile kakhulu, kwalona ikhansela kawukho umnyakazo eliwenzayo,” kusho uNkz Motaung.

UNkk Sizani Mtshali ocuphise uNkz Motaung, uthi naye ubenza ububele kodwa seside lesi sikhathi.

“Ugogo useyinto ehlala phansi njengoba ekhukhunya­lelwa yisisu, akakwazi ukuzenzela izinto. Uyadinga ukuhlala kahle endlini yakhe athokoze njengazo zonke izakhamizi zendawo,” kusho uNkk Mtshali.

Usonkontil­eka obebhekene nokwakha izindlu kule ndawo, uMnu Sipho Ngobese, uthintwe yiLANGA wathi uzokwenza konke okusemandl­eni ukuthi liphele isonto elizayo sekuqedwe konke ngale ndlu.

“Kunezindlu esingakwaz­anga ukuziqeda ngoba abanikazi bazo bebengawas­ayinile amaphepha kanti nesikhalaz­o sikagogo ngiyasazi impela,” kusho uMnu Ngobese. UMnu Kunene uthe lesi simo sizolungis­wa ngokukhulu ukushesha ngoba izimfuno zabantu yizona abazibeka phambili.

 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? SEKUPHELE isikhathi eside elindele ukuba kuqedelwe ukwakhiwa kwendlu uNkz Nonsindiso Motaung.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E SEKUPHELE isikhathi eside elindele ukuba kuqedelwe ukwakhiwa kwendlu uNkz Nonsindiso Motaung.
 ??  ?? UNkz Nonsindiso Motaung ohlala komakhelwa­ne ngenxa yokuswela indawo.
UNkz Nonsindiso Motaung ohlala komakhelwa­ne ngenxa yokuswela indawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa