Ilanga

Uvalo emaphoyise­ni aseMzimkhu­lu

Aseke angenelwa yizigebeng­u esiteshini

- THANDEKA NGOBESE

ADLIWA yingebhe amaphoyisa asesiteshi­ni sase-Ibisi, eMzimkhulu, eningizimu yeKwaZulu-Natal njengoba ethi sekuphele iminyaka esebenza ngamaveni angenabo o-ova.

La maphoyisa athi uma ebizwe ukuyoseben­za ebusuku, asebenza enetwetwe esaba ukuthi izigebengu asuke eyozifuna zingawahla­sela aze afe engatholi ngisho usizo eziteshini eziseduze njengoba engakwazi ukuxhumana nesiteshi uma esebenzela ngaphandle.

Ngokusho kwelinye iphoyisa elisebenza kulesi siteshi - elicele ukuba igama lalo ligodlwe ukwenzela ukuphepha - amaphoyisa amaningi kawasafuni ukuyoseben­za ngaphandle ngenxa yale nkinga.

"Kayikho into elungile kulesi siteshi njengoba neziboshwa zimpintshw­a esitokisin­i esisodwa ngoba zonke ezinye kazikho esimeni futhi kade kwakubikwa zingalungi­swa. Ugesi egcekeni kawukho, kumnyama bhuqe kusukela ngowezi-2013.

"Iziboshwa zingeqa singazibon­i ngisho ukuzibona. Kulesi siteshi kuke kwangena izigebengu zizofuna izibhamu kozakwethu ababeseben­za ebusuku ngenhlanhl­a bakwazi ukuzivikel­a kwangalima­la muntu. Lesi sigameko senzeke ngowezi-2015 kodwa namanje udonga lusezimbob­ombobo yizinhla- mvu kalulungis­wa,” kusho leli phoyisa.

Umphathi walesi siteshi, uLt Colonel Bheki Mbanjwa, ebuzwa ngalolu daba uthe akafuni ukuyikhulu­ma le isingaphez­u kwakhe. Ucele ukuba kuthintwe u-cluster commander ngoba zonke izinkinga ababhekene nazo uyazazi, kazizintsh­a. Uthe kodwa olwamalamb­u akhanyisa ngaphandle seluyalung­iswa, kungekudal­a kuzobe sekukhaya esiteshini.

U-cluster commander, uBrigadier Thobekile Shazi, uthe ngamanga aluhlaza ukuthi kabekho o-ova futhi kakukhanyi esiteshini. Uthi bebengeke bathule bengayibik­i inkinga enkulu kanjalo.

“Uyabona nje, ngoLwesihl­anu besihlange­ne esiteshini sase-Ibisi kukhona nongqongqo­she ababili okungowezo­kuphepha, uMnu Mxolisi Kaunda nowezokubu­sa nokubambis­ana, uNkk Nomusa Dube-Ncube, siyokhulum­a ngalolu daba lwala makhansela adutshuliw­e. Akekho oke wangibikel­a inkinga enjalo. Umasiteshi walesi siteshi naye ubekhona emhlanganw­eni ubengeke angayisho leyo nto,” kusho uBrigadier Shazi.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa